Bamukeleni!
1. Isiphi isenzakalo esisivulela ithuba elihle kakhulu lokunikeza ubufakazi futhi ngani?
1 Asikho isenzakalo esisivulela ithuba elingcono lokufakaza njengeSikhumbuzo saminyaka yonke. Cabanga nje: Kulo nyaka kulindeleke izivakashi ezingaphezu kwezigidi eziyishumi ukuba zibe khona eSikhumbuzweni futhi zizwe ngezindlela ezimbili ezinkulu kakhulu zokubonakaliswa kothando ngesihlengo. (Joh. 3:16; 15:13) Zizofunda ngezibusiso ezingazithola ngenxa yalesi sipho sikaJehova. (Isaya 65:21-23) Nokho, akusona isikhulumi kuphela esiyonikeza ubufakazi kulo mkhosi. Bonke abayobe bekhona bayoba nethuba lokunikeza ubufakazi obunamandla ngokwamukela izivakashi ngemfudumalo.—Roma 15:7.
2. Singazamukela kanjani ngokufudumele izivakashi?
2 Kunokuvele uyohlala phansi futhi uthule ulinde isimiso ukuba siqale, kungani ungathathi isinyathelo uzethule kulabo abaseduze kwakho? Izivakashi zingase zibe novalo futhi zingaqiniseki ngalokho okufanele zikulindele. Ukumamatheka kwethu nokuzibingelela ngobungane kuyosho lukhulu ekuzenzeni zikhululeke. Ukuze uthole ukuthi umuntu uze ngoba ethole isimemo yini, ungase umbuze ukuthi okokuqala yini eba khona komunye wemihlangano yethu noma ukhona yini amaziyo ebandleni. Mhlawumbe ungase umcele ukuba azohlala nawe futhi nisebenzise iBhayibheli neculo lakho. Uma kukhona abasebenzisa iHholo LoMbuso, ungase umbonise isakhiwo kafushane. Ngemva kwenkulumo, kulungele ukuphendula imibuzo yakhe. Uma ibandla lenu kumelwe liphume ngokushesha ukuze lidedele elinye, ungase uthi: “Ngingathanda ukuzwa ukuthi usizwe kanjani isimiso. Ikhona indlela esingaxhumana ngayo?” Ungabe sewuhlela ukulandelela leso sithakazelo. Abadala ikakhulu bayofuna ukuphaphamela ukukhuthaza abamemezeli abapholile abazobe bekhona.
3. Kungani kubalulekile ukuthatha isinyathelo sokwamukela izivakashi eSikhumbuzweni?
3 Izivakashi eziningi ziyobe ziqala ukubona injabulo, ukuthula nobunye bepharadesi elingokomoya esilijabulelayo njengabantu bakaJehova. (IHu. 29:11; Isaya 11:6-9; 65:13, 14) Ziyohamba zinamuphi umbono? Okuningi kuyoxhumeka ekutheni siyasithatha yini isinyathelo sokuzamukela.