Ukufakaza Njengeqembu Kuletha Injabulo
1 Lapho uJesu ethuma abafundi abangu-70 ukuba bayoshumayela, wabatshela okwakumelwe bakusho, wabahlela ngababili, wabachazela nangensimu ababezoyisebenza. Lokhu kwabenza bajabula. (Luka 10:1-17) Nanamuhla, ukufakaza njengeqembu kwenza abantu bakaNkulunkulu bahleleke, bahlomele umsebenzi wokushumayela futhi bakhuthazeke kuwo.
2 Abadala Bayahola: Abadala banendima ebalulekile ekusizeni bonke ukuba bahlanganyele njalo emsebenzini wokushumayela. Umbonisi wenkonzo uyahola ekwenzeni amalungiselelo enkonzo yaphakathi nesonto. Kungumsebenzi wombonisi wesifundo sencwadi ngamunye ukuhlela umsebenzi weqembu lakhe, ikakhulukazi ngempelasonto. Ngezikhathi lapho ibandla lihlangana lonke ukuze liye ensimini, njengasemva kweSifundo Se-Nqabayokulinda, umbonisi wesifundo sencwadi ngamunye kufanele anakekele izidingo zeqembu lakhe.
3 “Ngokufaneleyo Nangohlelo”: Lowo owabelwe ukuqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini kufanele awuqale ngesikhathi futhi umhlangano ube imizuzu engu-10 noma engu-15. Kungcono kakhulu ukuba abe abamemezeli nensimu (ngaphandle uma kungababonisi bezifundo zencwadi abazokwenza lokho, njengoba kushiwo ngaphambili) ngaphambi komthandazo wokuphetha. Lokhu kwenza ukuba singabi khona isidingo sokuba abamemezeli bakhe izixuku ensimini, okungawehlisa isithunzi umsebenzi wethu. Futhi kuvumelana neseluleko sikaPawulu, esithi: “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Kor. 14:40) Bonke abeza kule mihlangano kufanele babe nengxenye ekwenzeni leli lungiselelo liphumelele ngokuba bafike ngesikhathi, babambisane ngokugcwele noholayo, basuke ngokushesha baye ensimini uma sekwabiwe.
4 Siyasondelana Sibe Nobunye: Amalungiselelo okufakaza njengeqembu anikeza ithuba elihle kakhulu lokwazi abanye ebandleni. Nakuba kunganqatshelwe ukuhlela ukusebenza nothile, kungasizuzisa nokuba khona emihlanganweni yenkonzo yasensimini kungekho malungiselelo esesiwenzile. Singase sabelwe ukusebenza nomuntu esingamazi kahle, ngaleyo ndlela sikwazi ‘ukwanuleka’ othandweni lwethu.—2 Kor. 6:11-13.
5 Ukufakaza njengeqembu kuyasikhuthaza futhi kusenza sisondelane ‘njengezisebenzi [ezindawonye] eqinisweni.’ (3 Joh. 8) Kwangathi singahlanganyela ngokugcwele kukho!