Ukuthuthukisa Impumelelo Yethu Njengezikhonzi
1 Njengoba izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu, kufanele zisishukumisele ukuba senze kahle ngokukhethekile enkonzweni njengomsebenzi wethu esiwukhethile. (Marku 13:10) Kungakhathaliseki ukuthi sekuyisikhathi eside kangakanani sishumayela, sifuna ukuqhubeka sithuthukisa impumelelo yethu njengezikhonzi. Singakwenza kanjani lokhu?
2 Abantu abaningi abaphumelelayo emkhakheni wezobuchwepheshe ngokuqhubekayo bafuna ukwenza ulwazi lwabo namakhono abo kuhambisane nesikhathi. Ukuphila kwabo kungase kuxhomeke kukho. Njengezikhonzi eziqotho, sidinga ukukhuthala ekuthuthukiseni ikhono lethu lokwenza abafundi, sifundise abanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Kufanele sifune izingeniso ezintsha ezingakhanga kuzo zonke izinhlobo zabantu.—Math. 28:19, 20.
HLANGABEZANA NENSELELE
3 Manje njengoba uJehova ekusheshisa ukubuthwa kwabanjengezimvu, iningi lethu seliya njalo komakhelwane bethu. Umsebenzi wokufakaza owandisiwe owenziwa abamemezeli abaningi kangako namaphayona ushukumisa insimu yezwe. Ngenxa yomsebenzi wethu owandisiwe, izintshumayelo ezaziphumelela ngesinye isikhathi kungase kwenzeke zingabe zisabakhanga abantu esihlangana nabo. Izinga lenkonzo yethu lingase lidinge ukuthuthukiswa.
4 Kubalulekile ukulondoloza isimo sengqondo esiqondile lapho sikhuluma nabantu ukuze sibe nekhono ngempela emsebenzini wethu. Ukukusebenzisa kahle ukusikisela okuyinzuzo okwanikezwa kuyiNqabayokulinda kaJuly 15, 1988, kungasisiza kulokhu. Ngokwesibonelo, ikhasi 16, isigaba 6, sikhuluma ngendlela yokuzethula ngendlela enhle neqondile ensimini oya kuyo maviki onke nowaziwa kahle kuyo. Ukwaziswa okuphathelene nendlela yokukhuluma nomuntu ngesonto eledlule owakutshela ukuthi: “Nginesonto lami, futhi liyazinakekela izidingo zami ezingokomoya,” kutholakala ekhasini 16, esigabeni 5.
5 Ingabe uye wasebenza insimu yenu ngokukucela ngokuqondile ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala? Ingabe uyayisebenza insimu yamabhizinisi esetshenzwa yibandla lenu. Ingabe kungenzeka ukufakaza emgwaqweni ngamahora afanelekile nokunenzuzo ukufakaza ngawo? Ngakho konke, bukeza ukusikisela okuhle okwanikezwa kuNqabayokulinda kaJuly 15, 1988. Ukusebenzisa ukusikisela okunjalo kungasisiza ukuba sithuthukise impumelelo yethu njengezikhonzi.
6 Impumelelo ihlanganisa futhi nokuyihlanganisa yonke insimu. (Efe. 6:13) Phaphamela ukuphawula lapho kukhona imikhaya engaphezu kowodwa ehlala endlini eyodwa. Abanye abantu bahlala emakamelweni angaphansi, naphezu kwamagalaji, noma kwezinye izindawo ezingenakufinyelelwa ngokuqondile ngokungena ngomnyango ongaphambili. Funa amalungu ahlukahlukene omkhaya—umuntu omdala ngokuvamile ongase angezi ukuzovula umnyango noma othile ongase abe semsebenzini lapho ngokuvamile sihambela lelokhaya. Kungase kwenzeke ukuthi ngokuza ngesinye isikhathi, ungase uhlangane namanye amalungu omkhaya. Ukufakaza kwakusihlwa ngokuvamile kunikeza amathuba anjalo.
MASIKWENZE KUBE UMGOMO WETHU
7 Ukuthuthukisa impumelelo yethu enkonzweni kuwumgomo ofanelekile abaningi bethu esingawuflnyelela. Kudinga umthandazo osuka enhliziyweni nokulungiselela kusengaphambili. Njengoba impumelelo yethu enkonzweni yasensimini kukhula, singase sikwazi ukusiza othile ukuba enze intuthuko efanayo.—Gal. 6:6.
8 Khumbula, umsebenzi wethu wokufundisa ngeke uphele lapho kufika “usizi olukhulu.” (Math. 24:21) Silindele iminyaka eminingi yokusiza abavusiwe ukuba bafunde ngezindlela zikaJehova. Injabulo yethu phakathi neMinyaka Eyinkulungwane ngokuqinisekile iyokwanda njengoba sibona labo abafundisiwe bezithoba ngokwethembeka ekubuseni kukaKristu. Ngokuthuthukisa ukuphumelela kwethu emsebenzini wokushumayela nokufundisa, singafeza okuningi enkonzweni yethu—kuhlonishwe futhi kudunyiswe uJehova.