Sebenzisa IBhayibheli Enkonzweni Yasensimini
1 Amazwi aphefumulelwe eBhayibheli angaba nethonya elinamandla kubantu. Ngenxa yalesizathu, amaKristu ekhulu lokuqala ayisebenzisa kahle imiBhalo lapho ememezela izindaba ezinhle. UPawulu ‘wathathela emiBhalweni,’ echaza futhi efakazela amaphuzu akhe ngezikhombo. (IzE. 17:2, 3) UApholo, lapho efakaza kumaJuda, ‘wakhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.’—IzE. 18:24-28.
2 OFakazi BakaJehova namuhla balandela lesisibonelo. Njengoba kwaboniswa kuyiNqabayokulinda kaMarch 1, 1986, ikhasi 26: “Lapho behlanganyela enkonzweni yasobala, bafuna abantu babone ukuthi isigijimi abasimemezelayo akusona esabo kodwa sivela eZwini likaNkulunkulu. Ngakho balisebenzisa ngokuqondile iBhayibheli, belifundela abanye ngokoqobo noma nini lapho kunokwenzeka.” Ingabe ulisebenzisa ngokugcwele iBhayibheli enkonzweni yakho?
ISIZATHU SOKUBA LIPHUMELELE
3 Kungani iBhayibheli liphumelela kangaka? Ngenxa yokuthi liyiZwi likaNkulunkulu futhi “lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.” (Heb. 4:12) Izisusa zangempela zabantu ngabanye ziba sobala lapho beboniswa iqiniso lemiBhalo. Abantu abanhliziyo ziqotho badonsekela kulo. Ngokwesibonelo, omunye umbhangqwana osemusha owathuthuka ngokushesha ekukhonzeni uJehova wabuzwa ukuthi kungani wasabela ngokushesha kangaka ezindabeni ezinhle. Yaba yini impendulo yawo? “KwakuyiBhayibheli.” Lapho abamemezeli ababewuhambele bedonsela ukunaka kwawo eBhayibhelini, waqaphela izwi ‘likamalusi omuhle.’—Joh. 10:14; wZU78 12/1 kk. 22-3.
4 Ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokungenzi kahle lapho usebenzisa iBhayibheli lakho enkonzweni yasensimini? Isimiso esihle sesifundo somuntu siqu, kuhlanganise nokulungiselela kanye nokuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla, kuyokuhlomisela yonke imisebenzi emihle futhi kukunikeze isibindi esengeziwe. (2 Thim. 3:16, 17) Abantu abasebenza ndawonye enkonzweni kanye namalungu omkhaya bangaprakthiza ukusebenzisa iSihloko Sengxoxo komunye nomunye. Futhi, eziningi zezethulo ezisemakhasini 9-15 encwadi Ukubonisana zihlanganisa ukufunda umbhalo ekuqaleni kwengxoxo. Kungani ungaprakthizi ezinye zazo? Sebenzisa lokho okusebenzayo nokudonsa isithakazelo sabantu ensimini yakini.
SEBENZISA UKWAHLULELA OKUHLE
5 Kunezikhathi lapho siyofuna khona ukucela umnini-khaya ukuba athathe elakhe iBhayibheli futhi afunde kanye nathi umbhalo. Sebenzisa ukwahlulela okuhle ezimweni ezinjalo. (Bheka incwadi Ukubonisana, ikhasi 94, isigaba 2.) Lapho kudingeka ukuba sifushanise, singase sinqume ukufunda owodwa nje emibhalweni yeSihloko sethu Sengxoxo. Noma uma nathi sibona ukuthi umnini-khaya umatasa, singamane nje sicaphune umshwana ofanelekayo, senze umnini-khaya azi ukuthi uvela eBhayibhelini. UJesu nabaphostoli babengenawo awabo amakhophi emiBhalo YesiHeberu ababehamba nawo lapho beyoshumayela. Kodwa babecaphuna kakhulu kuyo. Nathi ngokufanayo kufanele senze umzamo wokugcina imibhalo engqondweni ukuze siyikhumbule ngenjongo yokuyisebenzisa enkonzweni yethu.
6 UPawulu wanxusa uThimothewu ukuba ‘aqondise kahle izwi leqiniso.’ (2 Thim. 2:15) Iseluleko esifanayo siyasebenza kithi namuhla. Sifuna ukulingisa uJesu nabaphostoli ngokulisebenzisa njalo iBhayibheli enkonzweni yethu yasensimini. Lifunde noma nini lapho kunokwenzeka, kodwa uma kudingeka, licaphune ngekhanda. Ukwenza kwethu lokhu ngokuphumelelayo kuyokwenza kucace ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu nokuthi isigijimi sethu sisekelwe ngokuqinile eZwini lakhe.