Inkonzo Yethu YoMbuso Ithola Ukuhlelwa Okusha
Kusukela kwekaSeptember, INkonzo Yethu YoMbuso ivela inokuhlelwa okusha. Lomklamo othuthukisiwe uyokwenza izinqubo zomsebenzi zibe lula ekukhiqizeni lelipheshana lanyanga zonke ngezilimi eziningi futhi ukwenze kube lula ngokwengeziwe ngabafundi ukuba bakwazi ukuthola ukwaziswa okuthile.
Ngalokhu kuhlelwa okusha, zonke izihloko nendaba kungenziwa ngecomputer. Ukungaguquguquki okukhudlwana ekuklameni kuyafinyelelwa, ngaleyondlela kwenze ukubukeka kwayo yonke INkonzo Yethu YoMbuso kukhange.
Ngokwenzuzo yomfundi, kunezinto eziningana ezithuthukisiwe. Kunokuvumelana ebukhulwini bamagama, futhi indlela okubhalwe ngayo amagama ekhethelwe indaba ifundeka kalula kakhulu, ngisho nalapho incane. Umbiko wenkonzo yasensimini kuyoba lula ngokwengeziwe ukuwufunda. Futhi, izihloko eziyinhloko ngokuvamile ziyovela emakhasini angaphandle, futhi izihloko eziningi ziyophelela ekhasini elifanayo. Isimiso soMhlangano Wenkonzo, isimiso seSifundo Sencwadi Sebandla, umbiko wenkonzo, IZaziso, Izindaba EzingokwaseZulwini, Imihlangano Yenkonzo Yasensimini, Isihloko Sengxoxo, neBhokisi Lemibuzo konke kuyovela emakhasini angaphakathi.
Sethemba ukuthi niyothola lelithuluzi eliyigugu liyinsiza ekhanga ngokwengeziwe nephumelelayo emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nasekwenzeni abafundi.