Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-July
“Cishe wonke umuntu emphakathini wakithi angathanda ukuphila isikhathi eside ejabule. Ngakho singathanda ukuzwa umbono wakho kulo mbuzo: Ucabanga ukuthi isayensi nemithi kuyoke kusenze siphile phakade? [Lindela impendulo.] Phawula lokhu okushiwo lapha.” Yibe usumbonisa ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-June 1, bese nixoxa ngendaba engaphansi kombuzo wokuqala kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
Phawulani: Kufanele kube nomboniso wale ntshumayelo emhlanganweni wenkonzo yasensimini ngo-July 6.
INqabayokulinda July 1
“Abantu abaningi esixoxa nabo banenkolo yabo. Kodwa abanye bathi abasayethembi nhlobo inkolo. Wena uzizwa kanjani ngenkolo? [Lindela impendulo.] UJesu wasinikeza isisekelo esingasisiza lapho sihlola inkolo. [Funda uLuka 6:44a.] Lo magazini ukhuluma ngezinye zezithelo ezimbi eziye zavezwa inkolo. Ubuye uphendule umbuzo othi, Ingabe ikhona inkolo efanelwe ukwethenjwa?”
Phaphama! July
“Sihambela omakhelwane bethu ukuze sixoxe ngenkinga ecindezelayo—ukungabi nabulungisa. Abanye abantu balwa nokungabi nabulungisa ngokubhikisha. Ucabanga ukuthi abantu ababhikishayo bayaphumelela ukuletha izinguquko? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elithi kuyoletha izinguquko zangempela emhlabeni. [Funda uMathewu 6:9, 10.] Lo magazini uphendula umbuzo othi, Ingabe Ukubhikisha Kuyikhambi?”
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
“Sihambela imikhaya yakule ndawo ukuze sixoxe nayo ngokuthile okukhuthazayo okuvela eBhayibhelini. Abaningi esixoxe nabo bazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu onothando engavumela ukuhlupheka okungaka emhlabeni. Ucabanga ukuthi ukuhlupheka kwakuyingxenye yenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngomhlaba?” Lindela impendulo. Yibe usuvula Isifundo 5, bese nifunda futhi nixoxe ngezigaba ezimbili zokuqala nemiBhalo engomalukeke. Mhambisele incwajana, bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo obhalwe ngokugqamile.