-
Numeri 14:28IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
28 Yithi kuwo, ‘“Ngiyafunga,” kusho uJehova, “ngiyokwenza kini lokho kanye engizwe nikukhuluma! +
-
-
Numeri 14:35IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
35 “‘“Mina Jehova ngikhulumile. Yilokhu engizokwenza kuyo yonke le nhlangano embi, leyo eye yabuthana ndawonye ngokumelene nami: Izophelela kuleli hlane futhi izofela lapha. +
-
-
Numeri 32:10-12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 Ngalolo suku intukuthelo kaJehova yavutha waze wafunga, + wathi: 11 ‘Amadoda akhuphuka ephuma eGibhithe asukela eminyakeni engu-20 ubudala kuya phezulu ngeke alibone izwe + engafunga ukulinika u-Abrahama, u-Isaka noJakobe, + ngoba awazange angilandele ngenhliziyo ephelele— 12 ngaphandle kukaKalebi + indodana kaJefune umKhenizi noJoshuwa + indodana kaNuni, ngoba baye balandela uJehova ngenhliziyo ephelele.’ +
-
-
IHubo 95:11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi:
“Ngeke singene ekuphumuleni kwami.” +
-
-
Hebheru 3:11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke singene ekuphumuleni kwami.’ ” +
-