Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-September
“Abantu bezizwe nezinkolo ezihlukahlukene bayathandaza nsuku zonke. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyilalela yonke imithandazo futhi ayiphendule?” Lindela impendulo. Yibe usumnika INqabayokulinda ka-September 1, bese nixoxa ngendaba esesihlokwaneni sokuqala ekhasini 16 kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mnike umagazini bese uhlela ukubuya ukuze nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda September 1
Mbonise isembozo sikamagazini bese uthi: “Ungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi iBhayibheli lithini. [Funda u-1 Johane 5:19.] Ngokwalokhu okushiwo lapha, “omubi,” noma uDeveli, ubusa izwe. Kodwa lokho kuphakamisa imibuzo. Wavelaphi uDeveli? Ingabe ungumuntu ongokoqobo ngempela? Kuyoze kube nini uNkulunkulu emvumele ukuba abuse? Lo magazini ubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo.”
Phaphama! September
“Abantu abaningi namuhla bacindezelekile ngenxa yezinkinga zemali. Ucabanga ukuthi kungani kunzima kangaka ukuhlangabezana nezidingo zokuphila? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linezeluleko ezihlakaniphile eziye zasiza abaningi ukuba bayiphathe kahle imali yabo. [Funda omunye wemiBhalo esekhasini 8-9.] Lo magazini unikeza ukusikisela okusebenzayo kulabo ababhekene nezikweletu.”