Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Kusihlwa
1 Abanye babafundi bokuqala bakaJesu Kristu batshelwa umpristi omkhulu ongumJuda, “Senigcwalisé iJerusalema ngesifundiso senu.” (IzE. 5:28) Ngokusobala abazalwane babenze umsebenzi omuhle kulowomuzi, futhi ngokungangabazeki basebenza ngenkuthalo ukuze bathintane nawo wonke umuntu osensimini yabo. Baqhubeka benikeza ubufakazi obuhle lapho nakwezinye izindawo.—IzE. 8:25.
2 Ezindaweni eziningi namuhla, siye sagcwalisa insimu yethu ngemfundiso yeqiniso. Kuye kwaba khona ukwanda okuhle kakhulu kwabamemezeli kanye nokwanda okufanayo kwenani lamabandla. Amasimu aye aba mancane futhi ahlanganiswa njalo ngokwengeziwe. Kuye kwaba nesidingo ngathi sokwandisa insimu yethu ukuze sifinyelele abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle.
IZINZUZO ZOKUFAKAZA KUSIHLWA
3 Abamemezeli abaningi baye bathola ukuthi empeleni bangakwazi ukwandisa insimu yabo ngokuhambela amakhaya kusihlwa. Ngalesosikhathi bayakwazi ukuthola abanini-khaya abaningi ngokuvamile abangekho emakhaya emini. Abamemezeli baye babika ukuthi cishe kuwo wonke amakhaya bathola othile lapho behambela kusihlwa. Akukhona nje kuphela ukuthi abantu abaningi basemakhaya kodwa futhi labo abatholakalayo ngokuvamile basuke besesimweni sokukhululeka kakhudlwana futhi bezimisele ukulalela isigijimi sethu. Ababonisi besifunda baye bakwazi ukusiza amabandla amaningi ukuba akwazi ukwenza amalungiselelo okufakaza kusihlwa. Bonke abamemezeli bayakhuthazwa ukuba basekele lesisici sokufakaza njalo kusihlwa ngoLwesithathu phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda.
4 Ingabe usuke wakuzama ukufakaza kusihlwa ensimini yenu? Ngisho nalapho kusheshe kuhwalale phakathi nezinyanga zasebusika, singase sikwazi ukusebenzisa isikhathi samahora okuqala akusihlwa ukuze sifakaze endlini ngendlu. Phakathi nesikhathi sasehlobo, sinethuba lokusebenza isikhathi esijana kunokuba besingenza ngesinye isikhathi. Ingxenye yesikhathi sakusihlwa ingasetshenziselwa ukufakaza endlini ngendlu noma ukuhambela abebengekho emakhaya. Khona-ke mhlawumbe kamuva kusihlwa, singenza izimpindelo noma siqhube isifundo seBhayibheli. Njengoba kulindelekile, kufanele sibe nomoya wengqondo ehluzekile futhi sibonise ukuqapha, ikakhulukazi lapho sifakaza ezindaweni okungase kungalondeki kuzo ngemva kokuba sekuhlwile.
YIBA OCABANGELAYO
5 Ukuze siphumelele ekufakazeni kwakusihlwa, sidinga ukukhumbula njalo amaphuzu athile ayisisekelo. Ngokwesibonelo, njengoba abantu abahlala kwezinye izindawo bengase bethuswe yizivakashi ezingalindelwe ezifika kusihlwa, sifuna ukuba ngabanomusa nabanobungane ezingenisweni zethu futhi sisheshe ukucacisa injongo yokuhambela kwethu. Uma singabonisa ukukhathalela okuqotho ngenhlala-kahle yabanini-khaya, ngokunokwenzeka bayozizwa bekhululeka futhi bangase bathambekele ngokwengeziwe ekuxoxeni ngokukhululeka.
6 Kwezinye izindawo, abaninikhaya baye bathatha izinyathelo zokugada ukulondeka kwabo. Lokhu kungase kudinge ukuba sisebenzise umshini wokuxhumana okuthiwa i-intercom, noma umnini-khaya angase akhulume nathi umnyango uvaliwe noma afune ukusibona ngembobo yokulunguza esemnyango. Ngokuhlonipha kwethu amalungiselelo umnini-khaya anawo, angase akulungele kakhulu ukulalela amaqiniso esifuna ukuwahlanganyela naye.
7 Amabandla amaningi aye ahlela ukufakaza njengeqembu ubusuku obubodwa noma obengeziwe ngesonto. Lokhu kuye kwanikeza abamemezeli abasebenza umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele ithuba elikhudlwana lokuhlanganyela enkonzweni nokuba basebenze nabanye abamemezeli abangakaze basebenze nabo ngaphambili ngenxa yezikhathi ezingqubuzanayo zomsebenzi. Ukufakaza kwakusihlwa kuye kwenza kwaba nokwenzeka ngabanye abamemezeli ukuba bandise isikhathi abasisebenzisa enkonzweni yasensimini, futhi ngenxa yalokho, lokhu kuye kwaphumela ekubeni kwabo ngabaphumelela ngokwengeziwe ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle nabanye. Futhi, kuye kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli eziningi ngenxa yokuxhumana nabantu abangazange bakwazi ukubalalela oFakazi BakaJehova ngaphambili.
8 Ingabe kungenzeka ngawe ukuhlanganyela ekufakazeni kwakusihlwa futhi ujabulele lelithuba elengeziwe “wenze umsebenzi womvangeli”? (2 Thim. 4:5) Uma abaningi bethu bekwazi ukuphendula lowombuzo ngoyebo, mhlawumbe nathi siyobe senza umsebenzi ongcono wokugcwalisa insimu yethu ngeqiniso.