Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/92 k. 1
  • Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Zethu Ezisekelwe EBhayibhelini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ukuhambisa Izincwadi Ensimini Enezilimi Eziningi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ukubonisa Ukwazisa Ngezincwadi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 11/92 k. 1

Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?

1 Amadayimane kanye namanye amatshe ayigugu awasilo nje igugu ngenxa yobuhle bawo kodwa futhi ngenxa yezindleko eziphakeme zokuwathola nokuwamba. Ulwazi ngoJehova noJesu Kristu lunenani ngisho nelingaphezulu, futhi izincwadi zethu yizona kuphela emhlabeni ezichaza lengcebo engokomoya ngokujulile nangokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. (Roma 11:33; Fil. 3:8) Singakubonisa kanjani ukwazisa kwangempela ngezincwadi zethu?

2 Enye indlela yokubonisa ukwazisa iwukuhambisa izincwadi zethu ngokukhululekile kubantu esihlangana nabo enkonzweni yasensimini. Abantu abaningi bebengajabula kakhulu uma othile ebapha idayimane noma itshe eliyigugu. Yiqiniso, ekuqaleni bangase bangazibheki ngaleloso izincwadi zethu njengoba bebengenza ngedayimane, kodwa labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya ngokushesha bayokubona ukuba kwazo igugu langempela. Lapho siqhuba izifundo ngezincwadi zethu, abantu bayasizwa ukuba bafunde lokho iBhayibheli elikufundisayo futhi kuvuleka indlela ngabo yokwakha ubuhlobo noJehova. Inzuzo yangempela engase itholwe ezincwadini zethu ixhomeke endleleni ezisetshenziswa ngayo.

3 Kufanele futhi siphaphamele amathuba amaningi esingase sibe nawo okuhambisa izincwadi ekufakazeni ngokwethukela. Cabanga ngezindlela zokufakaza ezivakashini, izihlobo, esisebenza nabo, esifunda nabo, abantu esihlangana nabo lapho siyothenga ezitolo, nalabo esihlangana nabo lapho sisuka kwenye indlu siya kwenye uma sisenkonzweni yasensimini. Hlela kusengaphambili ukuba ube nezincwadi ozozihambisa ngalezozikhathi. Ngokuvamile akunzima ukuphatha eyodwa noma ezengeziwe zezincwadi ezincane. Kuningi okuhle okungafezwa ngokufakaza ngokwethukela.—1 Pet. 3:15.

4 Ngisho nakuba ngokuyinhloko sigxila esiphweni senyanga, singase ngezinye izikhathi sinqume ukusebenzisa incwadi ehlukile. Ekufezeni inkonzo yethu, sifuna ukusiza abanjengezimvu ukuba bangene endleleni eya ekuphileni. Izincwadi zingasisiza ukuba sikwenze lokho. Lapho sixoxa ngemiBhalo nomuntu onesithakazelo, singase sithole ukuthi isihloko esithile siyakhanga kuye. Uma sijwayelene kahle nokwaziswa okuyigugu okusezincwadini ezihlukahlukene, siyokwazi ukushintsha intshumayelo yethu futhi sihambise incwadi ehlobene ngokuqondile nesithakazelo somuntu esixoxa naye. Lokhu kungase kudinge ukuba senze impindelo ngencwadi efanelekile.

5 Izincwadi ezishiywe eshalofini eHholo LoMbuso noma ekhaya lethu aziyifezi injongo yazo, futhi ukuba yigugu kwazo akuqashelwa. Ngisho nomagazini, izincwajana ezingangomagazini, izincwadi ezinkulu, kanye namapheshana okudala kufanele kusetshenziswe kahle. Sagcina nini ukubala izincwadi esinazo? Singase simangale ukubona ukuthi sinenqwaba engakanani. Ingabe izincwadi esinazo zisesesimweni esikahle—amakhasi awagqwalile yini ngenxa yokuguga, ukudabuka, noma ukungcola? Uma kunjalo, kufanele senze wonke umzamo ukuba sizihambise enkonzweni yasensimini. Izincwadi ezingekho esimweni esihle singazigcinela ukuzisebenzisela zona thina siqu noma sizilahle ngendlela efanelekile.

6 Njalo cabanga ngokucophelela ngezincwadi ozozidinga ensimini. Ngezinye izikhathi singase sikudebeselele ukuthola kusenesikhathi isipho senyanga endaweni yezincwadi. Ukulungiselela kahle kanye nokuhlela kuyadingeka uma sifuna ukuqikelela ukuthi sinesipho sencwadi senyanga esanele kanye nezinye izinhlobo zezincwadi ezidingekayo ensimini yethu. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma ukhonza njengephayona elisizayo noma elivamile ebandleni.

7 Izincwadi zethu ziyigugu kakhulu lapho sizihambisa kubantu abalazisayo iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Khona-ke kwangathi sonke singabonisa ukuthi siyazazisa kakhulu izincwadi zethu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela