Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/97 k. 1
  • “Ziboniseni Ninokubonga”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ziboniseni Ninokubonga”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Bonga Ngakho Konke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • “Ziboniseni Ningababongayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Umthandazo Wokubonga
    ‘Culela UJehova Ngenjabulo’
  • Yibani Ngababongayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 3/97 k. 1

“Ziboniseni Ninokubonga”

1 Abaningi bethu baqeqeshwa kwasebuntwaneni ukuba bathi “ngicela” nokuthi “ngiyabonga” lapho othile ebonisa isenzo esithile somusa. UPawulu usinxusa ukuba njalo ‘sizibonise sinokubonga,’ futhi kufanele simbonge ngokukhethekile uJehova. (Kol. 3:15, 16) Kodwa singakubonisa kanjani ukubonga kuMdali wethu Omkhulu Kakhulu? Futhi yiziphi izizathu ezikhethekile esinazo zokumbonga?

2 Umphostoli uPawulu wabhala: “Sibonga uNkulunkulu, ngoba usinikeza ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu!” (1 Kor. 15:57) Unyaka ngamunye ngesikhathi seSikhumbuzo sikhunjuzwa ngothando olungenakulinganiswa uNkulunkulu noKristu abalubonisa ekulungiseleleni isihlengo esisinikeza ithemba lokuphila okumi phakade. (Joh. 3:16) Njengoba sonke siye salahlekelwa abathandekayo ngokufa, yeka indlela esijabula ngayo ngesithembiso sikaJesu sovuko! Izinhliziyo zethu zichichima ukubonga uma sicabanga ngethemba lokusinda esiphelweni salesi simiso sezinto singaphinde sife. (Joh. 11:25, 26) Kunzima ukuthola amazwi okubonga ngazo zonke izibusiso esisazozithola zivela kuJehova ePharadesi lasemhlabeni elizayo. (IsAm. 21:4) Iziphi izizathu ezingcono umuntu angaba nazo ‘zokuzibonisa enokubonga’ kuNkulunkulu?

3Indlela Yokubonga KuNkulunkulu: Njalo kuyafaneleka ukuzwakalisa ukubonga kwethu ngomthandazo kuJehova ngenxa yobuhle bakhe. (IHu. 136:1-3) Futhi sishukunyiselwa ukuba sibonise ukumbonga kwethu ngezinye izindlela ezinhle. Ngokwesibonelo, nakanjani siyobe sikhona ngeSonto, ngo-March 23, eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. ‘UJehova simdumisa’ ngenjabulo ‘ngempahla yethu [eyigugu, NW]’ ukuze sisize ekuhlangabezaneni nezidingo zebandla esikulo nezomsebenzi womhlaba wonke. (IzAga 3:9) Sibasekela ngokugcwele abadala futhi sibambisane nabo, ngaleyo ndlela sibonise ukubonga kwethu kuJehova ngosizo asinikeza lona ngabo. (1 Thes. 5:12, 13) Nsuku zonke, silwela ukulondoloza ukuziphatha okuqotho okudumisa igama likaNkulunkulu. (1 Pet. 2:12) UJehova uyabujabulela bonke lobu bufakazi bokubonga kwethu.—1 Thes. 5:18.

4 Indlela Enhle Kakhulu Esibonga Ngayo: Ukuhlanganyela ngomphefumulo wonke emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, ukudumisa igama likaJehova, ukubonga ngomthandazo, nokulwela iqiniso ngokwethembeka kungezinye zezindlela ezinhle kakhulu zokubonga ngokusuka enhliziyweni kuMdali wethu ngazo zonke izinto aye wasenzela zona. UJehova uyakujabulela ukusibona senza izenzo zenkonzo engcwele ekusekeleni intando yakhe ‘yokuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.’ (1 Thim. 2:3, 4) Yingakho abamemezeli abaningi kangaka abakwaziyo ukukuhlelela besabela obizweni olwalukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February lokuba babhalise njengamaphayona asizayo phakathi neyodwa noma ngaphezulu ezinyangeni zika-March, April no-May. Ukwenza umzamo owengeziwe enkonzweni kuyindlela enhle ‘yokuzibonisa sinokubonga’ kuNkulunkulu. Ingabe uzokwazi ukuba sezinhlwini zamaphayona ngo-April? nango-May?

5 Siye sanikezwa ithemba eliqinisekile lokuphila phakade. Lapho silibona ligcwaliseka, siyoba nezinye izizathu eziningi zokuqhubeka nsuku zonke siletha ukubonga kwenjabulo kuJehova.—IHu. 79:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela