Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda April 1
“Kunemibhalo ethi uJesu akafanga ngendlela iBhayibheli elisho ngayo, kodwa ithi waganwa futhi waba nezingane. Wake wakuzwa lokho? [Lindela impendulo.] Kubalulekile ukulazi iqiniso. [Funda uJohane 17:3.] Lesi sihloko sinikeza izizathu zokukwethemba lokho iBhayibheli elikushoyo ngoJesu.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 26.
Phaphama! April
Funda iHubo 37:9-11, bese ubuza: “Ucabanga ukuthi izwe liyoba njani uma lokhu kugcwaliseka? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko sibhekisela kulesi siprofetho esithakazelisayo bese sichaza ukuthi kungani sibona ububi obungaka ezweni namuhla.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 20.
INqabayokulinda May 1
“Ingabe kuyakumangaza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi omunye umlobi weBhayibheli wawuveza kanjani lo mbuzo oye wabuzwa abantu abaningi. [Funda iHubo 10:1.] Lo magazini uhlaziya lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka nokuthi yini ayenzayo ukuze akuqede.”
Phaphama! May
“Abantu abaningi bayathanda ukuyeka ugwayi kodwa bakuthola kunzima kakhulu ukukwenza. Ingabe ukhona omaziyo ongathanda ukuyeka? [Lindela impendulo.] Abanye bakuthole kuwusizo ukuthola abangane nabomkhaya ababasekelayo. [Funda umShumayeli 4:12a.] Lo magazini uqukethe amacebiso angokoqobo okusiza umuntu ukuba ayeke ugwayi.”