Susani Abantu Ebumnyameni Nibayise Ekukhanyeni
1 Ubumnyama obungokomoya bugubuzele umhlaba. (Isaya 60:2) Kusukela isintu sawela esonweni, uSathane, “unkulunkulu walelizwe,” uye wagcina abantu besebumnyameni obungokomoya, futhi umphumela uye waba ukuwohloka kokuziphatha.—2 Kor. 4:4.
2 Manje njengoba sesiye sakhanyiselwa yiqiniso, ingabe sinesihe ngabantu njengoba kwenza uJesu? (Math. 9:36) Uma kunjalo, siyokuqaphela ukubaluleka kokuthunywa akunikeza umphostoli uPawulu ‘kokuba avule amehlo abantu ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu.’—IzE. 26:16-18.
KHANYISANI IZINGQONDO NEZINHLIZIYO
3 Njengoba uSathane ephuphuthekisa izingqondo futhi athuntubeze izinhliziyo zezisulu zakhe, yini esingayenza ukuze sizisize? Kudingeka sifinyelele izingqondo nezinhliziyo zazo ngeZwi likaNkulunkulu. UPawulu wathandazela ukuba amehlo ezinhliziyo zabantu base-Efesu akhanyiswe. (Efe. 1:17, 18) Akukho okunamandla ukwedlula iZwi likaNkulunkulu ekufinyeleleni inhliziyo. (Heb. 4:12) Ukwazi lokhu kufanele kusishukumisele ukuba sithuthukise ikhono lokusebenzisa iBhayibheli lapho sixoxa nabanye.
4 Izimpendulo zakho emibuzweni elandelayo zingakusiza ukuba ube nekhono ngokwengeziwe enkonzweni. Ingabe uyilungiselela kahle inkonzo yasensimini? Ingabe unezikhathi zokuprakthiza ukuze uzijwayelanise namazwi okuqalisa ingxoxo adonsa isithakazelo sabanini-khaya? Ingabe uyaqikelela ukuba ufunde iSihloko Sengxoxo samuva futhi uzame ukusisebenzisa? Ingabe uyawenza umzamo wokubonisana ngemiBhalo ngendlela egculisayo ezindlini?—IzE. 17:2.
INQABAYOKULINDA IWUSIZO
5 INqabayokulinda iye yasiza izigidi ukuba zisuke ebumnyameni ziye ekukhanyeni. Isibonisa indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli zokuziphatha, yokuqonda iziprofetho zalo zosuku lwethu, kanye nokuhlukanisa phakathi kwenkolo yeqiniso neyamanga ukuze sihambe ngendlela evunyelwa uJehova.
6 Iqiniso leBhayibheli liye lavezani njengoba livezwa INqabayokulinda? Lonke uhlobo lwabantu luyasizwa ukuba luthole insindiso ngokuba nolwazi oluqondile ngoNkulunkulu neNdodana yakhe. (Joh. 17:3; 1 Thim. 2:4) Omunye umfundi wabhala: ‘Yeka indlela engiyazisa ngayo INqabayokulinda! Izihloko zayo kufanele zisize wonke umuntu ukuba abone ngokucacile izikhathi nezinkathi esiphila kuzo. Nginibonga kakhulu ngokucwaninga okukhulu, ukutadisha, kanye nomsebenzi eniwenzayo lapho nilungiselela INqabayokulinda, ewukudla okungokomoya ngempela.’
SEBENZISANI UKUQONDA
7 Phakathi nalenyanga yesibili yomkhankaso wesikhokhelo seNqabayokulinda, kudingeka sifune amathuba okususa abantu ebumnyameni sibayise ekukhanyeni. Izingxoxo zeBhayibheli nabantu esibahambela endlini ngendlu ziyasisiza ukuba sikwazi ukukwenza lokhu. Lapho sithola abantu ababonisa isithakazelo esiqotho esigijimini soMbuso, singabonisa inzuzo yokuba bafunde INqabayokulinda njalo. Uma umnini-khaya ejwayelene nomagazini futhi ewazisa, ungase umbuze ukuthi angathanda yini ukwenza isikhokhelo sawo. Lapho engasivumi isikhokhelo sonyaka, sikisela isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha. Qhubeka uhambela bonke abantu abenze isikhokhelo unombono wokuqalisa isifundo seBhayibheli sasekhaya esikhiqizayo.
8 Njengoba siya endlini ngendlu, sihlanganyela ekufakazeni emgwaqweni, noma sifakaza ngokwethukela kwesisebenza nabo, esifunda nabo, kanye nezihlobo zethu, sihlanganyela ekusakazeni iqiniso elingakhulula abantu. (Joh. 8:32) INqabayokulinda iyithuluzi elikhethekile elingabasiza ukuba bathole inkululeko futhi babone ithemba lokuthola ukuphila okuphakade ligcwaliseka, ibasuse ebumnyameni ibayise ekukhanyeni.