Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/10 k. 1
  • Fundisa Ngendlela Ekholisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Ngendlela Ekholisayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ImiBhalo Isetshenziswe Kahle
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ingabe Uyalimelela IZwi LikaNkulunkulu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Sebenzisa ‘Inkemba Yomoya’ Ngekhono
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indlela Yokuthonya Abanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 4/10 k. 1

Fundisa Ngendlela Ekholisayo

1. Ngokuvamile yini ehilelekile ekusebenziseni iZwi likaNkulunkulu ngokuphumelelayo enkonzweni?

1 Izikhonzi eziphumelelayo njengomphostoli uPawulu, ziyazi ukuthi ‘ukuphatha izwi leqiniso ngokufanele’ kuhilela okungaphezu nje kokucaphuna imiBhalo Engcwele. (2 Thim. 2:15) Lapho sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu, ‘singabakholisa’ kanjani abantu ngokufundisa kwethu?—IzE. 28:23.

2. Singakuthuthukisa kanjani ukwazisa ngeZwi likaNkulunkulu?

2 Vumela IZwi LikaNkulunkulu Likhulume: Okokuqala, qokomisa iBhayibheli ngendlela ebonisa inhlonipho ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu elikuqukethe. Ukuthembela kwethu eZwini likaNkulunkulu kungase kwenze esikhuluma naye alalelisise uma kufundwa umBhalo. (Heb. 4:12) Kalula nje singathi: “Ngikuthole kuzuzisa ukuthola umbono kaNkulunkulu kule ndaba. Phawula ukuthi iZwi lakhe lithini.” Noma nini uma kungenzeka, vumela iZwi likaNkulunkulu likhulume ngokulifunda ngokuqondile.

3. Ngemva kokufunda umBhalo, yini esingayenza ukuze sisize osilalele aqonde ukuthi usho ukuthini?

3 Okwesibili, uchaze umBhalo owufundile. Abantu abaningi bakuthola kunzima ukuqonda ivesi abaqalayo ukulizwa lifundwa. Ngokuvamile kuyadingeka ukulichaza ukuze kucace ukuthi lisebenza kanjani. (Luka 24:26, 27) Khetha amagama ayinhloko. Umbuzo ungasiza ekuqinisekiseni ukuthi iphuzu lizwakale kahle yini.—IzAga 20:5; IzE. 8:30.

4. Isiphi isinyathelo sokugcina esidingekayo ukuze sifundise ngendlela ekholisayo?

4 Bonisanani NgemiBhalo: Okwesithathu, lwela ukufinyelela ingqondo nenhliziyo. Siza umninikhaya abone ukuthi leli vesi lisebenza kanjani ekuphileni kwakhe. Ukubonisana ngemiBhalo kungenza umuntu ashintshe indlela acabanga ngayo. (IzE. 17:2-4; 19:8) Ngokwesibonelo, ngemva kokufunda iHubo 83:18 singase sichaze indlela okubaluleke ngayo ukwazi igama lomuntu ukuze sithuthukise ubudlelwane bethu naye. Mhlawumbe-ke, ungase ubuze, “Ingabe unomuzwa wokuthi ukwazi igama likaNkulunkulu kungenza imithandazo yakho ibe nenjongo kakhudlwana?” Ukuhlobanisa ukuphila komninikhaya nomBhalo ngale ndlela kubonisa ukubaluleka kwawo ngokoqobo. Ukufundisa ngendlela ekholisa kanje ngeZwi likaNkulunkulu kudonsela abanezinhliziyo eziqotho ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJehova.—Jer. 10:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela