Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda December 1
“Sinihambele kafushane ukuze sixoxe ngombono oyiphutha ovamile ngeBhayibheli. Abantu abaningi bayalihlonipha iBhayibheli, kodwa bacabanga ukuthi kunzima kakhulu ukuliqonda. Wena ucabangani ngalo? [Lindela impendulo.] Phawula esinye sezizathu okufanele sisenze sifune ukuliqonda iBhayibheli. [Funda eyabaseRoma 15:4.] Lo magazini uchaza ukuthi sazi kanjani ukuthi iBhayibheli lalibhalelwe ukuba siliqonde. Usinikeza namacebiso okuliqonda.”
Phaphama! December
“Sihambele imindeni kafushane. Wonke umuntu ufisa kube nokuthula nokuzwana ekhaya. Yini ocabanga ukuthi ingayizuzisa kangcono imindeni—ukuzama ukukugwema ngokuphelele ukungaboni ngaso linye, noma ukufunda indlela yokukusingatha kangcono? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okushiwo yilesi saga seBhayibheli. [Funda izAga 26:20.] Lo magazini unikeza amacebiso aseBhayibhelini okusiza imindeni ibe nokuthula kakhudlwana ekhaya.”