Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/11 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 2/11 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda February 1

“Ucabanga ukuthi kungenzeka ngempela ukwazi ukuthi uNkulunkulu unjani? [Lindela impendulo.] Nginokuthile okujabulisayo ngale ndaba.” Funda bese uchaza ukwaziswa okungaphansi kombuzo 2 ekhasini 12 nomunye wemiBhalo ekhonjiwe. Hambisa omagazini, bese uhlela ukubuya ukuze nizoxoxa ngendaba engaphansi kombuzo 3.

Phaphama! January

“Ngenxa yokuthi iBhayibheli liyincwadi endala kakhulu, abanye abantu bavele bazitshele ukuthi alinembile ngokwesayensi. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] Abaningi kuyabamangaza ukwazi ukuthi iBhayibheli lasho lokhu. [Funda u-Isaya 40:22.] Isihloko esiqala ekhasini 22 siphendula umbuzo othi, Ingabe isayensi neBhayibheli kuyavumelana?”

INqabayokulinda March 1

“OFakazi BakaJehova baziwa ngokushumayela. Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani benza lokhu? [Lindela impendulo.] Phawula la mazwi. [Funda uMathewu 24:14.] Nansi imibuzo ephendulwa yilo magazini: Ziyini lezi zindaba ezinhle? Uyini uMbuso? Siyini isiphelo esizofika?”

Phaphama! March

“Njengoba abantu abaningi behlushwa ukugula, sibafundela leli vesi elikhuthazayo. [Funda u-Isaya 33:24.] Lapho lokhu sekugcwalisekile, ucabanga ukuthi ukuphila kuyoba njani? [Lindela impendulo.] Kuze kube yilapho uNkulunkulu eletha lolu shintsho, kunezinyathelo eziyisisekelo sonke esingazithatha ukuze sithuthukise impilo yethu. Lo magazini uyachaza.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela