Ungashumayela Yini Kusihlwa?
1. Ngokwesazi esithile, umphostoli uPawulu wayeshumayela nini endlini ngendlu?
1 Ngokwencwadi ethi Daily Life in Bible Times, umphostoli uPawulu wayevame ukushumayela endlini ngendlu “kusukela ngehora lesine ntambama kuze kube sebusuku impela.” Asazi noma lena kwakuyinqubo yakhe yini, kodwa esikwaziyo ukuthi uPawulu wayezimisele ‘ukwenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle.’ (1 Kor. 9:19-23) Lokhu kwakuyohlanganisa ukuhlela izimo zakhe ukuze akwazi ukushumayela endlini ngendlu ngezikhathi okwakutholakala ngazo abantu abaningi.
2. Kungani izikhathi zakusihlwa ziyisikhathi esikahle sokushumayela?
2 Ezindaweni eziningi abamemezeli bebelokhu beshumayela ekuseni endlini ngendlu phakathi nesonto. Nokho, ingabe lesi kuseyisikhathi esikahle nasendaweni yangakini? Elinye iphayona liyalandisa ngokuphathelene nensimu yebandla lalo: “Kuyaqabukela abantu bekhona emakhaya phakathi nosuku. Kodwa abantu abaningi basuke bekhona kusihlwa.” Ukushumayela kusihlwa kungavula ithuba elikahle kakhulu lokufinyelela abesilisa ngokukhethekile ngezindaba ezinhle. Ngokuvamile abaninikhaya basuke beziphumulele futhi bekulungele ukuxoxa. Uma kunenzuzo ukwenza kanjalo, abadala kufanele bahlele imihlangano yakusihlwa yenkonzo yasensimini.
3. Singakubonisa kanjani ukuqonda lapho sishumayela kusihlwa?
3 Bonisa Ukuqonda: Lapho ushumayela kusihlwa, kubalulekile ukuba nokuqonda. Ngokwesibonelo, uma kwenzeka ufica othile ngesikhathi esibi, njengesikhathi sokudla, kungcono ucele ukubuya ngesinye isikhathi. Uma kumnyama, yima lapho umninikhaya engakubona khona futhi usheshe uzichaze ukuthi ungubani nokuthi uze ngani. Kuwukuhlakanipha nokuba nisebenze ngababili noma ngamaqembu nokuba nibe semigwaqweni ekhanya kahle futhi enabantu. Ningafiki ebusuku kakhulu abaninikhaya sebelungiselela ukulala ukuze ningabaphazamisi. (2 Kor. 6:3) Uma indawo enishumayela kuyo ingaphephile uma sekuhlwile, shumayelani ngaphambi kokuba kuhwalale.—IzAga 22:3.
4. Iziphi izibusiso ezitholakala ngokushumayela kusihlwa?
4 Izibusiso: Inkonzo ijabulisa kakhulu lapho sibathola abantu esizofakaza kubo. Kanti uma siba namathuba amaningi okufakaza, yilapho siba namathuba engeziwe okusiza abanye ukuba ‘basindiswe futhi bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:3, 4) Ungasishintsha yini isimiso sakho ukuze ukwazi ukushumayela kusihlwa?