IBhokisi Lemibuzo
● Kungani kutuswa ukuba abamemezeli basebenze nebandla elisensimini abahlala kuyo?
IBhokisi Lemibuzo elalikuNkonzo Yethu YoMbuso kaNovember 1990 laxoxa ngokuningiliziwe ngalombuzo. Sifisa ukuzwakalisa ukwazisa ngokusabela okuhle abazalwane abaye bakubonisa kulesihloko. Imibiko evela kubabonisi bezifunda abaningi ibonisa ukuthi abadala abaningi nezinceku ezikhonzayo bahola ekuhlanganyeleni nebandla elisensimini abahlala kuyo. Abamemezeli abaningi balandela isibonelo sabo esihle. Ngakho-ke injongo yalesihloko imane nje iwukukhumbuza bonke abazalwane ngesiqondiso iNhlangano eye yasinikeza ngalokhu.
Kubalulekile ukwenza izinto ngendlela ehlelekile nengokwasezulwini. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. . . . Konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.”—1 Kor. 14:33, 40.
Nakuba kungase kube nokuhluka kwezimo ngenxa yobunzima bokuthola izinto zokuhamba, izimiso zomsebenzi wokuziphilisa, noma isidingo sokusiza ekuphatheni, ngokuvamile kungcono kakhulu ukuhlanganyela ebandleni elisensimini esihlala kuyo. Lokhu kwenza inkonzo yasensimini ibe lula ngokwengeziwe, futhi akudingeki sihambe ibanga elide kangako ukuze sisebenze neqembu elingekho endaweni esakhe kuyo. Kusibeka esimweni esingcono sokusebenza nabanye abasebandleni lethu nokuqondisa abasanda kuthakazela emihlanganweni okulula ngabo ukuba baye kuyo. Futhi kusenza sibe seduze nabafowethu nodadewethu abasendaweni esihlala kuyo abangasisiza lapho sihluphekile.
Ngokusebenza ngokuzithoba senza ngokuvumelana namalungiselelo enziwe, sibonisa ukuthi sigcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala. (Luka 16:10) Lapho kumiswa ibandla elisha noma kuhlelwa kabusha iZifundo Zencwadi Zebandla, singase sikhethe ukungahlukani nabangane abathile. Kodwa ngokwamukela ilungiselelo elisha, singaba nabangane abasha futhi sanuleke ekuhlanganeni kwethu okungokwasezulwini. Futhi, kuba lula ngabadala ukuba baluse umhlambi futhi bathuthukise isimo esingokomoya sebandla lapho abamemezeli behlala ensimini yebandla abahlanganyela nalo.