Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/92 k. 1
  • Amandla Ezwi LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amandla Ezwi LikaNkulunkulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli Ngencwadi Ethi Umuntu Omkhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Siza Abanye Ukuba Bafunde Ngendodana KaNkulunkulu, UJesu Kristu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Phindela Ukuze Usize Abantu Bazi Indlela Abangaphila Ngayo Phakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukusiza Abangakakulungeli Ukufunda Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 11/92 k. 1

Amandla Ezwi LikaNkulunkulu

1 IZwi likaNkulunkulu linamandla. (Heb. 4:12) Namuhla, ubufakazi balokhu buyabonakala ezigidini zokuphila okuye kwashintshelwa ebungconweni njengoba abantu beye bazisebenzisa kubo siqu izinto abazifunda eBhayibhelini. Kwenzeka okufanayo ekhulwini lokuqala leminyaka lapho abafundi bakaJesu behlanganyela nabanye ulwazi lweZwi likaNkulunkulu.—Roma 12:2.

2 Ukuze abantu bazuze ezimfundisweni zeBhayibheli, badinga ukuqaphela iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu. (1 Thes. 2:13) Phakathi noNovember sizobe sinikeza abantu ithuba lokufunda okwengeziwe ngokubaluleka kweBhayibheli lapho sihambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?

3 Kungani ungabukezi ezinye zezici ezithakazelisayo zencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu? Ikhasi lokuphakathi liyokuholela ezahlukweni ezikhuluma ngezimangaliso, lokho okucatshangelwa njengokuwukuziphikisa, ukuvumelana okungokwesayensi, iziprofetho, kanye nezinye izihloko. Kunezithombe eziningi kanye nemifanekiso elandiswayo. Izikhombo zezazi zihlelwe ngemuva kwalencwadi. Lezici ziyosenza sikwazi ukuhambisa lencwadi ngentshiseko eqotho, siqiniseka ngempela ukuthi abantu abasensimini yethu bayakudinga ukuzwa izindaba ezinhle eziqukethe.

4 Singayisebenzisa kanjani lencwadi lapho sihlangana nomninikhaya osekukholelwa kakade ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu? Isithakazelo singahlakulelwa ngokuqokomisa isahluko 2, esilandisa indaba engokomlando yokulwela kweBhayibheli ukuphila, noma isahluko 14, esikhuthaza umfundi ukuba amukele usizo ukuze akuqonde kangcono lokho iBhayibheli elikushoyo kithi namuhla. Ukufunda imibhalo ephawulwe esahlukweni 14 kuyoqinisekisa umninikhaya ukuthi ingxoxo yenu isekelwe eBhayibhelini.

5 Abaningi bayenqaba ukwamukela iBhayibheli njengeliyizwi likaNkulunkulu ngenxa yokuziphatha kweLobukholwa. Isahluko 3, esithi “Umngane WeBhayibheli Wamanga,” singasetshenziswa ngokuphumelelayo kulesimo.

6 Lapho sifunda eBhayibhelini lethu, singase sithole ukuthi umninikhaya ubonisa isithakazelo esigijimini sethu kodwa akanalo iBhayibheli. Uma besizwa isiNgisi singase sisikisele ukubalethela iNew World Translation of the Holy Scriptures. Noma ungase uthole iBhayibheli lolimi lwabo eNhlanganweni, njengoba inawo amaBhayibheli ezilimi eziningi zendawo.

7 NgeBhayibheli, uJehova uye wasazisa ngezindlela zokusebenzelana kwakhe nesintu futhi ngaleyondlela uye wasijwayelanisa nobuntu bakhe obumangalisayo. Kwangathi singayisebenzisa ngokuphumelelayo incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ekusizeni abanye ukuba bafunde ngoJehova nangamandla eZwi lakhe!—2 Kor. 10:4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela