Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-April
“Ubhapathizo luyinto evamile kumaKristu amaningi. Ucabangani? Ingabe lubalulekile ubhapathizo? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko sinamaphuzu amahle.” Nika umninikhaya INqabayokulinda ka-April 1, bese ukhulumela ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana sokuqala ekhasini 16 ufunde nomBhalo owodwa okungenani. Hambisa umagazini bese uhlela ukubuya ukuze uphendule umbuzo olandelayo.
INqabayokulinda April 1
“Miningi imibono yabantu ngokuphathelene noJesu. Abanye bacabanga ukuthi wayenguMesiya owayethenjisiwe. Abanye banomuzwa wokuthi wayemane nje eyindoda elungile. Kuyilapho abanye bekholelwa ukuthi akakaze abe khona nhlobo. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, kubalulekile ukulazi iqiniso ngaye. [Funda uJohane 17:3.] Lo magazini unezimpendulo zeBhayibheli zeminye yemibuzo evamile ngophathelene naye.”
Phaphama! April
“Silapha ngenxa yenkonzo yokusiza imikhaya. Uyavuma yini ukuthi imikhaya eminingi namuhla ibhekene nezinselele ezihlukahlukene? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi imikhaya eminingi izithole kuphi izeluleko ezisebenzayo. [Funda iHubo 119:105.] Lo magazini ukhuluma ngendlela imikhaya yokutholwa enqobe ngayo izingqinamba ezingavamile ngokulandela izimiso zeBhayibheli.”