Ababonisi Bayahola—Umbonisi Wenkonzo
1 Umbonisi wenkonzo unesithakazelo esijulile kukho konke okuhlobene nentuthuko yomsebenzi wokushumayela ivangeli ensimini eyabelwe ibandla. Ngakho unendima ebalulekile ekusisizeni ukuba sifeze umthwalo wethu wemfanelo wokushumayela izindaba ezinhle. Njengomshumayeli wevangeli oshisekayo, uyahola ekuhleleni zonke izinto ezihlobene nenkonzo. Njengomfundisi onekhono, usiza abamemezeli ngabanye ukuba baphumelele ngokwengeziwe enkonzweni.—Efe. 4:11, 12.
2 Lo mdala wengamela ngokuqondile umsebenzi wezinceku ezikhonzayo ezabelwe ukunakekela izincwadi, omagazini namasimu. Unomthwalo wemfanelo wokuqiniseka ukuthi kunezincwadi, omagazini, namafomu enkonzo okwanele esizokusebenzisa inyanga ngayinye. Kanye ngonyaka ubukeza ifayili yensimu, ehlola amakheli amakhaya esiye satshelwa ukuba singangeni kuwo, abese abela abazalwane abafanelekayo ukuba bahambele lawo makhaya.
3 Umbonisi wenkonzo unomthwalo wemfanelo wokuqondisa ezicini ezihlukahlukene zokushumayela, kuhlanganise ukushumayela ezindaweni zamabhizinisi, emgwaqweni nokufakaza ngocingo. Uphaphamela ukuhlela amalungiselelo asebenzisekayo okuhlangana ukuze kwenziwe inkonzo phakathi nalo lonke isonto, kuhlanganise nangamaholide. Ubonisa isithakazelo esiqotho emsebenzini wezifundo zeBhayibheli. Ufuna izindlela zokunikeza usizo olungokomoya kulabo abangaphumi njalo noma abangasahlanganyeli enkonzweni. Ukhathalela ngentshiseko umsebenzi wamaphayona, futhi ahlole isimiso esithi Amaphayona Asiza Abanye.
4 Njengelungu leKomiti Yenkonzo Yebandla, umbonisi wenkonzo usikisela noma iluphi ushintsho emaqenjini eSifundo Sencwadi Sebandla. Lapho ehambela iqembu okulo, qiniseka ukuthi uba khona futhi uhlanganyela naye enkonzweni yasensimini.
5 Bonke ebandleni kufanele babambisane ngokuzimisela nesiqondiso esinikezwa umbonisi wenkonzo. Lokhu kuyosisiza ukuba siphumelele ngokwengeziwe emsebenzini wokwenza abafundi futhi sithole injabulo eyengeziwe enkonzweni yethu.