Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-December
“Sisenkonzweni yokuvakashela imikhaya kafushane. Abazali abaningi bafuna izingane zabo zithande uNkulunkulu. Ucabanga ukuthi abazali bangazifundisa izingane zabo ukuthanda uNkulunkulu, noma izingane kumelwe zizifundele ngokwazo ukumthanda?” Lindela impendulo. Mbonise ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-December 1, nixoxe ngokwaziswa okungaphansi kombuzo wokuqala, nifunde okungenani umBhalo owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele umagazini, uhlele ukuphindela ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda December 1
“Sinivakashele kafushane ukuze sizoxoxa nani ngoNkulunkulu. Siyazi ukuthi umuntu ngamunye unombono wakhe ngoNkulunkulu. Ucabanga ukuthi iningi labantu limbheka njengongamandla emvelo angaphili noma njengomngane okhathalelayo? [Lindela impendulo.] Leli vesi leBhayibheli liyasitshela ukuthi uNkulunkulu ufuna sibe nobuhlobo obunjani naye. [Funda uJakobe 4:8a.] Lo magazini uqokomisa izinto ezintathu esingazenza ukuze sizizwe sisondelene noNkulunkulu.”
Phaphama! December
“Sinivakashele kafushane ngenxa yenkinga yempilo evamile. Ngokwe-World Health Organization, ukuphazamiseka kwengqondo, njengesifo sokucindezeleka, kuzohlasela umuntu oyedwa kwabane esikhathini esithile ekuphileni kwabo. Ucabanga ukuthi ukuphazamiseka kwengqondo sekuba inkinga evamile? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisinikeza ithemba ngekusasa, ukuphila emhlabeni ongenakho ukugula nobuhlungu. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] Lo magazini uchaza izinto ezimbalwa okufanele bonke abantu bazazi ngokuphazamiseka kwengqondo.”