UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yamukela Abasivakashele
Ngo-March 23, silindele ukuba nezivakashi eziyizigidi ezingu-12 noma ngaphezulu eSikhumbuzweni. Yeka ubufakazi obuhle eziyobuthola lapho isikhulumi sixoxa ngesipho sikaJehova sesihlengo nangezinye zezibusiso ezizotholwa isintu esikhathini esizayo! (Isaya 11:6-9; 35:5, 6; 65:21-23; Joh 3:16) Nokho, akusona isikhulumi kuphela esizonikeza ubufakazi kulesi senzakalo esikhethekile. Sonke singaba nengxenye ngokwamukela izivakashi zethu ngemfudumalo. (Ro 15:7) Nakhu okunye ukusikisela.
Esikhundleni sokuyohlala phansi ulinde ukuba kuqale isimiso, yamukela izivakashi nabapholile ngokubabingelela ngobungane futhi umomotheke
Nakuba uzonaka ngokukhethekile obamemile, bheka nabanye okungenzeka bafiké ngoba bethole isimemo emkhankasweni. Bacele ukuba bahlale nawe. Babukise iBhayibheli neculo
Ngemva kwenkulumo, zenze utholakale ukuze uphendule imibuzo yabo. Uma ninesikhathi esincane ngenxa yokuthi kukhona ibandla elisazongena, hlela ukubavakashela ngokushesha. Uma ungenayo indlela yokuxhumana nobevakashile, ungase uthi kuye: “Ngingathanda ukuthi sixoxe ngalo mhlangano. Singaxhumana kanjani?”