Ukubonisa Ukwazisa Ngesipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
1. Kungani simbonga ngokukhethekile uJehova?
1 Phakathi ‘kwezipho eziningi ezinhle’ ezivela kuJehova, isihlengo seNdodana yakhe singesikhulu kunazo zonke. (Jak. 1:17) Sisilethela izibusiso eziningi, kuhlanganise nokuthethelelwa kwezono zethu. (Efe. 1:7) Simbonga njalo uNkulunkulu ngalokhu. Ikakhulukazi phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, sizinika isikhathi sokuzindla ngalesi sipho esiyigugu.
2. Singakwakha kanjani ukwazisa ngesihlengo kithina nasemikhayeni yethu?
2 Yakha Ukwazisa: Ukuze wakhe ukwazisa emkhayeni wakho, kungani ningasebenzisi isikhathi soKukhulekela Komkhaya ukuze nibukeze ukwaziswa okuphathelene nesihlengo, emasontweni andulela iSikhumbuzo esizoba ngo-March 30? Hlanganyelani njengomkhaya nasekufundweni kweBhayibheli okukhethekile kweSikhumbuzo usuku ngalunye. Zindla ngendlela isihlengo esikuzuzise ngayo nendlela esiwuthonye ngayo umbono wakho ngoJehova, ngawe siqu, ngabanye nangekusasa. Niyokuthola kuzuzisa nokuprakthiza izingoma ezimbili ezizoculwa eSikhumbuzweni, iNgoma 87 neNgoma 105.—IHu. 77:12.
3. Singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu?
3 Ukubonisa Ukwazisa: Ukwazisa isihlengo kusishukumisela ukuba sitshele abanye ngoJehova nothando lwakhe olukhulu alubonisa ngokuthumela iNdodana yakhe. (IHu. 145:2-7) Ngo-March, April no-May, eminye imikhaya ibonisa ukwazisa kwayo ngokuhlela ukuba okungenani ilungu elilodwa lomkhaya libe iphayona elisizayo. Uma lokhu kungenakwenzeka, ningakwazi yini ‘ukuthengisisa ithuba’ lokwandisa inkonzo yenu? (Efe. 5:16) Njengomkhaya, hlelani ukuhlanganyela ngokugcwele oSukwini Lukamagazini olukhethekile ngoMgqibelo, April 17. Ukwazisa kuyosishukumisela nokuba sisize abanye babe khona eSikhumbuzweni kanye nathi. (IsAm. 22:17) Qala manje wenze uhlu lwezimpindelo, izifundo zeBhayibheli, izihlobo, osebenza nabo nomakhelwane ozobamema, bese uhlanganyela ngokugcwele emkhankasweni wokusakaza izimemo zeSikhumbuzo ezikhethekile.
4. Singayisebenzisa ngokuhlakanipha ngaziphi izindlela inkathi yeSikhumbuzo?
4 Inkathi yeSikhumbuzo isivulela amathuba amasha okubonisa uJehova indlela esisazisa ngayo isipho asipha isintu. Kwangathi singasebenzisa lesi sikhathi ukuze sakhe futhi sibonise ukwazisa kwethu ngesihlengo nangayo yonke ‘ingcebo kaKristu engenakuqondakala.’—Efe. 3:8.