Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda March 1
“Kunemibono ephikisanayo ngoJesu. Ingabe umbheka njengeNdodana kaNkulunkulu noma njengomuntu nje ovamile?” Lindela impendulo. Fundani ukwaziswa okungaphansi kwemibuzo ebhalwe ngokugqamile emakhasini 16-17 nemiBhalo ekhonjiwe. Mnikeze omagazini, bese uhlela ukubuya ukuze uphendule umbuzo olandelayo.
Phaphama! March
Lapho uthola osemusha, mbonise isihloko esiqala ekhasini 26. Mbonise isihlokwana sokuqala bese umbuza, “Ingabe ucabanga ukuthi la mazwi ayiqiniso noma angamanga? [Lindela impendulo, bese ufunda eyesi-2 Korinte 7:1.] Lesi sihloko sikhuluma ngalokho okufanele ukwazi ngokubhema, nendlela ongayeka ngayo.”
INqabayokulinda April 1
“Abantu abaningi banezinkolelo ezihlukahlukene ngoJesu. Ucabanga ukuthi kubalulekile yini ukwazi iqiniso ngaye? [Lindela impendulo, bese ufunda uJohane 17:3.] Lo magazini uchaza lokho iBhayibheli elikushoyo ngoJesu—imvelaphi yakhe, indlela aphila ngayo nokuthi kungani afa?”
Phaphama! April
“Uyavuma yini ukuthi ukushonelwa umuntu omthandayo kuphakathi kwezinto ezinzima kakhulu umuntu angabhekana nazo? [Lindela impendulo.] Abantu abaningi bakuthole kusiza lokhu. [Funda IHubo 55:22.] Lo magazini ukhuluma ngezindlela ezithile ezisebenzisekayo zokubhekana nokudabuka, kuhlanganise nendlela esingaphonsa ngayo izinkathazo zethu kuNkulunkulu.”