IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini enqumayo ukuthi siyamnika yi-ni umuntu incwadi noma cha?
Okunqumayo ngokuyinhloko ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo. Uma ebonisa isithakazelo sangempela, singase simnikeze omagazini ababili, incwajana, incwadi noma okunye esisuke sikuhambisa. Lokhu kunjalo ngisho noma siqaphela ukuthi unemali encane yokunikelela umsebenzi womhlaba wonke noma akanayo nhlobo. (Jobe 34:19; IsAm. 22:17) Ngakolunye uhlangothi, ngeke sibanike abantu abangenakwazisa izincwadi zethu eziyigugu.—Math. 7:6.
Singabona kanjani ukuthi umninikhaya unesithakazelo? Ukuzimisela kwakhe ukukhuluma nathi kuwuphawu oluhle. Ukusinaka njengoba sikhuluma naye, ukuphendula imibuzo nokuveza umbono wakhe kubonisa ukuthi uhilelekile engxoxweni. Ukuhambisana kwakhe nathi njengoba sifunda iBhayibheli kubonisa ukuthi uyalihlonipha iZwi likaNkulunkulu. Ngokuvamile, kuyasiza ukumbuza ukuthi uzoyifunda yini incwadi esimnika yona. Abamemezeli kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle ekunqumeni ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo. Ngokwesibonelo, lapho sifakaza emgwaqweni ngeke kufaneleke ukunikeza noma ubani nje odlulayo omagazini, izincwajana noma izincwadi. Uma singakwazi ukubona ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo, kuyoba ngcono simnikeze ipheshana.
Ngokufanayo, inani lezincwadi ummemezeli azithathayo endaweni yezincwadi kufanele linqunywe izidingo zakhe enkonzweni, hhayi ukuthi unamandla angakanani okunikela. Iminikelo akuyona eyokukhokhela izincwadi kodwa eyokusekela zonke izici zomsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke. Kungakhathaliseki ukuthi simi kanjani ngokwezimali, ukwazisa kuyosishukumisela ukuba siphe ngesandla esivulekile ekusweleni kwethu hhayi enaleni yethu, ukuze sisekele izithakazelo zoMbuso. (Marku 12:41-44; 2 Kor. 9:7) Kuyosishukumisela nokuba sithathe izincwadi esizidingayo kuphela, ngaleyo ndlela sigweme ukusaphaza.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 2]
Abamemezeli kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle ekunqumeni ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo