Singabasiza Kanjani Abazoba Khona ESikhumbuzweni?
1. Ibuphi ubufakazi obunamandla obuzonikezwa ngo-March 22, 2008?
1 Ngo-March 22, 2008, izigidi zabantu emhlabeni wonke zizothola ubufakazi obunamandla. Abazoba khona eSikhumbuzweni bazokuzwa ngothando lukaJehova olukhulu ngokulungiselela isihlengo sesintu. (Joh. 3:16) Bazofunda ngoMbuso nendlela uJehova ayowusebenzisa ngayo ukuze afeze intando yakhe emhlabeni wonke. (Math. 6:9, 10) Bazozibonela mathupha uthando nobunye babantu bakaNkulunkulu futhi bezwe nomoya wethu wemfudumalo wokwamukela izihambi.—IHu. 133:1.
2. Singabasiza kanjani abafundi beBhayibheli abazoba khona?
2 Abafundi BeBhayibheli: Abanye abazoba khona kuyobe kuyilabo abasanda kuqala ukufunda iBhayibheli nathi. Bethule kubazalwane nodade. Bachazele ngemihlangano yamasonto onke, futhi ubabonise iHholo LoMbuso kafushane. Phakathi nenkulumo, isikhulumi siyokhuthaza abanjalo ukuba baqhubeke bethuthuka ngokomoya. Ungasebenzisa esizokusho njengesisekelo sokukhuthaza abantu obafundelayo.
3. Yini engenziwa ukuze kukhuthazwe abamemezeli asebepholile abazoba khona?
3 Asebepholile: Abanye abazoba khona abamemezeli asebepholile. Yenza umzamo wokubabingelela ngemfudumalo. Gwema ukubuza imibuzo ephenyayo noma ukusho amazwi angase abangele amahloni. Ngemva nje kweSikhumbuzo, abadala kufanele bavakashele bonke asebepholile abebekhona, babancome ngomzamo abawenzile wokuba khona, futhi ngemfudumalo babamemele emhlanganweni webandla olandelayo.
4. Ngamunye wethu angazisiza kanjani izivakashi?
4 Izivakashi: Abanye abazoba khona kungase kube abantu esibajwayele noma amalungu omkhaya esiwameme ngokuqondile. Abanye kungenzeka bathole isimemo phakathi nomkhankaso okhethekile. Uma ubona abantu ongabazi, thatha isinyathelo sokuzethula kubo futhi ubamukele. Kungenzeka abakaze babe khona komunye wemihlangano yethu. Lapho nixoxa, ungase ukwazi ukuthola indlela ongaxhumana nabo ngayo. Ngokubahambela noma ngokubathinta kafushane ngocingo ezinsukwini ezimbalwa ngemva kweSikhumbuzo, ungase ukwazi ukuthuthukisa isithakazelo futhi ucele nesifundo seBhayibheli.
5. Yini esingayisho ukuze siqale isifundo seBhayibheli?
5 Ukwaziswa okwethulwa enkulumweni yeSikhumbuzo kungase kusetshenziswe njengesisekelo sokwethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli lapho wenza impindelo. Ngokwesibonelo, isikhulumi seSikhumbuzo siyofunda u-Isaya 65:21-23. Lapho wenza impindelo, ungase uthi fahla-fahla ngenkulumo bese uthi, “Ake ngikubonise ezinye izibusiso esizithola ngenxa yesihlengo.” Yibe usucabangela amakhasi 4-5 encwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Noma ungase uthi, “Abaningi bayazibuza ukuthi siyokubona nini ukugcwaliseka kwesiprofetho sika-Isaya.” Yibe usucabangela izigaba 1-3 esahlukweni 9. Okunye ongakwenza ukumane nje ubhekisele emazwini esikhulumi seSikhumbuzo, uhambise incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, bese ubonisa indlela isifundo esiqhutshwa ngayo.
6. Imaphi amathuba esinawo njengoba silalela umyalo kaJesu wokuba sikhumbule ukufa kwakhe?
6 Kwangathi sonke singawaphaphamela amathuba okusiza abafundi beBhayibheli, abamemezeli asebepholile, nezivakashi ezizobe zikhona. (Luka 22:19) Ngokuqinisekile uJehova uyowubusisa wonke umsebenzi othe xaxa esiwenza enkonzweni yoMbuso.