Izindlela Ezinhlanu Zokuthola Isifundo SeBhayibheli
1. Uma kuyinselele ukuthola isifundo seBhayibheli ensimini yethu, yini okufanele siyenze futhi ngani?
1 Ingabe uye wakuthola kuyinselele ukuthola umuntu ongafunda naye iBhayibheli? Qhubeka uzama. UJehova uyababusisa labo abangalilahli ithemba ekwenzeni intando yakhe. (Gal. 6:9) Ngezansi kunokusikisela okuhlanu okungakusiza.
2. Singasicela kanjani ngokuqondile isifundo seBhayibheli?
2 Ukusicela Ngokuqondile: Abantu abaningi bayazi ukuthi sinika abantu INqabayokulinda ne-Phaphama!, kodwa bangase bangazi ukuthi siqhuba nezifundo zeBhayibheli. Kungani ungazami ukusicela ngokuqondile isifundo lapho ushumayela endlini ngendlu? Ungase ubuze nabantu abanesithakazelo osuke ubavakashele ukuthi bangathanda yini ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Uma benqaba, ungaqhubeka ubanika izincwadi futhi uhlakulela isithakazelo. Kwase kuphele iminyaka omunye umzalwane ehambisela umbhangqwana othile omagazini. Ngemva kokuwushiyela omagazini bamuva, lapho esethi uyavalelisa kwabe sekufika engqondweni ukuba abuze: “Ningathanda yini ukuba nesifundo seBhayibheli?” Wamangala lapho bevuma. Manje sebebhapathiziwe.
3. Ingabe kufanele sivele siphethe ngokuthi abeza emihlanganweni bayafundelwa? Chaza.
3 Abeza Emihlanganweni: Ungamane uphethe ngokuthi abathakazelayo obabona emihlanganweni yebandla sebenaso kakade isifundo seBhayibheli. Omunye umzalwane uthi: “Izifundo ezingaphezu kwesigamu kulezo engiye ngaba nazo ngaziqala ngokukhuluma nabantu abathakazelayo abasuke beze emihlanganweni.” Omunye udade wanquma ukukhuluma nowesifazane othile onamahloni onamadodakazi abhapathiziwe asebandleni akulo. Kwase kuyiminyaka engaba ngu-15 lona wesifazane eza emihlanganweni futhi wayefika eHholo LoMbuso lapho nje imihlangano iqala abese ehamba ngokushesha nje lapho iphela. Lona wesifazane wasamukela isifundo futhi ekugcineni wamukela iqiniso. Udade uyabhala: “Ngizizwa kabi ngokuthi kwangithatha iminyaka engu-15 ngaphambi kokuba ngimbuze ukuthi angathanda yini ukufundelwa!”
4. Singasithola kanjani isifundo ngokuyalelwa?
4 Ukuyalelwa: Omunye udade ukwenza umgomo ukuphelezela abanye lapho beya ezifundweni zabo. Ngemva kokuthola imvume kumqhubi, ekuphetheni ubuza ofundelwayo ukuthi bakhona yini abanye abaziyo abangathanda ukuqhutshelwa isifundo. Lapho uhambisela othile obulokhu umvakashela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, ungase umbuze: “Ukhona yini omunye omaziyo ongathanda ukuthola ikhophi yale ncwadi?” Ngezinye izikhathi, izimo azibavumeli abamemezeli namaphayona ukuba baqhube isifundo seBhayibheli nomuntu abahlangana naye ensimini. Ngakho bazise abanye ukuthi ukulungele ukuqhuba isifundo seBhayibheli.
5. Kungani singase sibuze abangane bomshado abangakholwa bamalungu ebandla ukuthi bangathanda yini ukufundelwa?
5 Abangane Bomshado Abangakholwa: Bakhona yini abamemezeli ebandleni lenu abashade nabantu abangakholwa? Abanye abantu abangakholwa bayenqaba ukuxoxa ngeBhayibheli nabangane babo bomshado abangamaKristu kodwa bangavuma ukufundelwa othile ongelona ilungu lomkhaya. Ngokuvamile kungcono uqale ukhulume nomyeni noma inkosikazi ekholwayo ukuze uthole indlela engcono ongacela ngayo isifundo.
6. Ubaluleke kangakanani umthandazo lapho uzama ukuthola umuntu ozomfundela?
6 Umthandazo: Ungawabukeli phansi amandla omthandazo. (Jak. 5:16) UJehova uthembisa ukuthi uyozilalela izicelo zethu uma zivumelana nentando yakhe. (1 Joh. 5:14) Omunye umzalwane owayehlale ematasa waqala ukuthandaza ecela isifundo seBhayibheli. Umkakhe wazibuza ukuthi kazi uyoba naso yini umyeni wakhe isikhathi sokuqhuba leso sifundo, ikakhulu uma umfundi enezinkinga eziningi. Ngakho le nkosikazi yakuphawula lokhu kuJehova lapho ithandazela umyeni wayo ukuba athole isifundo. Umthandazo wabo waphendulwa ngemva kwamasonto amabili lapho iphayona elisebandleni labo lithola indoda eyayifuna ukufundelwa futhi liyidlulisela kulo mzalwane. Inkosikazi iyabhala: “Kunoma ubani onomuzwa wokuthi ngeke akwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli, ngithi: Kusho ngokuqondile okucelayo emithandazweni yakho futhi ungayeki ukuthandaza ngakho. Siye sathola injabulo eyengeziwe kunalokho engangikucabanga.” Uma uphikelela, nawe ungakwazi ukuthola isifundo seBhayibheli kanye nenjabulo yokusiza othile athole “indlela eholela ekuphileni.”—Math. 7:13, 14.