Isahluko 20
Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke
UMUZWA wobuzalwane bangempela phakathi koFakazi BakaJehova ubonakaliswa ngezindlela eziningi. Labo ababa khona emihlanganweni yabo bayabubona ubufakazi bawo. Emihlanganweni yabo emikhulu ubonakaliswa ngezinga elandisiwe. Ubonakala ngokucacile nanjengoba besebenza ndawonye ukuze balungiselele izindawo ezifanelekayo zokuhlangana zamabandla abo.
Lapho kuqala ishumi leminyaka lawo-1990, kwakunamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kwangu-60 000 emhlabeni wonke. Phakathi neshumi leminyaka elandulele, kuye kwanezelwa amabandla amasha angu-1 759, ngokwesilinganiso, unyaka ngamunye. Ekuqaleni kwawo-1990, lelonani lase lande laba ngaphezu kwangu-3 000 ngonyaka. Ukulungiselela izindawo ezifanelekayo ukuze bonke bahlangane kuye kwaba umsebenzi omkhulu.
AmaHholo OMbuso
Njengoba kwakunjalo ngamaKristu ekhulu lokuqala, amabandla amaningi oFakazi BakaJehova ekuqaleni ayesebenzisa amakhaya abantu ekuqhubeni eminingi yemihlangano yawo. EStockholm, eSweden, abambalwa ababengabokuqala ukuqhuba imihlangano yasikhathi sonke lapho basebenzisa indawo yokubaza, ababeyiqasha ukuze bayisebenzise ngemva kokuba umsebenzi wosuku usuphelile kulendawo. Ngenxa yokushushiswa, iqembu elincane esifundazweni saseLa Coruña, eSpain, laqhubela imihlangano yalo yokuqala endaweni encane yokugcina izinto, noma inqolobane.
Lapho kudingeka indawo enkudlwana, emazweni ayenikeza inkululeko yokwenza kanjalo, amabandla endawo oFakazi BakaJehova ayeqasha indawo yokuhlangana. Nokho, uma nezinye izinhlangano zazilisebenzisa lelohholo, izinto ezazisetshenziswa kwakudingeka zithuthwe noma zimiswe isikhathi ngasinye uma kunomhlangano, futhi ngokuvamile kwakuba nephunga elingapheli likagwayi. Uma kwenzeka, abazalwane babeqasha indawo yokugcina izimpahla engasetshenziswa noma ikamelo eliphezulu elalingase lisetshenziswe ibandla kuphela. Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi, ezindaweni eziningi imali yokuqasha ephakeme nokungatholakali kwezindawo ezifanelekayo kwenza kwadingeka ukuba kwenziwe amanye amalungiselelo. Kwezinye izimo kwakuthengwa izakhiwo bese ziyavuselelwa.
Ngaphambi kweMpi Yezwe II, kwakunamabandla ambalwa akha izindawo zokuhlangana ezazakhelwe ngokukhethekile ukuba zisetshenziswe yiwo. Ngisho nasemuva ngawo-1890, iqembu labaFundi BeBhayibheli e-United States eMount Lookout, eNtshonalanga Virginia, lazakhela eyalo siqu indawo yokuhlangana.a Nokho, ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso yonke indawo kuze kwaqala ngawo-1950.
Igama elithi iHholo LoMbuso lasikiselwa ngo-1935 uJ. F. Rutherford, ngalesosikhathi owayengumongameli we-Watch Tower Society. Ngokuqondene nezakhiwo zegatsha zeNhlangano eHonolulu, eHawaii, wahlela ukuba abazalwane bakhe ihholo lapho imihlangano yayingase iqhutshelwe khona. Lapho uJames Harrub ebuza uMfoweth’ uRutherford ukuthi wayezosiqamba ngokuthini lesisakhiwo, waphendula: “Awucabangi yini ukuthi kufanele sithi ‘iHholo LoMbuso,’ kwazise yilokho esikwenzayo, ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso?” Ngemva kwalokho, uma kunokwenzeka, amahholo ayesetshenziswa njalo oFakazi kancane kancane aqala ukuphawulwa ngezimpawu ezithi “IHholo LoMbuso.” Ngakho, lapho iLondon Tabernacle ivuselelwa ngo-1937-38, yaqanjwa kabusha ngokuthi iHholo LoMbuso. Ngokuhamba kwesikhathi, indawo eyinhloko yokuhlangana yamabandla ezindawo emhlabeni wonke yaziwa ngokuthi iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.
Izindlela Ezihlukahlukene Zokukufeza
Izinqumo ngokuqondene nokuthi amaHholo OMbuso ayaqashwa noma ayakhiwa zenziwa amabandla ngamanye. Futhi abhekana nanoma yiziphi izindleko zokwakhiwa nokunakekelwa kwezakhiwo. Ukuze onge imali, amabandla amaningi aye azama ukwenza umsebenzi wokwakha odingekayo omningi kangangokunokwenzeka ngaphandle kokuphendukela kubakhi bangaphandle.
Amahholo angase akhiwe ngesitini, itshe, amapulangwe, noma ezinye izinto zokwakha, kuye ngokuthi kubiza kangakanani nokuthi yini etholakalayo kuleyondawo. EKatima Mulilo, eNamibia, utshani obude basetshenziswa ekufuleleni, futhi udaka oluvela ezidulini (oluqinayo uma selomile) lwalungiswa kwenziwa ngalo izindonga nephansi. OFakazi baseSegovia, eColombia, bazenzela amabhuloki okwakha amakhulu kasimende. Itshe elingasikiwe lentabamlilo leNtaba iLassen lasetshenziswa eColfax, eCalifornia.
Njengoba inani lababeba khona emihlanganweni ngokuvamile laleqa ku-200 ngo-1972, ibandla laseMaseru, eLesotho, lazi ukuthi kwakudingeka lakhe iHholo LoMbuso elifanele. Bonke abantu basiza kulomsebenzi. Abazalwane asebekhulile babehamba amakhilomitha angu-32 ukuze babe nengxenye. Abantwana babegingqa imigqomo yamanzi beze nayo endaweni okwakhiwa kuyo. Odade babelungiselela ukudla. Futhi babesebenzisa izinyawo zabo ukuze bagandaye umhlabathi, bewugqisha lapho kulungiselelwa ukuthelwa kukakhonkolo owawuzokwenza iphansi, kuyilapho becula izingoma zoMbuso benyathela ngokuvumelana nesigqi somculo. I-sandstone, eyayitholakala ezintabeni eziseduze mahhala, yasetshenziswa ezindongeni. Umphumela kwaba iHholo LoMbuso elingahlalisa abantu abacishe babe ngu-250.
Ngezinye izikhathi, oFakazi emabandleni aseduze babesiza emsebenzini wokwakha. Ngakho, ngo-1985, lapho oFakazi BakaJehova eMbali, ilokishi labansundu eNingizimu Afrika, bakha ihholo elingahlalisa abantu abangu-400 ngokunethezeka, oFakazi abakanye nabo baseMgungundlovu naseThekwini beza bezosiza. Ungacabanga ukuthi omakhelwane babemangele kanjani, phakathi nalezozinsuku zeziyaluyalu zobuhlanga eNingizimu Afrika, lapho bebona abaningi boFakazi abamhlophe, amaKhaladi, namaNdiya betheleka kulelilokishi futhi besebenza ngobunye nabafowabo abaNsundu? Njengoba umphathi wedolobha asho: “Kungenziwa ngothando kuphela.”
Kungakhathaliseki ukuthi ukuzimisela kungakanani, amabandla aye athola ukuthi izimo zendawo ziyakulinganisela lokho abazalwane abangakwenza. Emabandleni, amadoda ayenemikhaya okwakumelwe ayondle futhi ngokuvamile engasebenza emsebenzini onjalo wokwakha ngezimpelasonto kuphela futhi mhlawumbe kancane kusihlwa. Emabandleni amaningi uma bekhona, babembalwa ababenekhono emisebenzini yokwakha. Nokho, isakhiwo esivamile ngokwesilinganiso, esithé ukuvuleka esifanelekele izindawo ezishisayo singase simiswe ngezinsuku ezimbalwa noma mhlawumbe amasonto ambalwa. Ngosizo loFakazi emabandleni aseduze, izakhiwo eziqinile zingase ziqedwe ngezinyanga ezinhlanu noma eziyisithupha. Kwezinye izimo zingase zidinge unyaka noma iminyaka emibili.
Nokho, njengoba babengena ko-1970, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke babanda ngesilinganiso samabandla amasha amabili kuya kwamathathu ngosuku. Ekuqaleni kwawo-1990, isilinganiso sokwanda sasingamabandla ayisishiyagalolunye ngosuku. Ingabe kwakungase kuhlangatshezwane nesidingo esingenakubalekelwa samaHholo OMbuso amasha?
Ukusungula Amasu Okwakha Ngokushesha
Ekuqaleni ngawo-1970, e-United States, oFakazi abangaphezu kwabangu-50 emabandleni aseduze bafika bezosiza ekwakheleni iqembu elalihlangana eDolobheni laseWebb iHholo LoMbuso elisha eCarterville, eMissouri. Ngempelasonto eyodwa bamisa uhlaka oluyinhloko lwesakhiwo futhi benza umsebenzi omkhulu ophahleni. Kwakusekuningi okwakumelwe kwenziwe, futhi kwathatha izinyanga eziningi ngaphambi kokuba umsebenzi uphele; kodwa ingxenye ebalulekile yawo yayiqedwe ngesikhathi esifushane.
Phakathi neshumi leminyaka elalandela, njengoba abazalwane besebenza ndawonye emahholweni acishe abe ngu-60, kwanqotshwa izithiyo, futhi kwasungulwa izindlela eziphumelela ngokwengeziwe. Ngokuhamba kwesikhathi, baqaphela ukuthi ngemva kokuba umsebenzi wesisekelo sesakhiwo usuphelile, cishe babengase bakwazi ukuqeda lonke iHholo LoMbuso ngempelasonto eyodwa.
Ababonisi bamabandla abambalwa—bonke ababengabasentshonalanga ephakathi ye-United States—baqala ukusebenzela kulowomgomo. Lapho amabandla ecela usizo ekwakheni amaHholo awo oMbuso, oyedwa noma ngaphezulu kulabazalwane wayexoxa nabo ngomsebenzi futhi anikeze imininingwane ngokuqondene nokulungiselela okwakumelwe kwenziwe kulelobandla ngaphambi kokuba kwenziwe umsebenzi. Phakathi kwezinye izinto, kwakumelwe kutholakale izimvume zokwakha, kuthelwe isisekelo nokhonkolo waphansi, kube nogesi osebenzayo, kufakwe amapayipi amanzi ahamba ngaphansi, kwenziwe namalungiselelo anokwethenjelwa okuletha izinto zokwakha. Khona-ke kwakungase kumiswe usuku lokwakha iHholo LoMbuso ngokwalo. Izingxenye zesakhiwo zazingeke zakhiwe ngaphambi kwesikhathi; zazizokwakhiwa kusuka phansi khona esizeni.
Obani ababezokwenza umsebenzi wokwakha? Ngezinga okwakungenzeka ngalo, wawenziwa izisebenzi zokuzithandela, ezingakhokhelwa lutho. Yonke imikhaya ngokuvamile yayihlanganyela. Labo abahlela umsebenzi babethintana noFakazi abazi imisebenzi ethile ababezwakalise ukuzimisela ukuhlanganyela kulemisebenzi. Abaningi babo babebheka phambili ngokulangazela emsebenzini ngamunye omusha wokwakha. Abanye oFakazi ababezwa ngalemisebenzi babefuna ukuba nengxenye; abaningi abasendaweni eseduze—nasezindaweni ezithé ukuqhela—babetheleka ezizeni zokwakha, belangazelela ukunikela ngezinkonzo zabo nganoma iyiphi indlela ababengenza ngayo. Abaningi babo babengebona abakhi abangochwepheshe, kodwa ngokuqinisekile babenikeza ubufakazi bokuthi bafanelana nencazelo yalabo ababezoba abasekeli boMbuso KaJehova WobuMesiya njengoba kuvezwe kumaHubo 110:3, athi: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo.”
NgoLwesine kusihlwa ngaphambi kokuqala komsebenzi omkhulu, labo ababeqondisa umsebenzi babehlangana ukuze bahlele imininingwane yokugcina. Ngobusuku obulandelayo, izisebenzi zaziboniswa inkulumo yama-slide eyayiphathelene nenqubo ukuze ziqonde indlela umsebenzi owawuzokwenziwa ngayo. Kwakugcizelelwa ukubaluleka kwezimfanelo zokwesaba uNkulunkulu. Abazalwane babekhuthazwa ukuba basebenze ndawonye ngothando, babe nomusa, babonise ukubekezela nokucabangela. Wonke umuntu wayekhuthazwa ukuba asebenze ngesivinini esihle kodwa futhi anganqikazi ukusebenzisa imizuzu embalwa ehlanganyela okuhlangenwe nakho okwakhayo nothile. Ekuseni ngosuku olulandelayo, ukwakha kwakuqala.
Ngesikhathi esimisiwe ekuseni ngoMgqibelo, wonke umuntu wayeyeka ayekwenza ukuze alalele ukukhulunyelwa komBhalo wetekisi losuku. Kwakuthandazwa, ngoba kwakuqashelwa ukuthi ukuphumelela kwawo wonke lomsebenzi kuxhomeke esibusisweni sikaJehova.—IHu. 127:1.
Lapho umsebenzi uqala, wawuhamba ngokushesha. Ngesikhathi esingangehora izindonga zazisuke sezimile. Kwakulandela izinsimbi zophahla. Amapulangwe ayizicaba ezindonga ayebethelwa ezindaweni zawo. Abasebenza ngogesi babeqala ukufaka izintambo. Kwakufakwa amapayipi okuhambisa umoya opholisayo nofudumezayo. Kwakhiwe amakhabethe abekwe ezindaweni zawo. Ngezinye izikhathi lalina impelasonto yonke, noma isimo sezulu sishintshe sibande kakhulu noma sishise kakhulu, kodwa umsebenzi wawuqhubeka. Kwakungekho kuncintisana nokubanga phakathi kwezisebenzi.
Ngokuvamile, ngaphambi kokushona kwelanga ngosuku lwesibili, iHholo LoMbuso lalisuke seliphelile—lihlotshiswe kahle ngaphakathi, mhlawumbe kutshalwe notshani ngaphandle. Lapho kungenzeka khona, imisebenzi yayihlelwa ukuba ithathe izinsuku ezintathu, noma mhlawumbe izimpelasonto ezimbili. Ekupheleni komsebenzi, abaningi bezisebenzi babesala, bekhathele kodwa bejabule kakhulu, ukuze bajabulele umhlangano webandla wokuqala ngqá wasikhathi sonke, isifundo se-Nqabayokulinda.
Bengabaza ukuthi umsebenzi osezingeni eliphezulu ungenziwa ngokushesha okungako, abantu abaningana eGuymon, e-Oklahoma, e-U.S.A., babiza umhloli wezokwakha wedolobha. “Ngabatshela ukuthi uma befuna ukubona okuthile okwenziwe kahle, kumelwe baye ehholo!” kusho lomhloli lapho kamuva elandisa oFakazi ngalesisenzakalo. “Nina nikwenza ngendlela efanele ngisho nalokho okungase kufihlwe kungabonakali!”
Njengoba isidingo samaHholo OMbuso sasikhula, abazalwane ababesungule eziningi zezindlela zokwakha ngokushesha baqeqesha abanye. Imibiko ephathelene nalokho okwakwenziwa yasakazekela kwamanye amazwe. Ingabe izindlela ezinjalo zokwakha zazingase zisetshenziswe nalapho?
Ukwakha Ngokushesha Kwenziwa Emhlabeni Wonke
Ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso eCanada kwakungahlangabezani nezidingo zamabandla. OFakazi eCanada bamema labo ababehlela imisebenzi yokwakha ngokushesha e-United States ukuba bazochaza indlela ababekwenza ngayo. Ekuqaleni, abaseCanada bakungabaza ukuthi kwakungase kwenziwe eCanada, kodwa banquma ukuzama. IHholo LoMbuso lokuqala elakhiwa ngalendlela eCanada kwaba elase-Elmira, e-Ontario, ngo-1982. Ngo-1992, kwakunamaHholo OMbuso angu-306 eCanada ayakhiwe ngalendlela.
OFakazi eNorthampton, eNgilandi, bacabanga ukuthi nabo babengakwenza. Umsebenzi wabo, ngo-1983, kwakungowokuqala ngqá eYurophu. Abazalwane abanokuhlangenwe nakho kuloluhlobo lokwakha basuka e-United States naseCanada ukuze bayoqondisa umsebenzi futhi basize oFakazi bendawo ukuba bafunde indlela yokuwenza. Ezinye izisebenzi zokuzithandela zazikhona zivela kude njengaseJapane, eNdiya, eFrance, naseJalimane. Babeye njengezisebenzi zokuzithandela, ezingakhokhelwa lutho. Kwakwenzeka kanjani konke lokhu? Njengoba umqondisi weqembu loFakazi base-Ireland ababenza lomsebenzi asho, ‘Kuyaphumelela ngoba bonke abazalwane nodade bayabambisana beqhutshwa umoya kaJehova.’
Ngisho nakuba imithetho yokwakha yendawo ibonakala yenza imisebenzi enjalo ibe engenakwenzeka, oFakazi baye bathola ukuthi, ngokuvamile, lapho izikhulu zamadolobha zichazelwa imininingwane, ziyakujabulela ukubambisana nabo.
Ngemva komsebenzi wokwakha ngokushesha eNorway, enyakatho ye-Arctic Circle, iphephandaba i-Finnmarken lababaza: “Kuhle impela. Yilawomazwi kuphela esingawathola okuchaza lokho oFakazi BakaJehova abakwenze ngempelasonto edlule.” Ngokufanayo, lapho oFakazi esiqhingini saseNew Zealand iNorth Island bakha iHholo LoMbuso elihle ngezinsuku ezimbili nengxenye, isihloko esikhulu esasisekhasini lokuqala ephephandabeni lendawo sathi: “Umsebenzi Ocishe Ube Isimangaliso.” Lesisihloko sanezela: “Mhlawumbe isici esivusa amadlingozi kakhulu siwukuhleleka nokuthula umsebenzi owawenziwa ngakho.”
Ukuba kude kwendawo iHholo LoMbuso elidingeka kuyo akubi umngcele ongenakweqiwa. EBelize umsebenzi wokwakha ngokushesha wenziwa, nakuba kwakusho ukuthutha zonke izinto zokwakha ziyiswe esiqhingini esingamakhilomitha angu-60 ukusuka eDolobheni laseBelize. Lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso elinesimiso sokupholisa nokushisisa umoya ePort Hedland, eNtshonalanga Australia, ngempelasonto eyodwa, lakhiwa ngezinto zokwakha nezisebenzi cishe zonke ezazivela endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-1 600 noma ngaphezulu. Izindleko zokuhamba zakhokhelwa izisebenzi ngokwazo. Iningi lalabo ababenengxenye kulomsebenzi lalingabazi oFakazi beBandla lasePort Hedland, futhi bambalwa kubo abayoke bahlanganyele imihlangano lapho. Kodwa lokho akuzange kubavimbele ekuboniseni uthando lwabo ngalendlela.
Ngisho nalapho inani loFakazi lilincane, lokhu akuzange kuvimbele ukuba kusetshenziswe izindlela ezinjalo ekwakheni amahholo. OFakazi abangaba ngu-800 eTrinidad baziyela ngokuzithandela eTobago beyosiza abafowabo nodadewabo abangamaKristu abangu-84 ukuba bakhe ihholo eScarborough ngo-1985. OFakazi abangu-17 (iningi labo kungabesifazane nabantwana) eGoose Bay, eLabrador, babeludinga ngempela usizo ukuze babe neHholo LoMbuso elithi bona. Ngo-1985, oFakazi bakwezinye izingxenye zaseCanada baqasha izindiza ezintathu ezazizothatha abangu-450 kubo zibayise eGoose Bay ukuze bayokwenza lomsebenzi. Ngemva kwezinsuku ezimbili zokusebenza kanzima, baba nesimiso sokunikezela ehholo elase liphelile ngeSonto kusihlwa.
Lokhu akusho ukuthi wonke amaHholo OMbuso manje akhiwa ngezindlela zokwakha ezisheshayo, kodwa amanani anda njalo awo akhiwa ngazo.
AmaKomiti Okwakha Ezifunda
Phakathi no-1986 isilinganiso amaHholo OMbuso amasha ayedingeka ngaso sase sikhule kakhulu. Phakathi nonyaka owawandulele, kwakumiswe amabandla amasha angu-2 461 emhlabeni wonke; angu-207 kulawa ayese-United States. Amanye amaHholo OMbuso ayesetshenziswa amabandla amathathu, amane, noma ngisho namahlanu. Njengoba imiBhalo yayibikezele, uJehova wayewusheshisa ngempela umsebenzi wokubutha.—Isaya 60:22.
Ukuze kuqinisekwe ukuthi amakhono ezisebenzi asetshenziswa ngokunenzuzo ngangokunokwenzeka futhi ukuze bonke ababakha amaHholo OMbuso benziwe bakwazi ukuzuza kokuhlangenwe nakho ababekutholile, iNhlangano yaqala ukuqondisa umsebenzi wabo. Njengesiqalo, ngo-1987 i-United States yahlukaniselwa amaKomiti Okwakha Ezifunda angu-60. Kwakukuningi okwakumelwe akwenze; amanye awo ngokushesha ayesenemisebenzi ehlelelwe unyaka owodwa noma ngaphezulu. Labo ababemisiwe ukuba bakhonze kulamakomiti kwakungamadoda, okokuqala, ayefaneleka ngokomoya, angabadala emabandleni, ayisibonelo ekusebenziseni izithelo zomoya kaNkulunkulu. (Gal. 5:22, 23) Abaningi kubo babenokuhlangenwe nakho ezindabeni zezindlu nezindawo, ezobunjiniyela, ezokwakha, ezokuphathwa kwebhizinisi, ezokuphepha, kanye nemikhakha ehlobene naleyo.
Amabandla akhuthazwa ukuba athintane neKomiti Yokwakha Yesifunda ngaphambi kokuba akhethe isiza seHholo LoMbuso elisha. Lapho kunamabandla amaningi edolobheni, akhuthazwa ukuba athintane nom(aba)bonisi we(be)sifunda, umbonisi wedolobha, kanye nabadala basemabandleni aseduze. Amabandla ayehlela ukwenza umsebenzi omkhulu wokuvuselela noma wokwakha iHholo LoMbuso elisha atshelwa ukuba azuze kokuhlangenwe nakho kwabazalwane abaseKomitini Yokwakha Yesifunda yendawo naseziqondisweni iNhlangano ebanikeza zona. Ngaleyokomiti, kwakwenziwa amalungiselelo okuhlanganisa izisebenzi ezinekhono ezidingekayo phakathi kwabazalwane nodade abenza imisebenzi engu-65 abase bevumile kakade ngokuzithandela ukusiza emisebenzini enjalo.
Njengoba izinqubo zazithuthukiswa, kwakwenzeka ukunciphisa inani lezisebenzi ezazihileleke kunoma yiluphi uhlobo olulodwa lomsebenzi. Esikhundleni sokuba nabayizinkulungwane esizeni esisodwa bebukela noma benikela ngezinkonzo zabo, kwakuthukela kuba nabangaphezu kwabangu-200 esizeni ngesikhathi esisodwa. Esikhundleni sokuchitha yonke impelasonto lapho, izisebenzi zaziba khona lapho kudingeka amakhono azo siqu. Ngakho zaziba nesikhathi esengeziwe sokuba nemikhaya yazo nesokusebenza namabandla ezihlanganyela kuwo. Lapho abazalwane bendawo bengazenza ezinye izinhlobo zomsebenzi ngesikhathi esifanele, ngokuvamile kwakutholakala kuwusizo ngokwengeziwe ukuletha iqembu elakha ngokushesha ukuze lenze kuphela lezozici zomsebenzi elalidingeka kakhulu kuzo.
Nakuba wonke umsebenzi wawuqhubeka ngesivinini esimangalisayo, lokhu akukhona okwakucatshangelwa ngokuyinhloko. Okwakubaluleke kakhulu kwakuwukwakhiwa kwamaHholo OMbuso asezingeni eliphezulu anesizotha akhelwe ukuhlangabezana nezidingo zendawo. Kwakuhlelwa ngokucophelela ukuze kufezwe lokhu kuyilapho izindleko zigcinwa ziphansi. Kwakuthathwa izinyathelo ukuze kuqikelelwe ukuthi ukuphepha kwakwenziwa kuze kuqala—ukuphepha kwezisebenzi, omakhelwane, abadlula ngendlela, nabayosebenzisa iHholo LoMbuso esikhathini esizayo.
Njengoba imibiko ephathelene nalelilungiselelo lokwakha amaHholo OMbuso ifinyelela kwamanye amazwe, amahhovisi egatsha eNhlangano ayekholelwa ukuthi lalizoba usizo ezindaweni akuzo anikezwa imininingwane edingekile. Ngo-1992, amaKomiti Okwakha Ezifunda amiswe yiNhlangano ayesiza ekwakheni amaHholo OMbuso emazweni anjengako-Argentina, e-Australia, eBrithani, eCanada, eFrance, eJalimane, eJapane, eMexico, eNingizimu Afrika, naseSpain. Izindlela zokwakha zavunyelaniswa nezimo zendawo. Lapho kudingeka usizo oluvela kwelinye igatsha lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso, lwaluhlelwa ngehhovisi lendlunkulu yeNhlangano. Kwezinye izingxenye zezwe, amahholo amasha ayakhiwa ngezinsuku ezimbalwa; kwezinye, ngamasonto ambalwa noma mhlawumbe ngezinyanga ezimbalwa. Ngokuhlela ngokucophelela nangomzamo oqondisiwe, isikhathi esidingekayo ekulungiseleleni iHholo LoMbuso elisha sasincishiswa ngempela.
Lemisebenzi yokwakha yoFakazi BakaJehova ayizange igcine emaHholweni OMbuso. Izakhiwo ezinkudlwana ziyadingeka lapho amaqembu amabandla ehlangana ukuze abe nemihlangano yesifunda nemihlangano ekhethekile yosuku olulodwa.
Ukuhlangabezana Nesidingo SamaHholo OMhlangano
Eminyakeni edlule, izakhiwo eziyizinhlobonhlobo ziye zasetshenziselwa imihlangano yesifunda. OFakazi BakaJehova baye baqasha izindawo ezinjengamahholo omphakathi, izikole, izinkundla zemidlalo yaseshashalazini, izindawo zokuqeqeshela impi, izinkundla zezemidlalo, kanye nezindawo ezivulekile zemibukiso. Ezindaweni ezimbalwa, izindawo ezikahle kakhulu zazitholakala ngemali ephansi. Ngokuvamile, kwakudingeka isikhathi esiningi nomzamo ukuze kuhlanzwe izindawo, kumiswe imibhobho yokukhulisa izwi, kumiswe isiteji, futhi kuthuthwe izihlalo zilethwe. Ngezinye izikhathi imvume yokusebenzisa indawo yayihoxiswa ngomzuzu wokugcina. Njengoba inani lamabandla lalikhula, kwakuya kuba nzima ukuthola izindawo ezifanelekayo ezanele. Kwakungenziwani?
Nakulokhu, ikhambi laba ukuba oFakazi BakaJehova babe nezindawo ezithi bona. Lokhu kwakuyohlanganisa ukuvuselela izakhiwo ezifanelekayo nokwakha ezintsha. Elokuqala lamaHholo OMhlangano anjalo elaba se-United States laliyinkundla eyayiseDolobheni laseLong Island, eNew York, eyavuselelwa futhi yaqala ukusetshenziswa oFakazi BakaJehova ngasekupheleni kuka-1965.
Cishe ngesikhathi esifanayo, oFakazi esiqhingini saseCaribbean iGuadeloupe babeklama iHholo LoMhlangano elalizohlangabezana nezidingo zabo. Baba nomuzwa wokuthi kwakungaba usizo ukuba nemihlangano yesifunda ezindaweni eziningi ezihlukene. Kodwa amadolobha amaningi ayengenazo izindawo ezinkulu ngokwanele. Ngakho oFakazi bakha isakhiwo esithwalekayo esasenziwe ngamapayipi ensimbi sinophahla lwe-aluminium, esasingahlalisa abantu abangu-700 futhi esasingase simiswe nomaphi lapho kunendawo eyayithafa ngezinga elithile. Kwadingeka balikhulise lelihholo ngokuphindaphindiwe, kwaze kwaba yilapho lingahlalisa abantu abangu-5 000. Cabanga nje, ukuthutha, ukumisa, nokudiliza amathani angu-30 ezinto zokwakha emhlanganweni ngamunye! LeloHholo LoMhlangano lamiswa futhi ladilizwa izikhathi eziningana ngonyaka iminyaka engu-13, kwaze kwaba yilapho kuba nzima ukuthola indawo yehholo elithwalekayo futhi kudingeka ukuba kwakhiwe iHholo LoMhlangano elalizohlala limile, manje elingelemihlangano yesifunda neyesigodi.
Ezindaweni eziningi, kwakusetshenziswa izakhiwo ezase zikhona lapho kwakhiwa amaHholo OMhlangano. ENgilandi, eHays Bridge, eSurrey, isikole esasineminyaka engu-50 sikhona sathengwa sase sivuselelwa. Sasisendaweni enhle esemaphandleni engamahekthare angu-11. Izindawo ezazingezokudlala amabhayisikobho nezindawo zokugcina izinto ezithengiswayo zezimboni zalungiswa kabusha futhi zaqala ukusetshenziswa eSpain; ifektri yezindwangu engasetshenziswa e-Australia; ihholo lomdanso eQuebec, eCanada; indawo yomdlalo webhola eligingqwayo eJapane; indawo yokugcina izimpahla eRepublic of Korea. Zonke lezi zalungiswa kabusha zaba amaHholo OMhlangano amahle ayengaba izikhungo ezinkulu zemfundo yeBhayibheli.
Amanye amaHholo OMhlangano ayemasha ngokuphelele, akhiwe esuswa phansi. Umklamo ongavamile onezinhlangothi eziyisishiyagalombili wehholo laseHellaby, eNingizimu Yorkshire, eNgilandi, kanye neqiniso lokuthi umsebenzi omkhulu wenziwa izisebenzi zokuzithandela kwabangela ukubhalwa kwesihloko ephephabhukwini le-Institution of Structural Engineers. IHholo LoMhlangano eSaskatoon, eSaskatchewan, eCanada, lakhelwe ukuhlalisa abantu abangu-1 200; kodwa lapho izindonga zangaphakathi zifakwa endaweni yazo, lesisakhiwo singasetshenziswa njengamaHholo OMbuso amane ancikene. IHholo LoMhlangano laseHaiti (izindonga zalo ezakhiwa e-United States zase ziyathunyelwa) lalivulekile ezinhlangothini ezimbili ukuze abahlezi ngaphakathi bapholiswe umoya okhona—okusho ukukhululeka elangeni elishisayo laseHaiti. Ihholo elisePort Moresby, ePapua New Guinea, laklanywa ngendlela yokuthi izingxenye zodonga zivuleke njengeminyango ukuze kuzuze izixuku ezinganeli ngaphakathi.
Isinqumo sokwakha iHholo LoMhlangano asenziwa iqembu elincane lababonisi bese belindela ukuba wonke umuntu abasekele. Ngaphambi kokuba kwakhiwe noma yiliphi iHholo LoMhlangano, iNhlangano iqikelela ukuba kuhlaziywe ngokucophelela ukuthi sikhona yini isidingo salo nokuthi lizosetshenziswa kangakanani. Akucatshangelwa kuphela intshiseko ekuleyondawo ngalowomsebenzi kodwa kucatshangelwa nazo zonke izidingo zensimu. Kuxoxwa nawo wonke amabandla azohileleka, ukuze kuqinisekwe ngesifiso nekhono labazalwane lokukusekela.
Ngakho, lapho umsebenzi uqala, oFakazi BakaJehova kuleyondawo bawusekela ngobuqotho. Umsebenzi ngamunye uxhaswa ngokwezimali yibo oFakazi. Izidingo zezimali ziyachazwa, kodwa iminikelo ingeyokuzithandela futhi akushiwo ukuthi ivela kobani. Ukuhlela ngokucophelela kwenziwa kusengaphambili, futhi lowomsebenzi uzuza kokuhlangenwe nakho okuzuzwe ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso, futhi ngokuvamile, kweminye imisebenzi yamaHholo OMhlangano kwezinye izindawo. Uma kudingeka, ezinye izici zomsebenzi zingase zinikwe abakhi bangaphandle, kodwa ingxenye enkulu yawo ngokuvamile yenziwa oFakazi abashisekayo. Lokhu kungase kunciphise izindleko.
Uma kunezisebenzi ezingochwepheshe abanekhono nabanye abanikela ngokuzithandela ngesikhathi nangamakhono abo, wonke umsebenzi ngokuvamile uyashesha. Eminye imisebenzi ingase idinge isikhathi esingaphezu konyaka. Kodwa eVancouver Island eCanada, ngo-1985, izisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-4 500 zaqeda iHholo LoMhlangano elingamamitha-skwele angu-2 300 ngezinsuku eziyisishiyagalolunye kuphela. Lesisakhiwo sihlanganisa neHholo LoMbuso elingahlalisa abantu abangu-200 elisetshenziswa amabandla endawo. ENew Caledonia, uhulumeni wamisa umthetho wewashi ngo-1984 ngenxa yesiphithiphithi sezombangazwe, nokho isikhathi ngasinye kwakusebenza izisebenzi zokuzithandela ezingu-400 eHholo LoMhlangano, futhi laqedwa ngezinyanga ezine kuphela. NgaseStockholm, eSweden, iHholo LoMhlangano elihle, elisebenzisekayo, elinezihlalo ze-oki ezinomfonomfo ezingu-900, lakhiwa ngezinyanga eziyisikhombisa.
Ngezinye izikhathi kuye kwadingeka kuyiwe ezinkantolo kuphindelelwa ukuze kutholakale izimvume zokwakha lamaHholo OMhlangano. Lokho kwenzeka eCanada eSurrey, eBritish Columbia. Lapho kuthengwa indawo, imithetho ebusa lendawo yayikuvumela ukwakhiwa kwendawo enjalo yokukhulekela. Kodwa ngemva kokuba sekufakwe amapulani okwakha, ngo-1974, uMkhandlu Wesifunda SaseSurrey wakhipha umthetho kamasipala othi amasonto namahholo omhlangano ayengase akhiwe eZone P-3 kuphela—indawo eyayingekho! Nokho, amasonto angu-79 ngaphambili ayakhiwe endaweni kamasipala kwangaba nankinga. Lendaba yadluliselwa enkantolo. Kwakhishwa izinqumo eziphindaphindiwe ezivuna oFakazi BakaJehova. Lapho okungenani ukuvimbela kwezikhulu ezazinobandlululo sekugudluziwe, izisebenzi zokuzithandela zasukela lomsebenzi ngentshiseko kangangokuba zawuqeda ngezinyanga ezicishe zibe isikhombisa. Njengoba kwenzeka kuNehemiya njengoba ayezama ukwakha kabusha izindonga zaseJerusalema lasendulo, baba nomuzwa wokuthi ‘isandla sikaNkulunkulu sasiphezu kwabo’ ukuze bafeze lomsebenzi.—Neh. 2:18.
Lapho oFakazi BakaJehova e-United States bethenga iStanley Theater eDolobheni laseJersey, eNew Jersey, lesisakhiwo sasisencwadini yombuso yezindawo ezingokomlando. Nakuba lenkundla yayisesimweni esidabukisayo sokonakala, yayinethuba elihle lokuba isetshenziswe njengeHholo LoMhlangano. Nokho, lapho oFakazi befuna ukwenza umsebenzi wokulungisa owawudingeka, izikhulu zedolobha zenqaba nezimvume. Umphathi wedolobha wayengabafuni oFakazi BakaJehova kuleyondawo; wayeyihlelele okunye lendawo. Kwadingeka kuyiwe enkantolo ukuze kuvinjelwe izikhulu ukuba zingalisebenzisi ngokungemthetho igunya lazo. Inkantolo yakhipha isinqumo esivuna oFakazi. Ngokushesha ngemva kwalokho, izakhamuzi zendawo zamsusa esikhundleni ngevoti lomphathi wedolobha. Umsebenzi ehholo waqhubeka ngokushesha. Umphumela waba iHholo LoMhlangano elihlalisa abantu abangaphezu kwabangu-4 000. Liyindawo osomabhizinisi nezakhamuzi zedolobha abaziqhenyayo ngayo.
Phakathi neminyaka engu-27 edlule, ezingxenyeni eziningi zembulunga, amaHholo OMhlangano amahle nasebenzisekayo aye akhiwa oFakazi BakaJehova ukuze abe izikhungo zemfundo yeBhayibheli. Amahholo anjalo manje atholakala ngamanani anda njalo eNyakatho naseNingizimu Melika, eYurophu, e-Afrika, naseMpumalanga, naseziqhingini eziningi. Kwamanye amazwe—ngokwesibonelo, eNigeria e-Italy, naseDenmark—oFakazi BakaJehova baye bakha ngisho nezakhiwo ezinkulu ngokwengeziwe, eziyohlale zikhona, ezivulekile ezingase zisetshenziselwe imihlangano yabo yesigodi.
Nokho, amaHholo OMhlangano namaHholo OMbuso akuwona kuphela ayimisebenzi yokwakha oFakazi BakaJehova abahileleke kuyo ukuze baqhubekisele phambili ukumenyezelwa koMbuso kaNkulunkulu.
Amahhovisi, Izindawo Zokunyathelisa, NamaKhaya AseBethel Emhlabeni Wonke
Embulungeni yonke ngo-1992, kwakunamahhovisi egatsha e-Watch Tower Society angu-99, ngalinye liqondisa imisebenzi yoFakazi BakaJehova engxenyeni elikuyo yensimu yomhlaba. Ingxenye yalamagatsha iye yanyathelisa izincwadi ezihlukahlukene ukuze kuqhutshekiselwe phambili imfundo yeBhayibheli. Labo abasebenza kulamagatsha, ngokuyinhloko, bahlaliswa njengomkhaya omkhulu emakhaya okuthiwa iBethel, okusho “Indlu KaNkulunkulu.” Ngenxa yokwanda enanini loFakazi BakaJehova nasemsebenzini wabo wokushumayela, kuye kwadingeka ukuba lezizakhiwo zikhuliswe futhi kwakhiwe ezintsha.
Inhlangano iye yanda ngokushesha kangangokuba ngokuvamile kuye kwaba nezimiso ezinjalo zokukhulisa amagatsha ezingu-20 kuya kwezingu-40 ezenziwa ngesikhathi esisodwa. Lokhu kuye kwadinga isimiso esikhulu sokwakha emhlabeni wonke.
Ngenxa yobukhulu bomsebenzi wokwakha owenziwa emhlabeni wonke, i-Watch Tower Society inowayo uMnyango Wobunjiniyela Nokudwetshwa Kwamapulani endlunkulu yayo yaseNew York. Onjiniyela asebengomakadebona baye bayeka imisebenzi yabo yokuziphilisa futhi bazinikela ngokuzithandela ukuze basize isikhathi esigcwele emisebenzini yokwakha ehlobene ngokuqondile nomsebenzi woMbuso. Ngaphezu kwalokho, labo abanokuhlangenwe nakho baye baqeqesha abanye abesilisa nabesifazane emsebenzini wobunjiniyela, ukuklama, nokudweba amapulani. Ngokuqondisa umsebenzi ngalomnyango, okuhlangenwe nakho okutholakala lapho kwakhiwa igatsha kunoma iyiphi ingxenye yomhlaba kungazuzisa labo abasebenza emisebenzini ekwamanye amazwe.
Ngokuhamba kwesikhathi, umsebenzi omkhulu owenziwayo wenza kwaba nenzuzo ukuvula iHhovisi Lobunjiniyela Lesifunda eJapane ukuze lisize ngamapulani obunjiniyela emisebenzi eyenziwa eMpumalanga. Amanye amaHhovisi Obunjiniyela Ezifunda asebenza eYurophu nase-Australia, enezisebenzi ezithathwe emazweni ahlukahlukene. Lamahhovisi asebenzelana eduze ngokubambisana nehhovisi lendlunkulu, futhi izinkonzo zawo, kanye nobuchwepheshe bama-computer, kunciphisa izisebenzi ezidweba amapulani kunoma iyiphi indawo ezokwakhiwa.
Eminye imisebenzi ilinganiselwe ngobukhulu. Kwaba njalo ngehhovisi legatsha elakhiwa eTahiti ngo-1983. Leli lalihlanganisa indawo yehhovisi, izindawo zokugcina izimpahla, nezindawo zokuhlala zezisebenzi zokuzithandela eziyisishiyagalombili. Kwenzeka okufanayo esakhiweni segatsha esinezitezi ezine esakhiwa esiqhingini saseCaribbean iMartinique phakathi nonyaka ka-1982 kuya ku-1984. Lezizakhiwo zingase zingabi undab’ uzekwayo kubantu abahlala emadolobheni amakhulu kwamanye amazwe, kodwa zakudonsa ukunakekela komphakathi. Iphephandaba i-France-Antilles lathi isakhiwo segatsha eMartinique ‘sasiwubuchwepheshe bokuklama’ obabubonisa “uthando olukhulu ngomsebenzi owenziwe.”
Ngokuphambene uma kucatshangelwa ubukhulu, izakhiwo ezaqedwa eCanada ngo-1981 zazihlanganisa indawo yokunyathelisa, noma ifektri, enephansi elingamamitha-skwele angaphezu kwakungu-9 300 kanye nesakhiwo sezindawo zokuhlala zezisebenzi zokuzithandela ezingu-250. ECesario Lange, eBrazil, isakhiwo se-Watch Tower esaqedwa ngawo lowonyaka sasihlanganisa izakhiwo eziyisishiyagalombili, sinephansi elicishe libe amamitha-skwele angu-46 000. Sadinga amaloli angu-10 000 kasimende, amatshe, nesihlabathi, kanye nezinsika zikakhonkolo ezanele ezazingakuphinda kabili ukuphakama kweNtaba i-Everest! Ngo-1991, lapho kuqedwa indawo yokunyathelisa entsha ePhilippines, kwadingeka nokuba kulungiselelwe isakhiwo sezindawo zokuhlala esinezitezi ezingu-11.
Ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zenani elandayo labamemezeli boMbuso eNigeria, kwaqaliswa umsebenzi omkhulu wokwakha e-Igieduma ngo-1984. Lomsebenzi wawuzohlanganisa nefektri, isakhiwo sehhovisi esikhulu, izakhiwo ezine ezixhunyiwe zezindawo zokuhlala, nezinye izakhiwo ezidingekayo. Kwenziwa amalungiselelo okuba izindonga zefektri zakhiwe eceleni bese zithunyelwa zisuka e-United States. Kodwa-ke abazalwane banqunyelwa isikhathi sokungenisa izinto ezivela kwelinye izwe okwakubonakala bengenakusifinyelela. Lapho sebehlangabezene nalesisikhathi esinqunyiwe futhi zonke izinto zifika ngokuphepha esizeni okwakwakhiwa kuso, oFakazi abazange bazibonge kodwa babonga uJehova ngesibusiso sakhe.
Ukwanda Okusheshayo Embulungeni Yonke
Nokho, ukwanda komsebenzi wokumenyezelwa koMbuso kuye kwashesha kangangokuba ngisho nangemva kokwandiswa okukhulu kwezakhiwo zegatsha ezweni elithile, ngokuvamile kuye kwadingeka kuphinde kwakhiwe esikhathini esifushane uma kuqhathaniswa. Cabangela izibonelo ezimbalwa.
EPeru igatsha elihle elisha—elinendawo yamahhovisi, amakamelo okulala angu-22 kanye nezinye izindawo eziyisisekelo zamalungu omkhaya waseBethel, kanye neHholo LoMbuso—laqedwa ekupheleni kuka-1984. Kodwa ukusabela esigijimini soMbuso kulelozwe laseNingizimu Melika kwaba ngaphezu kwalokho okwakulindelwe. Eminyakeni emine kamuva kwadingeka kubuye kwakhiwe isakhiwo esilingana nesasikhona, kulokhu kusetshenziswa indlela yokwakha emelana nokuzamazama komhlaba.
Isakhiwo segatsha esisha esikhulu saqedwa eColombia ngo-1979. Kwabonakala sengathi sasizoba nendawo enkulu eyayizodingeka eminyakeni eminingi eyayizolandela. Nokho, kungakapheli neminyaka eyisikhombisa inani loFakazi eColombia lalicishe liphindwe kabili, futhi igatsha ngalesisikhathi lalingasanyatheliseli iColombia kuphela omagazini i-Atalaya ne-¡Despertad! kodwa lalinyathelisela namazwe amane angomakhelwane. Kwadingeka baphinde baqale ukwakha ngo-1987—kulokhu lapho kwakunendawo enkulu okwakungase kwandiswe kuyo.
Phakathi no-1980, oFakazi BakaJehova eBrazil banikela ngamahora angu-14 000 000 ekushumayeleni obala isigijimi soMbuso. Inani lakhuphuka lacishe laba ngu-50 000 000 ngo-1989. Abantu abengeziwe babezwakalisa isifiso sokuba kwaneliswe iphango labo elingokomoya. Izakhiwo ezinkulu zegatsha ezazinikezelwe ngo-1981 zazingasenele. Kakade ngo-September 1988, ukumba ukuze kwakhiwe ifektri entsha kwase kuqalile. Lena yayizoba nephansi elingamaphesenti angu-80 ngaphezulu kuneyayikhona efektri eyayikhona, futhi njengokulindelekile, kwakuzodingeka nezakhiwo zokuhlala zokunakekela umkhaya waseBethel owawandisiwe.
ESelters/Taunus, eJalimane, indawo ye-Watch Tower Society yokunyathelisa engeyesibili kwezinkulu ukuzedlula zonke yanikezelwa ngo-1984. Eminyakeni emihlanu kamuva, ngenxa yokwanda eJalimane kanye namathuba okwandisa umsebenzi wokufakaza emazweni leligatsha elaliwanyathelisela izincwadi, kwenziwa amalungiselelo okwandisa ifektri ngamaphesenti angaphezu kwangu-85 nokunezela izakhiwo eziseceleni.
Igatsha laseJapane lalithuthile eTokyo layiswa ezakhiweni ezintsha ezinkulu eNumazu ngo-1972. Kwaba nokunye ukukhuliswa okukhulu ngo-1975. Ngo-1978 kwatholakala enye indawo, e-Ebina; futhi umsebenzi wokwakha efektri eyayinkulu ngokuphindwe kathathu kuneyaseNumazu waqalisa ngokushesha. Yaqedwa ngo-1982. Yayisalokhu inganele; kwanezelwa ezinye izakhiwo ezengeziwe ngo-1989. Ingabe kwakungenakwenzeka ukuba kwakhiwe kube kanye futhi senziwe sibe sikhulu ngokwanele? Cha. Inani labamemezeli boMbuso eJapane lase liphinde landa kaninginingi ngendlela okungekho muntu owayengayicabanga. Kusukela kwabangu-14 199 ngo-1972, inani labo laliye landa lafika kwabangu-137 941 ngo-1989, futhi ingxenye enkulu yabo iye yanikela ngesikhathi esigcwele enkonzweni.
Isimo esifanayo sikhona nakwezinye izingxenye zembulunga. Ngaphambi kweminyaka eyishumi—futhi ngezinye izikhathi eminyakeni embalwa—ngemva kokwakhiwa kwamagatsha amakhulu ahlonyiselwe ukunyathelisa, kuye kwadingeka kuqaliswe ukwandisa okukhulu. Yilokho okwenzeka eMexico, eCanada, eNingizimu Afrika, naseRepublic of Korea, phakathi kwezinye izindawo.
Obani abenza umsebenzi wokwakha? Kufezwa kanjani konke lokhu?
Izinkulungwane Eziningi Zimagange Ukusiza
ESweden, koFakazi ababengu-17 000 kulelozwe ngesikhathi kwakhiwa igatsha labo e-Arboga, abangaba ngu-5 000 bafuna ngokuzithandela ukusiza kulomsebenzi. Abaningi babemane bengabasizi abazinikele, kodwa kwakunochwepheshe abanele abanekhono kakhulu beqikelela ukuthi umsebenzi wawenziwa njengoba kufanele. Babeshukunyiswa yini? Uthando ngoJehova.
Lapho isikhulu ehhovisi lomhloli wezokwakha eDenmark sizwa ukuthi wonke umsebenzi egatsheni elisha eHolbæk wawuzokwenziwa oFakazi BakaJehova, sazwakalisa ukungabaza. Nokho, phakathi koFakazi ababefune ukusiza ngokuzithandela, kwatholakala zonke izindlela zokwenza ezazidingeka. Nokho, ingabe kwakuyoba ngcono ukuba babeqashe abakhi bangaphandle ukuba benze umsebenzi? Ngemva kokuba umsebenzi usuphelile, ochwepheshe abavela emnyangweni wezokwakha wedolobha bahamba bebuka isakhiwo futhi baphawula ngomsebenzi omuhle—okuthile abangavamile ukukubona emisebenzini yabakhi kulezizinsuku. Isikhulu ngaphambili esasizwakalise ukungabaza, samomotheka sase sithi: “Bhekani lapha, ngalesosikhathi ngangingazi ukuthi niluhlobo luni lwenhlangano.”
Amadolobha ase-Australia agqagqene kakhulu; ngakho, abaningi kwabangu-3 000 abafuna ngokuzithandela ukusebenza ezakhiweni zegatsha e-Ingleburn phakathi no-1978 no-1983 kwakudingeka bahambe okungenani amakhilomitha angu-1 600. Nokho, kwahlelwa uhambo ngebhasi lwamaqembu ezisebenzi zokuzithandela, futhi amabandla ababezodlula kuwo ngomoya wokungenisa izihambi athi azolungiselela abazalwane ukudla kanye nesikhathi sokuba nobudlelwane nabo ezitobhini ababezophumula kuzo. Abanye babazalwane bathengisa imizi yabo, bavala amabhizinisi, bathatha amaholide, futhi bazidela nangezinye izindlela ukuze babe nengxenye emsebenzini. Amaqembu ezisebenzi ezinokuhlangenwe nakho afika—amanye awo ngaphezu kwesikhathi esisodwa—ezothela ukhonkolo, afake usilingi, amise uthango. Abanye banikela ngezinto zokwakha.
Iningi lezisebenzi zokuzithandela kulemisebenzi zazingenalo ikhono, kodwa ngokuqeqeshwa okuncane, ezinye zazo zamukela imithwalo yemfanelo emikhulu futhi zenza umsebenzi omuhle kakhulu. Zafunda ukwakha amafasitela, ukushayela ogandaganda, ukuxova udaka, nokubeka izitini. Zajabulela lokho okwakungajatshulelwa neze abantu abangebona oFakazi abenza uhlobo olufanayo lomsebenzi ngaphandle. Kanjani? Labo ababengochwepheshe babezimisele ukulwabela abanye ulwazi ababenalo. Akekho owayenovalo lokuthi omunye umuntu wayezothatha umsebenzi wakhe; wonke umuntu wayenokuningi ayengakwenza. Futhi kwakunamandla amakhulu ayebashukumisela ukuba benze umsebenzi osezingeni eliphezulu, ngoba kwakwenziwa kubonakaliswa uthando ngoNkulunkulu.
