Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/92 k. 2
  • Yiba Iphayona Elisizayo NgoDecember

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Iphayona Elisizayo NgoDecember
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 11/92 k. 2

Yiba Iphayona Elisizayo NgoDecember

1 Sonke senza kahle ukuzibuza ukuthi: ‘Ngizoba umphathi wokukhanya ngezinga elingakanani ngoDecember? Ingabe ngingaba iphayona elisizayo?’—Math. 5:14, 16.

2 Abasha ababhapathiziwe ngokuvamile banesikhathi esengeziwe sokungayi esikoleni phakathi nesikhathi samaholide. Abanye abazali kanye nabanye abantu abadala abangabamemezeli bangase bakwazi ukuhlanganyela nabamemezeli abasha enkonzweni yasensimini eyandisiwe phakathi nenyanga. Abaningi abasebenza isikhathi esigcwele nabo bayoba nesikhathi esengeziwe sokusinikela kulenkonzo esindisa ukuphila.

3 Isici esiyisihluthulelo ekukwazini ukukhonza njengephayona elisizayo ukuzimisela kwethu ukwenza umzamo owengeziwe odingekayo. (Luka 13:24) Uma sihlela umsebenzi wethu ngokucophelela, kuhlanganise nezindaba zomkhaya nezebandla, isikhathi singenziwa sitholakale ukuze sibe nenjabulo yokukhonza njengephayona elisizayo.

4 Ingabe uzokwazi ukwandisa inkonzo yakho phakathi noDecember? Ukwenza kanjalo kungakusiza ukuba uzizwe unesibindi ngokwengeziwe ezindlini futhi kuphumele kokuhlangenwe nakho okwakhayo. Ngaleyondlela ungaba nenjabulo enkulu.—IzE. 20:35.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela