IBhokisi Lemibuzo
◼ Umbonisi wenkonzo angawunakekela kanjani umsebenzi wezinceku ezikhonzayo eziphatha izincwadi nomagazini?
Isithakhazelo sombonisi wenkonzo asigcini nje kuphela ekuhambeleni amaqembu ezifundo zencwadi nyanga zonke nokuhlela imihlangano yenkonzo yasensimini yasikhathi sonke. Lomdala oshisekayo unesithakazelo esiqotho kukho konke okungathinta intuthuko yomsebenzi wokushumayela ensimini eyabelwe ibandla.
Uyoqiniseka ukuthi inyanga ngayinye izincwadi nomagazini bomkhankaso abanele bayatholakala nokuthi basesimweni esihle kakhulu. Ukuze afeze lokhu unakekela eminingi yemithwalo yemfanelo yezinceku ezikhonzayo ezabelwe ukunakekela izincwadi nomagazini.
Umbonisi wenkonzo unakekela ngokukhethekile izaziso zomkhankaso wezincwadi olandelayo lapho zivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Yena kanye nomzalwane ophatha izincwadi basebenza ngokuseduze ukuze baqiniseke ukuthi inani elanele lezincwadi liyotholakala ukuze lisetshenziswe, kodwa kumelwe baqaphele banga-odi eziningi ngokweqile. Uma incwadi izosetshenziswa ngokokuqala ensimini noma uma izofundwa ngokushesha ebandleni, lezici kufanele zicatshangelwe lapho kwenziwa i-oda eNhlanganweni. Uma incwadi ibike yahanjiswa ngaphambili, umbiko webandla wenkonzo yasensimini womkhankaso owedlule uyobonisa ukuthi izincwadi ezikhona zanele noma cha. Eqinisweni, kufanele futhi kucatshangelwe izici ezinjengenani labamemezeli abayobe bekhonza njengamaphayona asizayo kuleyonyanga kanye nokwanda kwenani labamemezeli namaphayona avamile kusukela esikhathini leyoncwadi eyagcina ngaso ukuhanjiswa. Izincwadi kufanele zitholakale kokubili ngaphambi nangemva kwemihlangano yebandla. Amabhokisi ezincwadi kufanele agcinwe kahle endaweni ehlanzekile, eyomile futhi apakwe ukuze kugwenywe noma yikuphi ukulimala.
Umbonisi wenkonzo uyobambisana futhi nomzalwane onakekela omagazini. Ngezikhathi ezithile, umbonisi wenkonzo nomzalwane ophatha omagazini kufanele baqhathanise inani lomagazini aba-odiwe inyanga ngayinye nenani lomagazini abahanjiswayo enkonzweni. Kungenzeka ukuthi abanye abamemezeli kufanele banciphise ama-oda abo siqu kamagazini uma beqhubeka benqwabelana emakhaya abo. Omagazini akumelwe basetshenziswe ngokungeyikho.
Ecabanga ngalezimiso ezifanayo, umbonisi wenkonzo kufanele ahlole ngokwakhe inani lezincwadi zomkhankaso ibandla elizi-odayo efomini iLiterature Order (S-AB-14). Uyobe esedlulisela ifomu kunobhala webandla, oyohlolisisa lonke ifomu, ebhekisela ukunakekela okukhethekile enanini lezinto ezi-odwa ngokulinganisela ezisohlwini.
Yebo, isilinganiso esithile somsebenzi wokubhala siyadingeka ekunakekeleni ngokufanelekile izincwadi nomagazini. Uma abazalwane ababelwe banemibuzo ngokuqondene nokusebenzisa kwabo amafomu nokugcina amarekhodi, unobhala uyokujabulela ukubasiza kulesici somsebenzi wabo.