Kuzo zonke iziza okwakwakhiwa kuzo, abanye oFakazi bakha iqembu ‘lomkhaya’ oyisisekelo owakhayo. Phakathi nomsebenzi eSelters/Taunus, eJalimane, kusukela ngo-1979 kuya ku-1984, amakhulu amaningana ngokuvamile akha leloqembu lezisebenzi. Izinkulungwane zabanye zazihlanganyela nalo ngezikhathi ezihlukahlukene, abanye ngezimpelasonto. Kwakuhlelwa ngokucophelela ukuze kuthi lapho izisebenzi zokuzithandela zifika, kube nokuningi ezizokwenza.
Njengoba nje abantu bengaphelele, ziyoba khona izinkinga, kodwa labo abahlanganyela kulemisebenzi bayazama ukuzixazulula ngesisekelo sezimiso zeBhayibheli. Bayazi ukuthi ukwenza izinto ngendlela yobuKristu kubaluleke ngaphezu kokuphumelela komsebenzi. Njengesikhumbuzo, esizeni okwakwakhiwa kuso e-Ebina, eJapane, kwakunezimpawu ezinkulu ezazinemifanekiso yezisebenzi ezazifake izigqoko eziqinile, futhi esigqokweni ngasinye kwakubhalwe ngezinhlamvu zesiJapane ngasinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu: uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukukholeka, ubumnene, ukuzithiba. (Gal. 5:22, 23) Labo abavakashela iziza okusetshenzwa kuzo bayawubona futhi bayawuzwa umehluko. Iveza eyakuphawula, intatheli yezindaba eyayizobuka isiza okwakwakhiwa kuso igatsha eBrazil yathi: “Kwakungekho zinxushunxushu noma ukuntuleka kokubambisana . . . Lesisimo sobuKristu senza lendawo ihluke kulokho okuvame ukubonakala emisebenzini yokwakha yaseBrazil.”
Ukwanda Kwasikhathi Sonke Endlunkulu Yomhlaba Wonke
Njengoba amagatsha e-Watch Tower Society ebelokhu ekhula, kuye kwadingeka kukhuliswe nezakhiwo zasendlunkulu yomhlaba wonke. Kuye kwaba nokunezela okukhulu efektri yayo nasezakhiweni zamahhovisi eBrooklyn nakwezinye izindawo eSifundeni saseNew York izikhathi ezingaphezu kweziyishumi kusukela ngemva kweMpi Yezwe II. Ukuze kuhlaliswe izisebenzi, kuye kwadingeka kwakhiwe noma kuthengwe futhi kuvuselelwe izakhiwo eziningi, ezinkulu nezincane. Okunye ukwandisa okukhulu eBrooklyn kwamenyezelwa ngo-August 1990 nango-January 1991—ngisho noma ukwakha enyakatho yeDolobha laseNew York okwakuqale ngo-1989 kwakuqhubeka e-Watchtower Educational Center, eklanyelwe ukuhlalisa abantu abangu-1 200 kuhlanganise nezisebenzi ezihlala khona kanye nabafundi.
Kusukela ngo-1972, awukaze ume umsebenzi wokwakha endlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn nasezakhiweni zayo eziseduze nayo ezikwezinye izingxenye zeNew York naseNew Jersey. Ngokuhamba kwesikhathi, kwacaca ukuthi ngisho nakuba zazibalelwa emakhulwini, izisebenzi ezivamile ezakhayo zazihluleka ukuqeda umsebenzi ngesikhathi. Ngakho, ngo-1984 kwamiswa isimiso esiqhubekayo sezisebenzi zesikhashana. Kwathunyelwa izincwadi emabandleni ayengu-8 000 ngalesosikhathi e-United States ukuze kumenywe abazalwane abafanelekayo ukuba beze isikhathi esingangesonto noma ngaphezulu bezosiza. (Isimiso esifanayo sase siye sasebenza kakade kwamanye amagatsha, kuhlanganise ne-Australia, lapho labo ababengahlala amasonto amabili bamenywa ukuba basabele ngokuzithandela.) Izisebenzi zazizonikezwa indawo yokuhlala nokudla kodwa zazizikhokhela izindleko zokuhamba futhi zingaholi lutho. Obani ababeyosabela?
Ngo-1992, kwase kusingathwe amafomu ezicelo angaphezu kwangu-24 000! Okungenani ezingu-3 900 zalezizicelo kwakungezabantu abase bebuya okwesibili noma okwesithathu, ngisho nokweshumi noma okwama-20. Iningi labo kwakungabadala, izinceku ezikhonzayo, noma amaphayona—abantu abanezimfanelo ezinhle ngokomoya. Bonke babesabele ngokuzithandela ukuze benze noma yini eyayidingeka, kungakhathaliseki ukuthi yayidinga ukuba benze imisebenzi ababeyazi noma cha. Ngokuvamile umsebenzi wawunzima futhi ubenza bangcole. Kodwa bakubheka njengelungelo ukunikela ngalendlela ekuthuthukisweni kwezithakazelo zoMbuso. Abanye babenomuzwa wokuthi kwabasiza ukuba bawuqonde kangcono umoya wokuzidela obonakala emsebenzini owenziwa endlunkulu yomhlaba wonke. Bonke bazizwa becetshiswe ngempela ngenxa yokuba khona esimisweni somkhaya waseBethel sokukhulekela kwasekuseni nasesifundweni somkhaya se-Nqabayokulinda samasonto onke.
Izisebenzi Zokuzithandela Zezizwe Zonke
Njengoba sasikhula isidingo sokwandisa ngokushesha, ilungiselelo lezisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke laqaliswa ngo-1985. Kwakungekhona neze ukuqala kokubambisana komhlaba wonke ekwakheni, kodwa manje lelilungiselelo lase liqondiswa ngokucophelela endlunkulu. Bonke abahlanganyela kulo bangoFakazi abasabela ngokuzithandela ukuze basize emsebenzini wokwakha kwamanye amazwe. Bayizisebenzi ezinekhono, kanye nabangane bomshado abahamba nabayeni babo ukuze bayosiza nganoma iyiphi indlela abangasiza ngayo. Abaningi babo bayazikhokhela izindleko zokuhamba; abekho abaholelwayo ngalokho abakwenzayo. Abanye babo bahamba isikhathi esifushane, ngokuvamile bahlale kusukela emasontweni amathathu kuya ezinyangeni ezintathu. Abanye bayizisebenzi zokuzithandela zesikhathi eside, bahlala unyaka owodwa noma ngaphezulu, mhlawumbe kuze kuphele umsebenzi. OFakazi BakaJehova abangaphezu kwabangu-3 000 basemazweni angu-30 ahlukene baye baba nengxenye kulokhu phakathi neminyaka emihlanu yokuqala, futhi abengeziwe babemagange ukuhlanganyela njengoba amakhono abo edingeka. Bakubheka njengelungelo ukuzidela nokunikela ngezinto zabo ezibonakalayo ukuze kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu ngalendlela.
Izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke zinikezwa indawo yokuhlala nokudla. Ukunethezeka ngokuvamile kulinganiselwe. OFakazi bendawo bakwazisa ngempela lokho okwenziwa abafowabo ababahambele, futhi uma kwenzeka, bayabamukela ukuba bahlale nabo emizini yabo, kungakhathaliseki ukuthi iphansi kangakanani. Ngokuvamile badla endaweni yomsebenzi.
Abazalwane bakwamanye amazwe basuke bengazele ukuzokwenza wonke umsebenzi. Umgomo wabo uwukusebenza neqembu lendawo elakhayo. Futhi amakhulu, ngisho nezinkulungwane, kulelozwe nawo angase eze ezosiza ngezimpelasonto noma isonto noma ngaphezulu. E-Argentina, izisebenzi zokuzithandela ezingu-259 zakwamanye amazwe zasebenza nezinkulungwane eziningana zabazalwane bendawo, abanye babo ababesebenza nsuku zonke, abanye amasonto ambalwa, futhi abanye abaningi ngezimpelasonto. EColombia, izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke ezingu-830 zasiza izikhathi ezihlukahlukayo ngobude. Kunezinye izisebenzi zokuzithandela zendawo ezingaphezu kwezingu-200 ezahlanganyela emsebenzini isikhathi esigcwele, futhi impelasonto ngayinye, kwakunabanye abangu-250 noma ngaphezulu ababesiza. Kwahlanganyela ingqikithi yabantu abahlukene abangaphezu kwabangu-3 600.
Ukungafani kolimi kungabangela izinkinga, kodwa akuwavimbeli amaqembu omhlaba wonke ukuba asebenze ndawonye. Ukukhuluma ngezandla, izimo zobuso, kanye nokukwazi ukubona okuhlekisayo, kanye nesifiso sokufeza umsebenzi oyodumisa uJehova kuyasiza ekufezeni umsebenzi.
Ukwanda okuphawulekayo enhlanganweni—okwenza kudingeke izakhiwo ezinkulu zamagatsha—ngezinye izikhathi kwenzeka emazweni lapho inani labantu abanekhono emisebenzini yokwakha lilinganiselwe khona. Kodwa lokhu akusona isithiyo phakathi koFakazi BakaJehova, abasizana ngenjabulo. Basebenza ndawonye njengengxenye yomkhaya wembulunga yonke ongahlukanisiwe ubuzwe, ibala lesikhumba, noma ulimi.
EPapua New Guinea, izisebenzi zokuzithandela ezazivela e-Australia naseNew Zealand ngasinye sazo saqeqesha umuntu ngamunye wasePapua New Guinea emsebenzini esasiwazi, ngokuvumelana nesicelo soMnyango Kahulumeni Wezisebenzi. Ngalendlela, njengoba babezidela, oFakazi bendawo babefunda imisebenzi eyayingabasiza ekunakekeleni izidingo zabo nezemikhaya yabo.
Lapho igatsha elisha lidingeka e-El Salvador, abazalwane bendawo bajoyinwa izisebenzi zokuzithandela ezingu-326 ezazivela phesheya. Emsebenzini owawuse-Ecuador, oFakazi abangu-270 basemazweni angu-14 basebenza nabafowabo nodadewabo base-Ecuador. Ezinye zezisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke zasiza emisebenzini eminingana eyayenziwa ngesikhathi esisodwa. Zazijikeleza iziza okwakwakhiwa kuzo eYurophu nase-Afrika, kuye ngesidingo samakhono emisebenzi ezaziyenza.
Ngo-1992, izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke ziye zathunyelwa ezindaweni zamagatsha ezingu-49 ukuze zisize amaqembu akhayo endawo. Kwezinye izimo labo ababethole usizo kulesisimiso, nabo, bakwazi ukusiza abanye. Ngakho, njengoba babezuze emisebenzini yezinceku zomhlaba wonke ezingu-60 ezisebenza isikhathi eside ezazisiza emsebenzini wokwakha igatsha ePhilippines, kanye nezisebenzi zokuzithandela ezingu-230 ezazivela phesheya ezazisiza izikhathi ezimfushane, abanye abantu basePhilippines bazenza batholakalela ukusiza ekwakheni izakhiwo kwezinye izingxenye zeNingizimu-mpumalanga Asia.
Umsebenzi wokwakha wenziwa oFakazi BakaJehova ngenxa yezidingo ezikhona manje ngokuqondene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Ngosizo lomoya kaJehova, bafuna ukunikeza ubufakazi obuningi ngangokunokwenzeka phakathi nesikhathi esisasele ngaphambi kwe-Armagedoni. Bayaqiniseka ukuthi izwe elisha likaNkulunkulu liseduze kakhulu, futhi bayakholelwa ukuthi njengabantu abahlelekile bayosindela kulelozwe elisha, ngaphansi kokubusa koMbuso KaNkulunkulu WobuMesiya. Futhi banethemba lokuthi mhlawumbe eziningi zezakhiwo ezinhle abazakhile futhi bazinikezela kuJehova ziyoqhubeka zisetshenziswa ngemva kwe-Armagedoni njengezikhungo lapho ulwazi oluphathelene nowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso luyosakazwa lusuka khona kuze kube yilapho umhlaba usugcwele lona ngempela.—Isaya 11:9.
[Imibhalo yaphansi]
a Yayaziwa ngokuthi iBandla “Lokukhanya Okusha” ngoba labo ababehlangana lapho babenomuzwa wokuthi ngenxa yokufunda izincwadi ze-Watch Tower, babeliqonda kabusha iBhayibheli.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 322]
OFakazi emabandleni aseduze bayasiza emsebenzini
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 323]
Umsebenzi wokwakha wawenziwa izisebenzi zokuzithandela, ezingakhokhelwa lutho
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 324]
Kwakugcizelelwa izimfanelo ezingokomoya
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 326]
Ukwakha okusezingeni eliphezulu, ukuphepha, izindleko eziphansi, isivinini
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 328]
IHholo LoMhlangano elithwalekayo!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 331]
Ukuphendukela ezinkantolo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 332]
Ukwanda ngezinga elikhulu emhlabeni wonke
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 333]
Izisebenzi zibonga uJehova, azizibongi zona
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 334]
Ukwanda ngezinga okungekho muntu owayengalibikezela
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 336]
Babekubheka njengelungelo ukusiza ngokwakha endlunkulu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 339]
Basebenza njengomkhaya wembulunga yonke, abahlukanisiwe ubuzwe, ibala lesikhumba, noma ulimi
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 320, 321]
Ukusebenza Ndawonye Ekwakheni AmaHholo OMbuso Ngokushesha
Izinkulungwane zamabandla amasha ziyamiswa unyaka ngamunye. Ezimweni eziningi, amaHholo OMbuso amasha akhiwa oFakazi uqobo. Lemifanekiso yathathwa phakathi nokwakhiwa kweHholo LoMbuso eConnecticut, e-U.S.A., ngo-1991
NgoLwesihlanu ngo-7:40 ekuseni
NgoLwesihlanu ngo-12 emini
NgoMgqibelo ngo-7:41 ntambama
Umsebenzi oyinhloko usuphelile, ngeSonto ngo-6:10 ntambama
Balindela isibusiso sikaJehova, futhi baba nesikhathi sokukhuluma ngeseluleko esivela eZwini lakhe
Bonke bayizisebenzi zokuzithandela ezingakhokhelwa lutho, bajabulela ukusebenza ndawonye
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 327]
AmaHholo OMbuso Emazweni Ahlukahlukene
Izindawo zokuhlangana ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova ngokuvamile azibona ubukhazikhazi. Zihlanzekile, zithokomele, futhi zinhle ezindaweni ezakhiwe kuzo
EPhilippines
EJapane
EColombia
EFrance
EPapua New Guinea
ENorway
EPeru
ERepublic of Korea
E-Ireland
ELesotho
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 330]
AmaHholo OMhlangano OFakazi BakaJehova
Ukuze bakwazi ukuba nemihlangano yasikhathi sonke, oFakazi BakaJehova kwezinye izindawo baye bakuthola kuwusizo ukuba bazakhele amaHholo OMhlangano athi bona. Umsebenzi omkhulu wokwakha wenziwa oFakazi bendawo. Nanka ambalwa alamahholo ayesetshenziswa ekuqaleni kwawo-1990
E-Italy
EJalimane
EBrithani
EVenezuela
ECanada
EJapane
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 338]
Isimiso Sokwakha Emhlabeni Wonke Sanelisa Izidingo Eziphuthumayo
Ukwanda okusheshayo kwenhlangano kuye kwenza kwadingeka ukuba kwandiswe ngokuqhubekayo amahhovisi, amafektri, namakhaya aseBethel embulungeni yonke
Izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke zisiza oFakazi bendawo
ESpain
Izindlela zokwakha ezisetshenziswayo zikwenza kube nokwenzeka ukuba izisebenzi eziningi zokuzithandela ezinokuhlangenwe nakho okulinganiselwe zenze umsebenzi obalulekile
EPuerto Rico
Izisebenzi ezinekhono zijabulela ukwenza izinkonzo zazo zitholakale
ENew Zealand
EGreece
EBrazil
Ukusebenzisa izinto zokwakha eziyinguga kuyasiza ekuzigcineni ziphansi izindleko zokunakekela isakhiwo isikhathi eside
EBrithani
Umsebenzi osezingeni eliphezulu uwumphumela wesithakazelo somuntu siqu kulabo abawenzayo; lokhu kuwukubonakaliswa kothando lwabo ngoJehova
ECanada
Lemisebenzi iyizenzakalo ezijabulisayo; abaningi bakha ubungane obuhlala njalo
EColombia
Uphawu eJapane lwalukhumbuza izisebenzi ngezinyathelo zokuphepha, nangesidingo sokubonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 318]
Isakhiwo sokuqala esaqanjwa ngokuthi iHholo LoMbuso, eHawaii
[Isithombe ekhasini 319]
AmaHholo OMbuso amaningi ayeyizakhiwo eziqashiwe noma engamakamelo angaphezu kwezindawo okugcinwa kuzo izimpahla; ambalwa ayakhiwe oFakazi
[Izithombe ekhasini 329]
AmaHholo OMhlangano amabili kwawokuqala ngqá akhiwa
IDolobha laseNew York
IGuadeloupe
[Isithombe ekhasini 337]
Izisebenzi ezizokwakha zesikhashana ezisanda kufika endlunkulu yomhlaba eNew York
Iqembu ngalinye likhunjuzwa ukuthi ukuba umuntu ongokomoya nokwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu kubaluleke ngaphezu kokusebenza ngokushesha