Ukuhambisa Izincwadi Ensimini Enezilimi Eziningi
1. Kungani amabandla amaningi enesidingo sezincwadi zezilimi zakwamanye amazwe?
1 Ezindaweni eziningi, insimu isiqala ukuba nabantu abavela kwamanye amazwe. Abaningi babo bafunda ngokushesha kakhulu futhi baqonde kangcono uma befundiswa ngolimi lwabo. Yimaphi amalungiselelo akhona okusiza abathakazelayo ukuba bathole izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngolimi abaluqonda kahle?
2. Yikuphi ukubambisana okudingekayo lapho amabandla amabili noma ngaphezulu akhuluma izilimi ezahlukahlukene esebenza insimu eyodwa?
2 Lapho Kufaneleka Khona Ukuzihambisa: Lapho amabandla amabili noma ngaphezulu akhuluma izilimi ezihlukene esebenza insimu eyodwa, izindikimba zabadala ezihilelekile ziyobambisana nababonisi benkonzo ekwenzeni ilungiselelo elivumelana nawo wonke amabandla ukuze iqembu lolimi ngalunye linikezwe ubufakazi obuphelele. Lapho nishumayela endlini ngendlu, ngokwethukela, noma ezindaweni zomphakathi, hambisani izincwadi zezilimi zomphakathi.
3. Kunini lapho ibandla lingaba nesitokwe sezincwadi zolunye ulimi?
3 Lapho Kufaneleka Khona Ukuba Nesitokwe Sezincwadi: Yini engenziwa uma kunabantu abaningana abakhuluma olunye ulimi endaweni ethile kodwa lingekho ibandla elikhuluma lolo limi? Ezimweni ezinjalo, amabandla angaba nesitokwe esincane sezincwadi ezibalulekile ezitholakala ngalolo limi, njengamapheshana, incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nethi Umngane KaNkulunkulu nencwadi Ulwazi. Abamemezeli bangazihambisa lezi zincwadi noma nini lapho behlangana nabantu abakwaziyo ukufunda lolo limi.
4. Zingatholakala kanjani izincwadi zolimi ibandla elingazigcini esitokweni?
4 Indlela Yokuzi-oda: Uma ibandla lingenazo esitokweni izincwadi zolimi olufundwa umuntu othakazelayo, zingatholakala kanjani izincwadi zalolo limi? Ummemezeli kufanele akhulume nomphathi wezincwadi athole ukuthi yiziphi izincwadi ezitholakala ngalolo limi ukuze ku-odwe ezidingekayo e-odeni lezincwadi lebandla elilandelayo.
5. Yini engenziwa uma izincwadi zidingeka ngaphambi kokuba kufike i-oda elilandelayo?
5 Uma zidingeka ngokushesha, ummemezeli angase abuze ilungu leKomiti Yenkonzo Yebandla ukuthi i-oda lingahanjiswa yini ngaphambi kwe-oda elilandelayo lezincwadi zebandla. Uma kuvunywa, umxhumanisi wabaphathi bezincwadi noma othile owabelwe nguye angafaka i-oda eliphuthumayo ngeposi noma ngocingo ehhovisi legatsha. Lezo zincwadi ziyothunyelwa ekhelini lebandla elivamile lokuthumela izincwadi noma lesikhashana, uma kudingeka.
6. Uyini umgomo wethu ngokwenza izincwadi zobuKristu zitholakale?
6 Kwangathi singazisebenzisa kahle izincwadi zobuKristu ekusizeni ‘zonke izinhlobo zabantu zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso futhi zisindiswe,’ kungakhathaliseki ukuthi zikhuluma luphi ulimi.—1 Thim. 2:3, 4.