Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda November 1
“Ingabe ucabanga ukuthi izingelosi zinendaba nalokho esikwenzayo? [Lindela impendulo.] Nakhu okuthakazelisayo okushiwo yiBhayibheli. [Funda uLuka 15:10.] Lesi sihloko sikhuluma ngalokho uJesu akusho ngendlela izidalwa zomoya ezisithinta ngayo.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 16.
Phaphama! November
Funda u-2 Thimothewu 3:16, bese uthi: “Ingabe uyavumelana nalokhu futhi unomuzwa wokuthi singakwethemba konke okushiwo yiBhayibheli? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko sikhuluma ngokuthi imivubukulo nomlando wezwe kuyakufakazela yini lokho okushiwo yiBhayibheli ngeGibhithe lasendulo.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 15.
INqabayokulinda December 1
“Abantu abaningi bakholelwa ukuthi kunabantu abahlakaniphile endaweni yomoya abathonya ukuphila kwethu. Wena ucabangani? [Lindela impendulo, bese ufunda IsAmbulo 12:7-9.] Lo magazini ubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngalabo abahlala endaweni yomoya, indlela abasithinta ngayo nokuthi singaxhumana yini nabo.”
Phaphama! December
“Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani uKhisimusi ugujwa ngo-December 25 nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi uJesu wazalwa nini? [Lindela impendulo.] Ngokwaleli vesi, akunakwenzeka ukuthi uJesu wazalwa ebusika. [Funda uLuka 2:8.] Lo magazini uveza umsuka wamasiko kaKhisimusi athandwayo.”