Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/11 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Ezisekelwe EBhayibhelini
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Zethu Ezisekelwe EBhayibhelini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ukuhambisa Izincwadi Ensimini Enezilimi Eziningi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 12/11 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Yini enqumayo ukuthi siyamnika yi-ni umuntu incwadi noma cha?

Okunqumayo ngokuyinhloko ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo. Uma ebonisa isithakazelo sangempela, singase simnikeze omagazini ababili, incwajana, incwadi noma okunye esisuke sikuhambisa. Lokhu kunjalo ngisho noma siqaphela ukuthi unemali encane yokunikelela umsebenzi womhlaba wonke noma akanayo nhlobo. (Jobe 34:19; IsAm. 22:17) Ngakolunye uhlangothi, ngeke sibanike abantu abangenakwazisa izincwadi zethu eziyigugu.—Math. 7:6.

Singabona kanjani ukuthi umninikhaya unesithakazelo? Ukuzimisela kwakhe ukukhuluma nathi kuwuphawu oluhle. Ukusinaka njengoba sikhuluma naye, ukuphendula imibuzo nokuveza umbono wakhe kubonisa ukuthi uhilelekile engxoxweni. Ukuhambisana kwakhe nathi njengoba sifunda iBhayibheli kubonisa ukuthi uyalihlonipha iZwi likaNkulunkulu. Ngokuvamile, kuyasiza ukumbuza ukuthi uzoyifunda yini incwadi esimnika yona. Abamemezeli kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle ekunqumeni ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo. Ngokwesibonelo, lapho sifakaza emgwaqweni ngeke kufaneleke ukunikeza noma ubani nje odlulayo omagazini, izincwajana noma izincwadi. Uma singakwazi ukubona ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo, kuyoba ngcono simnikeze ipheshana.

Ngokufanayo, inani lezincwadi ummemezeli azithathayo endaweni yezincwadi kufanele linqunywe izidingo zakhe enkonzweni, hhayi ukuthi unamandla angakanani okunikela. Iminikelo akuyona eyokukhokhela izincwadi kodwa eyokusekela zonke izici zomsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke. Kungakhathaliseki ukuthi simi kanjani ngokwezimali, ukwazisa kuyosishukumisela ukuba siphe ngesandla esivulekile ekusweleni kwethu hhayi enaleni yethu, ukuze sisekele izithakazelo zoMbuso. (Marku 12:41-44; 2 Kor. 9:7) Kuyosishukumisela nokuba sithathe izincwadi esizidingayo kuphela, ngaleyo ndlela sigweme ukusaphaza.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 2]

Abamemezeli kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle ekunqumeni ukuthi umuntu unaso yini isithakazelo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela