Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/90 kk. 1-2
  • Fakazela Iqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fakazela Iqiniso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISABELO SETHU ESIBALULEKILE
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ingabe Singaphinda Sikwenze?—Kunesinye Isimemo Samaphayona Asizayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 5/90 kk. 1-2

Fakazela Iqiniso

1 UJesu wakwenza kwacaca ukuthi ezweni wayezele ukuzofakazela iqiniso. Wathi: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.”—Joh. 18:37.

2 Ngokushumayela kwakhe ngentshiseko, uJesu wadumisa igama likaJehova. Wabonisa futhi uthando lweqiniso ngabantu eqaphela isimo sabo esidabukisayo esingokomoya. Ngokuqondene nomsebenzi wakhe uMathewu waloba: “UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso . . . Kepha ebona izixuku waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Math. 9:35, 36) NjengoJesu, ukuzinikela kwethu kuJehova nothando lwethu ngabanye kufanele kusishukumisele ukuba sishumayele.

ISABELO SETHU ESIBALULEKILE

3 Uthando lweqiniso ngabantu nangoJehova lusishukumisela ukuba sisebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba ukuze sifundise abantu iqiniso ngoJehova nangemisebenzi yakhe emangalisayo. (IHu. 96:2, 3; 145:10-13) Nokho, ukucindezela kokuphila kwansuku zonke, izinkathazo zokuphila, kanye neziphazamiso eziningi kalula kungasiphambukisa emsebenzini wethu wokufakaza. Ngakho-ke, sidinga ukuhlala njalo sikhumbula ukuphuthuma kokufakazela iqiniso ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe. Akufanele sizivumele ukuba siphambukiswe kulomsebenzi osindisa ukuphila obaluleke kunayo yonke, esabelwe ukuba siwenze. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ukuhlala simatasa enkonzweni kaJehova kuyisivikelo kithi, futhi kungaletha izinzuzo ezihlala njalo kulabo abanesidingo sokuzwa isigijimi seqiniso.—1 Kor. 15:58.

4 Ingabe ungakhonza njengephayona elivamile noma elisizayo? Kungani ungacabangeli izimo zakho ukuze ubone ukuthi ungayandisa yini inkonzo yakho ngalendlela? Ingabe usuthathe umhlalaphansi emsebenzini wokuziphilisa? Kungani ungasebenzisi isikhathi sakho ngokugcwele ekushumayeleni? Intsha eningi esesesikoleni iye yabuthatha njalo ubuphayona obusizayo. Laba baye bakuthola kuqabula kokubili ngokomoya nangokomzimba, kuletha injabulo yenhliziyo.

5 Likufakazela iqiniso ngokuphumelelayo kudinga ukusihlela ngokucophelela isikhathi sethu. (Efe. 5:15, 16) Lobuphayona obusizayo budinga isilinganiso samahora amabili kuphela ngosuku inyanga yonke. Abanye bakhetha ukuvuka kusasele ihora ngaphambi kwesikhathi abavuka ngaso ngokuvamile ukuze bakwazi ukuya enkonzweni ngaphambi kokuya esikoleni noma emsebenzini. Amabandla amaningi aye asiza amaphayona asizayo ngokuhlela ukufakaza kwakusihlwa. Futhi, ungase ukhuthazeke futhi uthole ukusikisela okuwusizo ngokukhuluma nabanye abaye benza kahle ekuhleleni isikhathi sabo ukuze babe amaphayona asizayo.

6 UJehova uNkulunkulu uye wabonisa umusa ngaso sonke isikhathi ezincekwini zakhe. Labo abamkhonza ngokwethembeka baye bamukela izibusiso eziyinsada. Umusa kaJehova usaboniswa kulabo abamthandayo. Uyakujabulela ukwamukela noma yini izimo zethu ezisivumela ukuba siyenze njengoba sifakazela iqiniso.—Heb. 6:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela