Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/11 k. 3
  • ‘Intando KaNkulunkulu Mayenzeke’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Intando KaNkulunkulu Mayenzeke’
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qapha Unembeza Wakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • “Ukudla Ngesikhathi Esifanele”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • IZwi LikaNkulunkulu Linenzuzo Yokufundisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Lalela Futhi Ufunde
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 8/11 k. 3

‘Intando KaNkulunkulu Mayenzeke’

1. Sithini isihloko somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2012, futhi kungani kufaneleka ukuba sicabangele lesi sihloko?

1 Sadalwa ngenxa yentando kaJehova. (IsAm. 4:11) Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuba sifeze injongo yokuphila kwethu ngaphandle kokufunda nokwenza intando kaNkulunkulu. Lokhu akulula neze ngoba kudingeka silwe nokuthambekela okungaphakathi kokwenza “izinto ezithandwa yinyama nemicabango” noma ukwenza “intando yezizwe.” (Efe. 2:3; 1 Pet. 4:3; 2 Pet. 2:10) Ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu, singaba ngisho nasengozini ‘yokubanjwa [nguDeveli] siphila ukuba senze intando yakhe.’ (2 Thim. 2:26) Umhlangano wethu okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2012, uyosisiza senze ngokuvumelana nesicelo sesithathu kweziyinhloko emthandazweni oyisibonelo, esithi, “intando yakho mayenzeke.”—Math. 6:9, 10.

2. Yimiphi imibuzo eyophendulwa phakathi nesimiso?

2 Imibuzo Eyophendulwa: Njengoba ulalele isimiso, thola izimpendulo zale mibuzo: Yini ebaluleke njengokuzwa iZwi likaNkulunkulu? Singaqhubeka kanjani siqonda ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngathi? Kungani kufanele sikulungele ukusiza zonke izinhlobo zabantu? Singakuthola kanjani ukuphila okucebile nokwanelisayo? Basha, yini okudingeka niyibonise uJehova? Imuphi umvuzo otholakala ngokwenza intando kaNkulunkulu? Kungani kuphuthuma ukuba sakhe abanye futhi sibakhuthaze?

3. Singazuza kanjani ngokugcwele kuleli lungiselelo elingokomoya?

3 Qiniseka ukuthi uba khona futhi usilalelisise isimiso. Cishe kuyoba khona ummeleli waseBethel noma umbonisi ojikelezayo oyobe eyisikhulumi esivakashile. Ukhululekile ukukhuluma naye nomkakhe uma eshadile, ngaphambi nangemva komhlangano. Lapho ubuyela ekhaya, ungabi “umuntu ozwayo oyisikhohlwa,” kodwa bukezani isimiso njengomkhaya futhi nixoxe ngokuthi ningaphila kanjani ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu ngokugcwele kakhudlwana.—Jak. 1:25.

4. Kungani kubalulekile ukuba ukwenza intando kaNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kwethu?

4 Maduze labo abaphishekela izifiso zabo futhi abenqabayo ukuzithoba entandweni kaJehova bazobhujiswa. (1 Joh. 2:17) Ngakho siyajabula ngokuthi uJehova ulungiselele lokhu kwaziswa okufike ngesikhathi ukuze asisize senze ukwenza intando yakhe kuze kuqala ekuphileni kwethu!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela