Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/12 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 8/12 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-September

“Abaningi bakholelwa ukuthi ngolunye usuku uNkulunkulu uyobahlulela ngokwezenzo zabo. Ucabanga ukuthi uSuku Lokwahlulela luyinto okufanele siyilangazelele noma siyesabe? [Lindela impendulo.] Phawula okushiwo yilo magazini.” Nika umninikhaya INqabayokulinda ka-September 1, bese nixoxa ngendaba esesihlokwaneni sokuqala ekhasini 16 nangomunye wemiBhalo elapho. Hambisa omagazini, bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda September 1

“Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abesifazane bayabandlululwa futhi baphathwa kabi. Kuyadabukisa ukuthi izinkolelo zenkolo ziye zaba nesandla kulokhu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyabakhathalela ngempela abesifazane? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi iBhayibheli lithi amadoda kufanele abaphathe kanjani omkawo. [Funda eyabase-Efesu 5:28, 29.] Lo magazini ubonisa lokho iBhayibheli elikwembulayo ngombono kaNkulunkulu ngabesifazane.”

Phaphama! September

“Abaningi bathi ukuphila kuyophela emhlabeni ngolunye usuku, mhlawumbe kuyoqedwa impi yenuzi noma inhlekelele engokwemvelo, njengezinguzunga ezivela emkhathini noma ukushintsha kwesimo sezulu emhlabeni. Ingabe ucabanga ukuthi lezo zibikezelo zosuku lwembubhiso zifanelekile, noma ucabanga ukuthi zimane nje ziyiphupho? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linikeza lesi sithembiso esiduduzayo. [Funda iHubo 37:29.] Lo magazini uhlaziya ezinye izinto ezivame ukushiwo ngosuku lwembubhiso kanye nombono weBhayibheli onengqondo ngekusasa.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela