Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-November
“Iningi lethu lifisa uhulumeni ongcono. Ngokombono wakho, hlobo luni lukahulumeni olungakwazi ukuxazulula izinkinga zesintu? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi kuthiwani lapha.” Nikeza umninikhaya INqabayokulinda ka-November 1, bese nixoxa ngokwaziswa okusesihlokwaneni sokuqala ekhasini 16 kanye nomBhalo owodwa okungenani. Mhambisele omagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda November 1
“Singathanda ukuzwa umbono wakho: Ukube ubungabuza uNkulunkulu umbuzo owodwa, bekungaba imuphi? [Lindela impendulo.] NgokukaJesu, kuyafaneleka ukufuna izimpendulo zemibuzo yethu eqotho. [Funda uMathewu 7:7.] Lo magazini unikeza izimpendulo zeBhayibheli zale mibuzo emithathu ebalulekile.” Bonisa umninikhaya imibuzo esekupheleni kwekhasi 3.
Phaphama! November
“Namuhla senza inkonzo yokuvakashela imikhaya. Imikhaya enabazali abangabodwa seyandile namuhla. Ucabanga ukuthi inezinselele eziningi kunemikhaya enabo bobabili abazali? [Lindela impendulo.] Abazali abaningi baye bathola iseluleko esiwusizo eBhayibhelini. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.] Lo magazini unikeza amacebiso athile ukuze usize abazali abangabodwa baphumelele emsebenzini wabo onezinselele.”