Hlanganyela Ingcebo Engokomoya Nabanye
1 NjengoMose othembekile, oFakazi BakaJehova banamuhla bayazi ukuthi amagugu ezinto ezibonakalayo zalelizwe awanakuqhathaniswa ngokubaluleka nengcebo engokomoya. (Heb. 11:26) Imali ingathenga izindlu, izimoto, kanye nezinye izinto, kodwa ayinakukwazi ukuthenga ukuphila, ukuthula kwengqondo, noma ukuvunyelwa uNkulunkulu nesibusiso.
2 Ulwazi kanye nokuqonda iZwi nenjongo kaNkulunkulu kuyingcebo yangempela engokomoya. (Kol. 2:3) Lengcebo eyingqayizivele ingaletha injabulo yangempela manje, kanye nethemba eliqinile ngekusasa. Yeka indlela esinelungelo ngayo ngokuthi siye sayithola lengcebo engokomoya!
INDLELA YOKWENZA ABANYE BACEBE
3 Singasiza ekwenzeni abanye abaningi bacebe ngokomoya ngokubahambisela INqabayokulinda, njengoba ingase ibaholele ‘emagugwini afihlekileyo’ okuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. (IzAga 2:4) Phakathi noMay, sizohambisa isikhokhelo seNqabayokulinda ngawo wonke amathuba afanelekile. Uma sihlala njalo sikhumbula indlela INqabayokulinda eye yakucebisa ngayo ukuphila kwethu, ngeke sibe manqikanqika kodwa siyofuna izindlela zokuyihambisa kubantu abaningi ngangokusemandleni ethu. Bhala amakheli alapho kuhanjiswe khona omagazini kanye nezincwajana ezingangomagazini, unombono wokulandelela kanye nokuhambisa njalo omagazini ngokuba nomzila wakho siqu kamagazini.
4 Ngomqondo ongokomoya, singafana kanjani nendoda eyesaba uNkulunkulu yeHubo 112 eyaphisana ngezinto zayo eziyigugu? (IHu. 112:1, 3, 9) Kudingeka sifune abantu abanjengezimvu futhi sibasize banelise isidingo sabo esingokomoya. (Math. 5:3) Lokhu kudinga ukuba sisebenzise wonke amathuba ngokunenzuzo ukuze sifakaze ngendlela ehleliwe nangokwethukela.
5 Kwezinye izindawo, ukufakaza kwakusihlwa kuye kwaba ngokukhiqizayo kakhulu ngenxa yokuthi abantu abaningi ngokunokwenzeka basuke bese makhaya ngaleso sikhathi. Wake wakuzama ukusebenza indlu ngendlu ihora noma ngaphezulu ngaphambi kwesifundo Sencwadi Sebandla noma ngolunye usuku kusihlwa phakathi nesonto? Kungani ungenzi amalungiselelo aqondile okukwenza lokhu? Kungase kukulethele imivuzo eminingi kakhulu.
6 Ingabe ungakwazi ukuthola izikhathi ezifanelekile zokufakaza emsebenzini? Omunye udade wendlala omagazini abaningana phezu kwedeski lakhe ukuze labo asebenza nabo bababone njengoba bedlula. Kungakashayi nesikhathi sedina, bonke omagazini base behambile. Iningana labantu asebenza nabo labonisa isithakazelo esiqotho, futhi wakwazi ukuhambisa izikhokhelo ezingu-18.
7 Isiliva, igolide, kanye nawo wonke amanye amagugu ezinto ezibonakalayo akunakuqhathaniswa nengcebo engokomoya yolwazi kanye nokuqonda esiye sakuzuza ngenhlangano kaJehova nangokutadisha kwethu iBhayibheli. Injabulo yangempela, izindlela zenjabulo, ukuthula, “ubude bezinsuku”—ngisho nokuphila okuphakade—konke kuba okungenzeka kulabo abafuna ingcebo engokomoya. (IzAga 3:13-18) Ngokuhlanganyela ingcebo yethu engokomoya nabanye, sibonisa ukwazisa kwethu ngalokho esiye sakuthola futhi sizuza isibusiso esiqhubekayo sikaJehova.—IzAga 19:17.