Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda February 1
“Iningi lethu linezinkolo zalo. Ucabanga ukuthi kunendaba kuNkulunkulu ukuthi sikhetha ukumkhulekela kanjani? [Lindela impendulo, bese ufunda uMathewu 15:9.] Lesi sihloko sikhuluma ngezici ezine zokukhulekela kweqiniso ezavezwa uJesu.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 16.
Phaphama! February
Abanye abantu bayakholelwa kuMdali, kuyilapho abanye benomuzwa wokuthi inkolelo enjalo ayihambisani nesayensi futhi ayinangqondo. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, ukholo lweqiniso lusekelwe ebufakazini. [Funda amaHebheru 11:1.] Lesi sihloko sikhuluma ngobufakazi obuthile obukhomba kuMdali.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 22.
INqabayokulinda March 1
“Ingabe ubheka iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu, noma ucabanga ukuthi limane nje liyincwadi enhle? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.] Lo magazini ukhuluma ngendlela ongafinyelela ngayo isiphetho esinengqondo ngale ndaba nokuthi kungani kubalulekile ukwenze njalo.”
Phaphama! March
“Mhlawumbe nawe uyabazisa ubuhle bendalo njengoba kunjalo ngeningi labantu. Ingabe ucabanga ukuthi nendalo inomklamo owukuhlakanipha? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 104:24.] Lo magazini unikeza izibonelo ezithakazelisayo zomklamo ezitholakala endalweni usitshele nalokho ezisifundisa khona.”