Ukubonisa Ukungakhethi Enkonzweni Yethu
1 “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,” kusho uPetru, kodwa “omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzE. 10:34‚ 35) Inkonzo yethu namuhla siyenza siliqaphela ngokugcwele leloqiniso elivezwe ngokucacile. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba senze wonke umzamo ukuze sinqobe noma yisiphi isithiyo esingaphazamisa ukufinyelela kwethu wonke umuntu ngezindaba ezinhle.
2 Ezikhathini zamuva, abantu bezizwe ezihlukahlukene kungenzeka baye bathuthela ensimini yebandla lenu. Ikakhulukazi ezindaweni ezisemadolobheni amakhulu, akukhona okungavamile ukuthola abantu abakhuluma ulimi lomdabu olulodwa noma ngaphezulu. Esikhathini esidlule, ezinye izindawo kungenzeka bezinabantu abaningi abakhuluma isiNgisi. Nokho, ezindaweni eziningi lokhu akusenjalo. Ingani ngisho nasensimini eyayinabantu abaningi abakhuluma isiZulu, abazalwane manje bathola abantu abakhuluma isiTsonga, isiPutukezi, isiVenda, noma olunye ulimi. Yini engenziwa ukuze kusizwe bonke labantu ukuba bazi iqiniso?
3 Okokuqala nje, kumelwe sizizwe sinomthwalo wemfanelo wokunakekela wonke umuntu onesithakazelo esimthola ensimini kungakhathaliseki uhlanga noma ulimi lwalowomuntu. Abadala, ikakhulukazi umbonisi wenkonzo, uyofuna ukuqikelela ukuthi wonke amaqembu ezilimi anakekelwa ngokwanele ensimini nasemihlanganweni yebandla.
4 Ibandla ngalinye kufanele liqikelele ukuthi lihlala linezincwadi zazo zonke izilimi ezitholakala ensimini yalo. Abamemezeli namaphayona kufanele baphathe ezimbalwa zalezizincwadi lapho behlanganyela enkonzweni. Ezimweni eziningi, umuntu okungenani angakwazi ukukhuluma isiNgisi noma olunye lwezilimi eziyinhloko ezisetshenziswa kuleyonsimu. Esikhathini esidlule, kungenzeka besishesha kakhulu ukuthumela amagama abo namakheli eNhlanganweni, sicela ukuba othile okhuluma ulimi lwabo abavakashele. Uma lingekho ibandla noma iqembu kuleyondawo elinganikeza ubufakazi ngolimi oludingekayo, kungase kube nommemezeli kwelinye lamabandla endawo olwaziyo lololimi ongase aye kuye. Nokho uma lokhu kungenakwenzeka, kungani ungazami ukuhlakulela lesosithakazelo ngokwakho? Abanye abamemezeli baye bafunda olunye ulimi, ngisho nolimi lwezandla, ukuze basize umuntu onesithakazelo ukuba atadishe iBhayibheli. Uma kungenakwenzeka ukuxoxa nalowomuntu, khuluma nombonisi wenkonzo oyobe esethinta umbonisi wedolobha. Uma engatholakali umuntu okhuluma lololimi ngisho nangemva kokuthinta umbonisi wedolobha, abazalwane bendawo kufanele benze konke abangakwenza ukuze baqikelele ukuthi ubufakazi buyanikezwa. Incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! iye yaba usizo kakhulu ezimweni ezinjalo.
5 Emabandleni amaningi asensimini yethu, kukhulunywa izilimi eziningi. Lokhu kungaba inselele yangempela kubadala. Uma labo ababa khona emihlanganweni yethu bengaphendula ngolunye lwezilimi eziyinhloko, kufanele bakhuthazwe ukuba benze kanjalo. Nokho, abanye babo bangase bakwazi ukuphendula ngolimi lwabo kuphela. Lapho kungase kwenzeke futhi kuwusizo khona, abadala bangase bathande ukuhlela isifundo sencwadi noma ngisho neSifundo Se-Nqabayokulinda esihlukile esizoqhutshwa ngalololimi. Uma, eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, bengenakukwazi ukunikeza izinkulumo zabo ngolunye lwezilimi eziyinhloko ezikhulunywa ebandleni, umphathi wesikole angabahlelela ukuba banikeze izinkulumo esikoleni sesibili noma sesithathu, mhlawumbe ahlele ukuba sonke isikole sesibili siqhutshwe ngalololimi ngalobobusuku. Lokhu kuye kwaholela ekwakheni amabandla ezinye izilimi ensimini yebandla. Futhi sisikisela ukuba lapho nibhale khona izikhathi zemihlangano yebandla niphawule ukuthi bonke abantu bamukelekile emihlanganweni yethu, ningabhali kuphela ngolimi oluyinhloko lwebandla kodwa nangolimi lomdabu olulodwa noma ngaphezulu olukhulunywa ensimini yenu.
6 Ngokwenza konke esingakwenza ukuze sifinyelele abantu ngezindaba ezinhle kungakhathaliseki ulimi lwabo, siyobe sibonakalisa uthando lukaNkulunkulu wethu, uJehova, “othanda ukuba abantu bonke basindiswe‚ bafinyelele ekulazini iqiniso.”—1 Thim. 2:4.