Ababonisi Bayahola—Umqhubi Wesifundo Se-Nqabayokulinda
1 INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova iyilungiselelo eliyinhloko ‘lesigqila esikholekile nesiqondayo’ lokudlulisela ukudla okungokomoya kithi “ngesikhathi esifanele.” (Math. 24:45) Umdala oqhuba iSifundo Se-Nqabayokulinda unomthwalo wemfanelo obalulekile njengomfundisi onekhono obeka isibonelo esihle ekuphileni kobuKristu.—Roma 12:7; Jak. 3:1.
2 Ukuze afundise ngokuphumelelayo, umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda kumelwe enze umzamo wangempela wokulungiselela isonto ngalinye. Lokho ukwenza ngomthandazo nangokucophelela. Isithakazelo sakhe esiqotho ebandleni sibonakala ngomzamo oqotho wokufinyelela izinhliziyo zethu ngendaba efundwayo. Ugxila emaphuzwini ayinhloko esifundo abese esisiza ukuba sibone indlela ahlobana ngayo nesihloko sendaba.
3 Ukulungiselela kahle kwakhe kuhilela ukufunda imibhalo kusengaphambili ukuze abone ukuthi isebenza kanjani. Uqokomisa iZwi likaNkulunkulu ngokukhuthaza ibandla ukuba lisebenzise iBhayibheli ngokunenzuzo phakathi nesifundo. Uma ibandla lingalivezi iphuzu elibalulekile noma uma lingayiqokomisanga indlela umbhalo oyisihluthulelo osebenza ngayo, ubuza omunye umbuzo ukuze kuvezwe lokho kwaziswa. Ngale ndlela, usisiza ukuba sifinyelele iziphetho ezifanele futhi sazi ukuthi singakusebenzisa kanjani ekuphileni kwethu lokho esikufundayo.
4 Umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda uzama ngokuqhubekayo ukuthuthukisa ikhono lakhe lokufundisa. Akakhulumi kakhulu kodwa ukhuthaza thina ukuba siphendule—ngamazwi ethu, sinikeze impendulo emfushane futhi eshaya emhloleni. Angase asikhumbuze ngezikhathi ezithile ukuthi lowo ophendula kuqala esigabeni kufanele anikeze impendulo yombuzo emfushane neshaya emhloleni. Ezinye izimpendulo zezilaleli zingadonsela ukunakekela endleleni umbhalo osebenza ngayo, emaphuzwini asekela indaba, noma endleleni ukwaziswa okusebenza ngayo ngokoqobo. Umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda uzama ukushukumisa wonke umuntu ukuba afise ukuhlanganyela ngokukhuthaza ukulungiselela komuntu ngamunye nokomkhaya.
5 ‘Njengabantu abafundiswa uJehova,’ siyazazisa ‘izipho ezingabantu,’ njengabaqhubi beSifundo Se-Nqabayokulinda, ‘abasebenza kanzima ekufundiseni.’—Isaya 54:13; Efe. 4:8, 11; 1 Thim. 5:17.