IMihlangano Yenkonzo Ka-March
Isonto Eliqala Ngo-March 3
INgoma 53
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Bakhuthaze bonke ukuba baqale ukumema abathakazelayo ukuba beze eSikhumbuzweni ngo-March 23. Babonise isimemo seSikhumbuzo, bese ubakhuthaza bonke ukuba bazitholele ezabo futhi baqale ukuzisakaza kulo leli sonto.
15 imiz: “Yakha Indlu Yakho.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okuse-Ncwadini Yonyaka Ka-1995, ikhasi 228.
20 imiz: “Ukusiza Imikhaya Ukuba Ibe Nekusasa Elihlala Njalo.” (Izigaba 1-5) Khulumela kafushane isigaba 1, bese nixoxa ngokuthi singavuswa kanjani isithakazelo encwadini ethi Injabulo Yomkhaya ngokusebenzisa izihloko zezahluko, imifanekiso ekhangayo namabhokisi okubukeza. Makube nabamemezeli abanekhono abenza imiboniso ngezintshumayelo ezisezigabeni 2-5. Bakhuthaze bonke ukuba benze umzamo okhethekile wokuhambisa lencwadi emikhayeni eyayibonise isithakazelo ngaphambili.
INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 10
INgoma 56
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Bakhumbuze bonke ukuba baqikelele ukulandela isimiso sokufundwa kweBhayibheli kwangeSikhumbuzo esihlelelwe u-March 18-23, njengoba siboniswe kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke.
20 imiz: “Ziboniseni Ninokubonga.” Imibuzo nezimpendulo. Sonke kufanele senze umzamo oqotho wokumema esifunda nabo iBhayibheli, abantu abathakazelayo, amalungu omkhaya angaphikisi kanye nanoma ibaphi abazalwane nodade abangahlanganyeli ngenkuthalo nebandla ukuba babe khona eSikhumbuzweni. Makube nomboniso omfushane wommemezeli emema umuntu othakazelayo ukuba eze eSikhumbuzweni, esebenzisa isimemo seSikhumbuzo. Nikeza okunye ukukhulumela nge-Nqabayokulinda ka-July 1, 1988, ikhasi 11, izigaba 16-17. Bakhuthaze bonke abangase bakwazi ukuba babe amaphayona asizayo ngo-April nango-May ukuba bakwenze.
15 imiz: “Ukusiza Imikhaya Ukuba Ibe Nekusasa Elihlala Njalo.” (Izigaba 6-8) Nikeza ukusikisela okuthile kokubonisa indlela yokuhambisa incwadi ethi Injabulo Yomkhaya lapho kufakazwa ngokwethukela emsebenzini, esikoleni, epaki, noma entweni yokuhamba yomphakathi nalapho uvakashele izihlobo. Ummemezeli onekhono makenze imiboniso yezintshumayelo ezisezigabeni 6 no-7. Ingxoxo empindelweni kufanele imsize umuntu ukuba aqaphele ukuthi isifundo seBhayibheli singaziqinisa kanjani izibopho zomkhaya. Izifundo kufanele ziqhutshwe ngencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, sinomgomo wokusishintshela encwadini Ulwazi, noma isifundo singase siqalwe ngencwadi Ulwazi ngokwayo.
INgoma 72 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 17
INgoma 63
15 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza esithi “Izikhumbuzo ZeSikhumbuzo,” bese uchaza amalungiselelo eSikhumbuzo ebandla. Sonke kufanele senze amalungiselelo okugcina okusiza esifunda nabo iBhayibheli nabathakazelayo ukuba babe khona. Tshela ibandla ngamalungiselelo enkonzo yasensimini angeholide lomphakathi ngo-March 21.
15 imiz: Inkulumo enikezwa umdala ngesihloko esithi “Ingabe Kudingeka Ngempela Ukuba Uxolise?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 1996, amakhasi 22-4.
15 imiz: Yisebenzise Kahle INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1997. Ubaba nomkhaya wakhe babukeza amaphuzu avelele ahlanganiswe emakhasini 3-9. Ubonisa ukuthi kungani sijabula ngokubona intuthuko engokwasezulwini eyenzeka emhlabeni wonke. Ubaba uyachaza ukuthi kulonyaka bangakwenza kanjani ukuba ngesikhathi sokudla basebenzise imizuzu embalwa ekufundeni INcwadi Yonyaka ngokuqhubekayo futhi bacabangele itekisi losuku. Uma ningakayitholi INcwadi Yonyaka Ka-1997, xoxani ngezidingo zebandla.
INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 24
INgoma 67
9 imiz: Izaziso zebandla. Chaza ukuthi akukephuzi kangako ukufaka isicelo sokuba iphayona elisizayo ngo-April. Chaza amanye amalungiselelo emihlangano yenkonzo phakathi nenyanga enziwa ebandleni.
24 imiz: “Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo.” (Izigaba 1-20) Imibuzo nezimpendulo. Makube nomboniso omfushane wesigaba 16.
12 imiz: Ukusiza Ummemezeli Omusha Ukuba Akwazi Ukuqala. Bukeza isigaba 19 esikusenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996. Makube nomboniso obonisa indlela ummemezeli onekhono alungiselela ngayo nomuntu afunda naye iBhayibheli osanda kuvunyelwa nje abadala ukuba abe ummemezeli ongabhapathiziwe. Babukeza ndawonye incwadi ethi Ukuhlelelwa, ikhasi 111, isigaba 2. Ummemezeli onokuhlangenwe nakho uphawula lokho ngokunokwenzeka abazobhekana nakho lapho behlanganyela ekufakazeni endlini ngendlu nanokuthi asikho isidingo sokudumazeka uma abaningi bengasabeli. Ummemezeli ulandisa okuhlangenwe nakho okukhuthazayo okubonisa injabulo eba khona lapho sithola umuntu oqotho olalelayo. Balungiselela naye intshumayelo emfushane nelula yokuhambisa umagazini bese beyiprakthiza. Uyamtusa abese enza amalungiselelo aqondile okuhlanganyela naye enkonzweni yasensimini ngaleli sonto.
INgoma 89 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 31
INgoma 70
15 imiz: Izaziso zebandla. Mema bonke abathakazelayo ukuba babe khona enkulumweni ekhethekile ngo-April 6. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-March. Memezela amagama abo bonke abangamaphayona asizayo ngo-April. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.
20 imiz: “Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo.” (Izigaba 21-35) Imibuzo nezimpendulo. Bukeza ibhokisi elisekhasini 3. Bakhuthaze bonke ukuba bazibale zonke izimpindelo abazenzile phakathi nenyanga lapho bebika inkonzo yabo yasensimini.
10 imiz: Bukeza Isipho Sencwadi Sango-April. Hambisa isikhokhelo se-Nqabayokulinda noma uhambise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Landisa kafushane ngokusikisela kokuthi zingalungiselelwa kanjani izintshumayelo ezisezigabeni 3, 4, no-8 ekhasini 12 kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996. Makube nabamemezeli ababili benze umboniso omfushane owodwa noma emibili wezintshumayelo ezimfushane kodwa komunye kuhanjiswe omagazini lapho isikhokhelo senqatshwa. Abamemezeli kufanele bagcine umbhalo walabo abamukela omagazini futhi babafake ohlwini lwalabo abasemzileni wabo kamagazini.
INgoma 92 nomthandazo wokuphetha.