Izintshumayelo Eziyisibonelo
Ukuqala izifundo zeBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-May
“Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi nokuhlupheka? [Lindela impendulo.] Ngingathanda ukukubonisa okuthile okujabulisayo ngale ndaba.” Funda kanye naye ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana sokuqala ekhasini 16 le-Nqabayokulinda ka-May 1 kanye nomBhalo owodwa okhonjiwe. Mnike umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngempendulo yombuzo olandelayo.
INqabayokulinda May 1
Funda iHubo 37:10, 11 bese uthi: “Ucabanga ukuthi lesi sithembiso siyogcwaliseka? [Lindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngeziprofetho zeBhayibheli eziyisithupha esizibona zigcwaliseka njengamanje, iziprofetho ezibonisa ukuthi ukugcwaliseka kwalesi sithembiso akusekude.”
Phaphama! May
“Abanye bathi abantu bamane nje bayizilwane eziphakeme ezaphenduka zaba ngabantu. Wena ucabangani? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 139:14.] Yiqiniso ukuthi umhubi wayenolwazi olulinganiselwe ngesimangaliso somzimba womuntu. Lo magazini ukhuluma ngalokho esikwaziyo manje kuhlanganise nalokho okusenza sehluke ezilwaneni.”