Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-April
“Sikhuthaza omakhelwane bethu ukuba bafunde amaBhayibheli abo. Kodwa abantu abaningi banomuzwa wokuthi kunzima ukuliqonda iBhayibheli. Ingabe nawe ukuthola kunzima? [Lindela impendulo.] Phawula lokhu okushiwo lapha.” Mbonise isembozo esingemuva se-Nqabayokulinda ka-April 1, bese nixoxa ngalokho okushiwo ngaphansi kombuzo wokuqala kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele umagazini, bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda April 1
“Wonke umuntu esixoxa naye unezinkinga abhekene nazo. Lokhu kwenza abanye bazibuze ngenjongo yokuphila. Ungathi yini enye yezinto ezinkulu ezincisha abantu injabulo namuhla? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lithembisa ukuthi maduzane uNkulunkulu uzosusa izinkinga esibhekene nazo namuhla. [Funda IsAmbulo 21:4.] Lo magazini uxoxa ngokuthi lisiphatheleni ikusasa nokuthi singaba kanjani nokuphila okunenjongo ngisho kwamanje.”
Phaphama! April
“Ubudlova basekhaya buyinkinga yomhlaba wonke. Abanye bathi izinto ezinomthelela kulokhu isizinda somuntu, umkhaya akhulele kuwo nezokuzijabulisa ezinobudlova. Ucabanga ukuthi bubangelwa yini ngokuyinhloko ubudlova basekhaya? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa ubuhlobo obufanele okudingeka bube phakathi kwendoda nomfazi. [Funda eyabase-Efesu 5:33.] Lo magazini uxoxa ngendlela eminye imishado eye yasinda ngayo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli.”