Ukufundisa Kwaphezulu Kunethonya Elinamandla
1 Yeka ilungelo esinalo lokuthola imfundo evela kuMuntu Waphezulu, uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu! (IHu. 50:1; Isaya 30:20b) Izixuku ezivela kuzo zonke izizwe namuhla, zikhuphukela entabeni yakhe yokukhulekela okuhlanzekile ukuze azifundise. (Mika 4:2) Izigidi zabanye zibhalisa ezikoleni eziphakamisa ukucabanga komuntu nokuhlakanipha kwezwe. Kodwa ukuhlakanipha okumshaya indiva uJehova neZwi lakhe elilotshiwe, uNkulunkulu ukubheka njengokuwubuwula, futhi labo abaholwa yikho baba abangenangqondo.—IHu. 14:1; 1 Kor. 1:25.
2 Isihloko esithi “Ukufundisa Kwaphezulu” sizovama kuso sonke isimiso emhlanganweni wethu wesigodi kulonyaka. Sizofunda ukuthi iZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe kusihlanganisa ebuzalwaneni bomhlaba wonke, kulolonga ubuntu bethu, kusivikela ezimfundisweni zamademoni, futhi kusiqeqeshela ukuba sibe izikhonzi ezingcono. Ingabe uzoba khona komunye walemihlangano ukuze uzuze ngokuqondile ekufundiseni kwaphezulu?
3 Indlela Okukuthinta Ngayo Ukuphila KobuKristu: Ukufundisa kwaphezulu kuthonya onembeza bethu. Wonke umuntu uzalwa enonembeza, kodwa ukuze usiqondise endleleni yokulunga nasenkonzweni ethokozisa uJehova, kumelwe uqeqeshwe. (IHu. 19:7‚ 8; Roma 2:15) Abantu bezwe abenzanga ukucabanga kwabo kwavumelana neZwi likaNkulunkulu, futhi ngenxa yalesosizathu badidekile futhi abaqiniseki ukuthi yikuphi okulungile nokungalungile. Kuyaye kuqubuke izimpikiswano ngokuqondene nezindaba zemikhuba emihle yokuziphatha nezimiso zokuhle ngoba ngamunye uyaphikelela ekwenzeni lokho yena akubona kulungile. Iningi lifuna ukukhululeka ngokuphelele ukuze lizinqumele inkambo yalo siqu yokuphila. Liyenqaba ukulalela okuwukuphela komthombo wokuhlakanipha kweqiniso. (IHu. 111:10; Jer. 8:9; Dan. 2:21) Kodwa ukufundisa kwaphezulu kuye kwasixazululela izinkinga ezinjalo, futhi sihlala sinobunye njengabendlu kaNkulunkulu ngoba sifundiswa nguye. Ngokuqiniseka sibheke phambili esikhathini esizayo sinonembeza abahle, sizigcina simatasa enkonzweni yethu.
4 Ukufundisa kwaphezulu kuyasisiza ukuba simelane ‘nemimoya yonke yezifundiso.’ (Efe. 4:14) Asikhangwa ifilosofi, eyenza abantu bahlale bebona amaphutha futhi babe abagxeki, ekhuthaza ukwenza lokho umuntu akubonayo, futhi eholela ekuwohlokeni kokuziphatha. Siyakujabulela ukufundiswa uJehova, futhi kanjalo sigwema usizi nokudabuka abaningi ababhekana nalo. Imithetho kaJehova nezikhumbuzo ‘kunjengezwi emva kwethu,’ elithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”—Isaya 30:21.
5 Imihlangano Yethu Nenkonzo: Sibheka amaHeberu 10:23-25 njengomyalo ovela kuNkulunkulu. Emihlanganweni yebandla, sifundiswa uJehova. Ingabe kuwumkhuba wethu ukuba khona njalo emihlanganweni, noma ingabe sibheka ukuba semhlanganweni njengento engabalulekile kangako? Khumbula, ukuhlangana ndawonye kuyingxenye yokukhulekela kwethu. Akufanele kubhekwe njengento engase ikhethwe noma iyekwe. Asinakukwazi ukuphuthelwa yinoma iyiphi ingxenye yesimiso sokondliwa ngokomoya uJehova asilungisele sona.
6 UMose wathandaza kuNkulunkulu: “Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, [ukuze] sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.” (IHu. 90:12) Ingabe nathi sithandazela lokho? Ingabe siyalwazisa usuku ngalunye oluyigugu? Uma sikwenza, khona-ke ‘siyozuza inhliziyo enokuhlakanipha’ ngokusebenzisa usuku ngalunye ngendlela ezuzisayo, kube udumo kuMfundisi wethu Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Ukufundisa kwaphezulu kuyosisiza ukuba sikwenze lokho.