Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/12 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 11/12 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli Ngomgqibelo Wokuqala Ku-December

“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngoJesu. Ngokombono wakho, iyiphi into ebaluleke kakhulu eyafezwa uJesu? [Lindela impendulo.] Phawula lesi sihloko esisekhasini 16.” Nikeza umninikhaya umagazini INqabayokulinda ka-December 1, bese nixoxa ngendaba ekwesinye sezihlokwana kanye nomBhalo owodwa okungenani. Mshiyele umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda December 1

“Kulesi sikhathi, abantu abaningi baba nalokho okubizwa ngokuthi umoya kaKhisimusi. Kula maphuzu, ucabanga ukuthi iliphi eliyisici esibalulekile salowo moya? [Mbonise uhlu lwawo olusekhasini 3 bese ulindela impendulo. Yibe usuya esihlokweni esifanele futhi ufunde umBhalo oyisihluthulelo.] Lo magazini ubonisa izindlela ezingokoqobo esingamkhumbula ngazo uJesu phakathi nawo wonke unyaka, hhayi nje ngesikhathi sikaKhisimusi kuphela.”

Phaphama! December

“Sinivakashele ngenxa yokuthi abantu abaningi bazizwa becindezelekile. Ingabe ubona sengathi abantu sebesheshe baphelelwe isineke kulezi zinsuku? [Lindela impendulo.] Abanye bakholelwa ukuthi siphila enkathini ecindezelayo okwaprofethwa ngayo lapha kweyesi-2 Thimothewu 3:1. [Yifunde] Lo magazini uyachaza ukuthi kungani ukungabi nasineke kuyingozi futhi unikeza amacebiso ngendlela yokuba nesineke kakhudlwana.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela