Indlela Yokuthonya Abanye
1 Umphostoli uPawulu wathola idumela lokuba isikhonzi esinethonya. (IzE. 19:26) Ngisho neNkosi u-Agripha yathi kuye: “Ngesikhathi esifushane ubuyongithonya ukuba ngibe umKristu.” (IzE. 26:28) Yini eyenza inkonzo kaPawulu yaba nethonya kangaka? Wayebonisana nabantu ngendlela enengqondo ngemiBhalo, efanelanisa amaphuzu akhe nezilaleli zakhe.—IzE. 28:23.
2 Nathi kudingeka sibe nethonya enkonzweni yethu, silingise uPawulu. Kanjani? Ngokusebenzisa ukuqonda lapho sikhuluma nabanye nalapho sibalalele. (IzAga 16:23) Kunezinyathelo ezintathu ezibalulekile eziyosisiza ukuba sifeze lokhu.
3 Lalelisisa: Lapho omunye umuntu ekhuluma, lalela ukuze uthole enivumelana ngakho ongakhela kukho. Uma ephakamisa impikiswano, zama ukuthola ukuthi kungani ecabanga kanjalo. Kuyokusiza ukwazi ukuthi yini ayikholelwayo, kungani eyikholelwa nokuthi yini eyamenza waqiniseka ngako. (IzAga 18:13) Ngokuhlakanipha zama ukumenza asho akucabangayo.
4 Buza Imibuzo: Uma umuntu ethi ukholelwa kuZiqu-zintathu, ungase ubuze: “Ingabe ubulokhu ukholelwa kuZiqu-zintathu?” Bese uthi: “Ingabe wake wafunda kabanzi ukuthi iBhayibheli lithini ngale ndaba?” Ungase ubuze futhi: “Ukube uNkulunkulu ubeyingxenye kaZiqu-zintathu, besingeke yini silindele ukuba iBhayibheli likusho ngokucacile lokhu?” Ukusabela okutholayo kuyokusiza ukuba ubonisane nalowo muntu ngalokho imiBhalo ekushoyo.
5 Bonisana Nabantu Ngokunengqondo: UFakazi othile wabuza owesifazane owayekholelwa ukuthi uJesu unguNkulunkulu, wathi: ‘Uma ubuzama ukuchaza ukuthi abantu ababili bayalingana, ubungasebenzisa buphi ubuhlobo bomkhaya?’ Owesifazane waphendula wathi: “Ngingasebenzisa izelamani ezimbili.” Ummemezeli wanezela wathi: “Mhlawumbe ungasebenzisa ngisho namawele afanayo. Kodwa lapho esifundisa ukuba sibheke uNkulunkulu njengoBaba, yena simbheke njengeNdodana, imuphi umyalezo uJesu ayewudlulisela?” Owesifazane walithola iphuzu lokuthi omunye mdala futhi unegunya elithé xaxa. (Math. 20:23; Joh. 14:28; 20:17) Ingqondo yakhe nenhliziyo yayifinyelelwe ngekhono lokuthonya.
6 Yiqiniso, kungakhathaliseki ukuthi ingase ibe nengqondo futhi inembe kangakanani intshumayelo yethu, akubona bonke abalamukelayo iqiniso. Kodwa njengoPawulu, masikukhuthalele ukufuna abanhliziyo ziqotho ensimini yethu, sibathonye ukuba bamukele isigijimi soMbuso.—IzE. 19:8.