Imihlangano Yenkonzo KaNovember
Isonto Eliqala NgoNovember 2
INgoma 49
10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezikhethwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Donsela ukunakekela ekwazisweni okusebhokisini okuphathelene namakheli amagatsha. Tusa abamemezeli ngengxenye abanayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Sikisela amaphuzu okukhulunyelwa akomagazini bamuva angasetshenziswa ensimini yebandla.
15 imiz: “Amandla EZwi LikaNkulunkulu.” Imibuzo nezimpendulo. Khuthaza bonke ukuba bafunde ipheshana elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli, baphawule namaphuzu okubonisana nabantu kanye nengxoxo elula, ephumelelayo engasetshenziswa enkonzweni yasensimini.
20 imiz: “Beka Isisekelo Ekuhambeleni Kwakho Kokuqala.” Umzalwane osingatha lengxenye wethula imiboniso emine ebonisa esinye sezingeniso ezimbili ezishiwo esigabeni 2 no-3 futhi ibonise iphuzu ngalinye elisezigabeni 4, 5, no-6. Umboniso wokugcina kufanele ubonise ukuthi incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ingahanjiswa kanjani ngokuhambela kokuqala.
Ngoma 52 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 9
INgoma 141
5 imiz: Izaziso zebandla kanye neZindaba EzingokwaseZulwini.
15 imiz: “Ingabe Uyazilandela Iziyalezo?” Inkulumo ngombonisi owengamele esekelwe esihlokweni seNqabayokulinda kaOktober 1, 1990, amakhasi 30-1. Kumelwe yenziwe isebenze ngokwezidingo ezithile zebandla: ukubika isikhathi senkonzo yasensimini, ukuhlanza iHholo LoMbuso, ukufika ngesikhathi emihlanganweni yenkonzo yasensimini, ukulawula izingane eHholo LoMbuso, nokunye. Tusa lapho kufaneleke khona, futhi ubasize bonke ukuba babone indlela ibandla lonke elizuza ngayo nokuthi umsebenzi wezinceku ezimisiwe wenziwa ube lula lapho wonke umuntu elandela iziyalezo.
10 imiz: “Yiba Iphayona Elisizayo NgoDecember.” Hlanganisa ukwaziswa ngemfudumalo nangentshiseko usebenzisa imibuzo nezimpendulo. Memezela amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini kanye namalungiselelo akhethekile azokwenzelwa amaqembu amakhulu phakathi noDecember.
15 imiz: “Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?” Inkulumo ekhuthazayo.
INgoma 27 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 16
INgoma 179
15 imiz: Izaziso zebandla, kuhlanganise nombiko wezimali kanye nokubonga ngeminikelo. Tusa ngokufudumele ibandla ngokusekela ngokwezimali ibandla nesiKhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso kanye nomsebenzi weNhlangano emhlabeni wonke. Abazali kufanele ngokukhethekile bahlomisele izingane ezifunda isikole izimpikiswano ezingaphakama phakathi nesikhathi samaholide, besebenzisa incwajana engangomagazini ethi ISikole amakhasi 17-21.
20 imiz: “Indlela Yokuhlakulela Isithakazelo.” Inkulumo nemiboniso, kufanele isingathwe umbonisi wenkonzo. Bonisa amasu achazwe ezigabeni 5 no-6. Yenza ukuba imiboniso ingabi inkimbinkimbi futhi kube lula ukuyilandela.
10 imiz: “Khetha Amaphuzu Okukhulunyelwa Afanelekile.” Ingxoxo phakathi kwendoda nomkayo belungiselela inkonzo yasensimini.
INgoma 198 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 23
INgoma 54
10 imiz: Izaziso zebandla. Yethula umboniso obonisa indlela iphuzu lokukhulunyelwa elivela kumagazini wamuva elingasetshenziswa ngayo kulempela-sonto. Sebenzisa ukusikisela okwanikezwa eMhlanganweni Wenkonzo wangesonto eledlule.
20 imiz: “Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo”—Ingxenye 1. Ingxoxo ngabazalwane ababili ngezigaba 1 kuya ku-13 zesenezelo, kutuswa ukuba kube yilabo abasebenza eKomitini Yokwakha Yesifunda yendawo. Kungase kuhlanganiswe okuhlangenwe nakho kwebandla. Khuthaza ngemfudumalo bonke abafanelekayo ukuba basebenze ngokuzithandela.
15 imiz: Isizathu Sokuba Singagubhi Izinsuku Zokuzalwa. Ingxoxo phakathi komdala nomfana oyintandane ongakevi eshumini elinambili ubudala oyisibonelo esihle. Lomfana uya kumdala ukuze acele usizo lwakhe ekubhekaneni nokucindezela kontanga kokuba aye emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa. Uyaqonda ukuthi akufanele kodwa ufuna ukukwazi ukuchazela abanye ngokucacile. Umdala ngomusa nangolimi olulula ubukeza nomfana ukwaziswa okukuNqabayokulinda kaSeptember 1, 1992, amakhasi 30-1, kanye namakhasi 406-8 encwadi Ukubonisana.
INgoma 24 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 30
INgoma 104
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza amaphuzu asencwadini eyayivela eNhlanganweni ka-August 15, 1992, ekhuthaza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo eBhokisini Lombiko elikhethekile eHholo LoMbuso.
15 imiz: Ukusebenzisa Incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Ukuze Senze Ukukhanya Kwethu Kukhanye ngoDecember. Inkulumo enomboniso. Khuthaza bonke ukuba amaphuzu enkonzo yasensimini bawaqonde kahle. Sikisela amaphuzu okukhulunyelwa asekelwe ezahlukweni ezacatshangelwa eSifundweni Sencwadi Sebandla ngasekuqaleni kwenyanga.
20 imiz: “Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo”—Ingxenye 2. Ukucatshangelwa ngemibuzo nezimpendulo kwezigaba 14 kuya ku-25 zesenezelo. Gcizelela ingxenye ummemezeli ngamunye angaba nayo (1) ekusebenzeni ngokuzithandela uma efaneleka futhi izimo zivuma, (2) ekunikeleni ngokwezimali eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso, (3) kanye nasekusekeleni imisebenzi yebandla lapho abanye bengekho beye esabelweni sokwakha.
INgoma 24 nomthandazo wokuphetha.