Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/91 kk. 1-3
  • Ingabe Izingane Zakho Zikulungele Ukubuyela Esikoleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izingane Zakho Zikulungele Ukubuyela Esikoleni?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • SEBENZISANI INCWAJANA ETHI ISIKOLE
  • YIBA UFAKAZI NSUKU ZONKE
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 1/91 kk. 1-3

Ingabe Izingane Zakho Zikulungele Ukubuyela Esikoleni?

1 Phakathi noJanuary, intsha engamaKristu izobe ibuyela esikoleni. Lokhu kungase kuhambisane nesilinganiso esithile senjabulo futhi ngokunokwenzeka nokukhathazeka okuthile. Lemizwa yangaphakathi ibangelwa amathuba nezinselele okulindelwe. Enye intsha izobe ihlangana nabafundi abasha ekilasini nothisha abasha. Intsha engamaKristu iyaqaphela futhi ukuthi unyaka ngamunye omusha wesikole uhambisana nokuvivinywa kokholo, ubuqotho, nothando lwayo ngoJehova. Ingabe nina basha enisebandleni nikulungele ukubuyela esikoleni? Nina bazali ningaziqinisa kanjani izingane zenu ukuze zikwazi ukubhekana nokuvivinywa okungaphambili?

SEBENZISANI INCWAJANA ETHI ISIKOLE

2 Ngo-1983 incwajana ethi ISikole yalungiselelwa ikakhulukazi abazali abangamaKristu nezingane zabo ezifunda isikole. Iklanyelwe ukusiza ukuba iveze ngokucacile kothisha nabaphathi izinkolelo nalokho okwenziwa oFakazi BakaJehova uma kuziwa emisebenzini ethile yasesikoleni. Inikeza futhi neziqondiso ngokuphathelene nokuma kobunye koFakazi BakaJehova maqondana nokuziphatha.

3 Entsheni eningi lencwajana iye yaba isivikelo sangempela. Ngokwesibonelo, omunye umzali onguFakazi wathola ukuthi izifundo ezifundisa ngobulili zazizoqhutshelwa abafundi ngabantu abaziwayo ukuthi banokuziphatha okuxekethile. Ephethe lencwajana esandleni, lomzali wakwazi ukuxoxa ngezizathu ezingokomBhalo zokwenqaba kwakhe futhi waphumelela ekutheni kwenziwe ushintsho olufanele ezifundweni zendodakazi yakhe.

4 Ngaphambi kokuba kuvulwe isikole, abazali bangaqinisa izingqondo nezinhliziyo zezingane zabo ngokuzinikeza isikhathi sokuvuselela izinkumbulo zazo ngokuqukethwe yilencwajana. Ngokucabangela okufanele ubudala bezingane, izinga lemfundo, nesikole, abazali bangagcizelela amaphuzu akhethwe encwajaneni angase abe usizo ngokukhethekile phakathi nonyaka. (IzAga 14:15; 22:3) Prakthiza nengane yakho izimo engase ihlangabezane nazo, futhi ubonise indlela ukwaziswa okukhishiwe okungaba inzuzo ngayo ‘ekwenzeleni izinyawo zayo izindlela eziqondile.’—Heb. 12:13.

5 Abazali bangenza okuningi ekusizeni izingane zabo ukuba ‘zihlale zilungele ukubaphendula bonke’ abangase bazibuze ngemibono nangamathemba azo siqu. (1 Pet. 3:15) Kwezinye izimo abazali bangase bakhethe ukuzikhulumela umlomo nomlomo nothisha. Abanye abazali abangamaKristu bahlela ukuvakashela esikoleni ngezikhathi ezithile, njengoba lokhu kungasiza ekwakheni ubuhlobo obuhle phakathi kwabo nothisha. Isithakazelo somuntu siqu esinjalo siqinisa futhi ubuhlobo phakathi komzali nengane. Abanye abazali baye balalela ukusikisela kokuzinika isikhathi ngisho nesokuhlala phansi ezingxoxweni zasekilasini lapho lokhu kuvunyelwe khona. Ngezinye izikhathi lokhu kwenza umzali asizwe ngokoqobo isimo kanye nokucindezela okukhulu kwansuku zonke izingane zethu ezibhekana nakho.—1 Pet. 3:8.

YIBA UFAKAZI NSUKU ZONKE

6 Omunye uFakazi osemusha wayevame ukucela uthisha wakhe ukuba amsize ngamagama anzima ayewathola lapho efunda incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo usuku ngalunye. Ngolunye usuku waphawula ukuthi incwajana yakhe yayilahlekile. Kamuva wathola ukuthi uthisha wakhe “wayeyiboleke” usuku olulodwa lapho ehamba isikole singakaphumi ngenxa yokugula. Wayengafuni ukuphuthelwa ukufunda itekisi. Lokhu kwaholela ekubeni anikezwe ikhophi yakhe siqu yethi Ukuhlola ImiBhalo.

7 Kuyiqiniso ukuthi unyaka omusha wesikole uletha izikhathi zokucindezeleka nokukhathazeka. Nokho, umbono oqondile kanye nokulungiselela ngenkuthalo kuyosiza kokubili abazali nentsha ukuba ‘babophe izinkalo zengqondo yabo’ kube udumo kuJehova phakathi nonyaka wesikole ozayo.—1 Pet. 1:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela