Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/90 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 2
  • ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 9
  • ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 16
  • ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 23
  • ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 30
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 4/90 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 2

INgoma 87

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza bonke ukuthi iSikhumbuzo sizoba ngoLwesibili kusihlwa, ngoApril 10. Yisho isikhathi salomkhosi, futhi usho kafushane amalungiselelo ebandla. Kumelwe kwenziwe umzamo okhethekile ngempela-sonto wokumema abantu abathakazelayo. Bonisa indlela yokumemela isifundo seBhayibheli eSikhumbuzweni.

20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuhambisa Izikhokhelo Ngesibindi.” Imibuzo nezimpendulo. Ngemva kwesigaba 4, yethula umboniso kusetshenziswa iSihloko Sengxoxo esisha. Qokomisa amaphuzu avela ezihlokweni eziyinhloko eziphathelene nokuthula kuNqabayokulinda. Lowo ohambisayo kumelwe abe nombono oqondile lapho ehambisa isikhokhelo.

15 imiz: “ISikhumbuzo—Umkhosi WamaKristu.” Imibuzo nezimpendulo. Ngemva kwesigaba 6, bonisa kafushane ukuhambela kokuyokhumbuza othile owayemenyiwe ngesikhathi esidlule, bese ucela ibandla ukuba lilandise indlela elihlela ukumema ngayo abasha ukuba beze eSikhumbuzweni nokubasiza ukuba babe khona. Khumbuza ibandla ukuthi ziyatholakala izimemo ezinyathelisiwe.

INgoma 181 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 9

INgoma 148

10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Yenza umboniso othatha imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 wokuhanjiswa komagazini bamuva. Yazisa ibandla ngombiko wenkonzo yasensimini wangoMarch. Lituse ngomsebenzi omuhle eliwufezile.

18 imiz: “Yazisa UJesu Kristu—Isisekelo Sokholo Lwethu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

17 imiz: Ukubaluleka Kwezindaba Ezinhle Ekuphileni Kwethu. Inkulumo. Ukwaziswa kungatholakala kuNqabayokulinda kaJanuary 1, 1990, amakhasi 4-6. Hlela ukuthola ukukhulumela okulungiselelwe kwebandla ngokuphathelene nendlela izindaba ezinhle eziye zabasiza ngayo ukuba bathuthukise ukuphila kwabo.

INgoma 193 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 16

INgoma 23

10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezifanelekile ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso.

20 imiz: “Memezela Izindaba Ezinhle Ngesibindi.” Ingxoxo ngokwaziswa ngemibuzo nezimpendulo. Fundani izigaba njengoba isikhathi sivuma.

15 imiz: Umbono WeBhayibheli. Inkulumo nomboniso. Kusukela kumagazini wePhaphama! kaJuly 8, 1985, isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli” besilokhu siyisihloko esithakazelisayo salomagazini. Izihloko eziphathelene nombono weBhayibheli ngezindaba okuxoxwa ngazo ziklanyelwe ingqondo efuna ukwazi, kungakhathaliseki ukuthi umuntu uyakholelwa eBhayibhelini noma cha. Ngokuvamile lezihloko zizivelela ngendlela ehlukile izindaba kunangeyesikhathi esidlule. Ingabe siyasisebenzisa lesihloko enkonzweni yasensimini? Lezihloko zimfushane futhi azithemelezi, njengoba ubude bazo bungamakhasi amabili. Bukeza nezilaleli ezinye zalezihloko ezifanelekele insimu yebandla lakini. Bonisa indlela lezihloko ezingaqokonyiswa ngayo enkonzweni.

INgoma 92 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 23

INgoma 106

10 imiz: Izaziso zebandla neZindaba Ezingokwasezulwini. Isikhulumi kumelwe futhi sixoxe nezilaleli ngalokho okungase kushiwo lapho kuqokonyiswa umagazini weNqabayokulinda kaMay 1. Umuntu angase athi ukuthula kweqiniso kungeza kuphela ngombusi onamandla anele okukuqinisekisa. IHubo 72:7 lithi uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu uyoletha ukuthula okukhulu. NjengoMbusi olungileyo, angabuqeda ububi futhi aze ngisho aqinisekise nokuvuswa kwalabo abafile. (IHu. 37:10, 11) Veza amaphuzu aqondile avela kumagazini kaMay 1 angase asetshenziswe ngosuku lukamagazini noma lapho kuhanjiswa isikhokhelo.

25 imiz: “Hlakanipha—Sebenzisa Izinto Ozifundile.” Umdala uxoxa ngokwaziswa nezilaleli. Gcizelela isidingo sokutadisha izincwadi ngokucophelela ukuze lokho okufundwayo kukhunjulwe futhi kusetshenziswe. Donsela ukunakekela emaphuzwini awusizo avela ezincwadini zamuva asebenzayo ebandleni. Izibonelo: indlela intsha engabhekana ngayo nezimo esikoleni; indlela yokusingatha izinkinga okuhlangatshezwana nazo endaweni yomsebenzi; indlela yokuxazulula izinkinga phakathi kwabazalwane noma abantu abashadile. Sebenzisa ukwaziswa okuyoba usizo kakhulu ebandleni lakini.

10 imiz: Izibusiso Zokusebenzisa Lokho Esikufundayo. Yiba nokuhlangenwe nakho okulungiselelwe kahle okulandiswayo ngendlela izinto ezifundiwe eziye zasetshenziswa ngayo kanye nezibusiso eziye zatholwa yilabobantu abaye bazisebenzisa. Okuhlangenwe nakho kwebandla kungcono kakhulu, kodwa uma kudingeka, kungasetshenziswa okuvela kuYearbook ka-1990.—Bheka amakhasi 7-9, 43-5, 50-3, 57-8, 64.

INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 30

INgoma 200

10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho inani lezikhokhelo ezintsha ezihanjiswe yibandla, futhi ucele okuhlangenwe nakho okuye kwajatshulelwa yilabo abangamaphayona asizayo phakathi nenyanga.

20 imiz: “Ukuthela Izithelo Ngokukhuthazela.” Inkulumo ngokwaziswa okusemakhasini 253-5 eYearbook ka-1990. Tusa ngokufudumele abamemezeli ngokuhlanganyela kwebandla ekufakazeni ngesibindi nangokuthela izithelo naphezu kwezilingo nezimo ezinzima.

15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo kanye nomboniso eqokomisa inzuzo yokucabangela njalo itekisi losuku kanye nokukhulumela. Sikisela indlela lokhu okungenziwa ngayo. Inkulumo mayisekelwe emazwini esandulela kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1990.

INgoma 72 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela